Namanje kufanele ukuba sikugcizelela ukuthi uma ungumnazaretha kaNkulunkulu kumele ngaso sonke isikhathi uhlale ebungcweleni!
Isihlabelelo 162
1.Amen, amen,amen
Amen, amen, amen
Inhlaba umuthi wasendle
Awuthathi lutho ngokubaba
Kunezwi lakho Simakade
Ezinhliziweni zabaningi
2.Amen, amen, amen
Amen, amen, amen
Iboza umuthi wezintaba
Awuthathi lutho ngokubaba
Kunezwi lakho Simakade
Enhliziweni zabaningi.
3.Amen, amen, amen
Amen, amen amen
Bawushiya sewuvele
Lowo muzi okhazimulisayo
Bahlehlela emuva.
Uyifa lamaqhawe.
4.Amen, amen amen
Amen, amen amen
Hlomani wemaqhawe
Izithelo zokholo
Bekezelani noma kunjalo
Kungenwa kanzima.
5.Amen, amen, amen
Amen, amen amen
Nesango lakhona lincane
Alingenwa nemithwalo
Shiya phansi leyo mithwalo
Alingenwa nemithwalo.
1.Ngesonto eledlule sikhulume sagxila ekuziphatheni komNazaretha ngokocansi.
2.Lesi sono sifana nokuthathakatha, ngoba baningi abantu abangamakholwa abathakathayo, kodwa umuntu aphike ngokuthi ukuthakatha kuyimfihlo, lesi isono esaziwa yimi ngedwa, abanye abantu abasazi!
3.Noma ekuthakatheni kwakho ungaziwa, kodwa uNkulunkulu usuke ekwazi! Uma usukholwe ngempela, uba ngumuntu owesaba kakhulu uNkulunkulu kunomuntu.
4.Lokho kusiza ngokuthi uma usuwesaba uNkulunkulu, akudingi ukuthi ube nesono othi usicashisela umuntu, ngoba uyazi ukuthi noma umuntu isono umcashisele sona, kodwa uNkulunkulu uyabona!
5.Noma namuhla singazukugxila esonweni socansi, kodwa ngiyafisa ukuthi okokuqala sikhumbuzane ukuthi uma usukwazi ukunqoba isono socansi, usuke usungumuntu okwazi ukugcina ubungcwele bakho, ngoba usuyazi ukuthi umzimba wakho ulithempeli lakho uNkulunkulu ohambela kulo!
6.Bonke abasha, ngabe ngamakhosazana noma ababafana, kumele nihlale nazi ukuthi umzimba yenu ilithempeli umuntu nomuntu oligcinele uNkulunkulu!
7.Uma umzimba wakho usuwenze ithempeli lakho, uyobona wenza izimangaliso ngawo!
8.Noma ufica umuntu egula kanjani, ubokwazi ukuthi uma uziphethe kahle, uyothi uma umthandazela, aphile!
9.Kukhona amazwi ashiwo nguYeshua, engangijwayele ukuwezwa ekhulunywa iNkosi iLanga!
10.Uthi uYeshua: “Hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamaJuba.
11.Ningathathi amaparel enu niwaphonsele izingulube, ningathathi ubungcwele benu nibuphonsele izinja, ngoba izinja nezingulube azikwazi ubungcwele, zizongena neparel lakho odakeni zilihliphize!
12.Iparel yitshe eliyigugu njengegolide, elitholakala ngaphansi kolwandle. Liyigugu kakhulu, uma ulitholile kufana nokuthi uthole igolide!
13.Kodwa ingulube ayazi ukuthi iparel yinto eligugu, yikho ingangena nalo odakeni!
14.Kodwa wena uma uthola iParel, uyaligcina, ngoba uyazi ukuthi liyitshe elingatholakali, elifunwa nguye wonke umuntu!
15.Nonke njngoba ningamakhosazana, ningamaparel emhlabeni, niyizingelosi ezulwini!
16.Kodwa abantu basemhlabeni abakwazi lokho, yikho noma uyinkosazana umuntu wasemhlabeni ekweshela, afune ukuba ube yintombi yakhe, afune ukulala nawe ukuze aqede ubukhosazane bakho, ngoba kuye ufana nawo wonke amanye amantombazane!
17.Kodwa ezulwini awunjalo, ezulwini inkosazane ingcwele, iyefana nengelosi, yikho nje nomholi inkosazane ivunyelwe ukumbusisa! abusiseke, ngoba usuke ebusiswa ngumuntu ongcwele!
18.Kulelibandla ayikho into eyaziswa njengenkosazane! Ngakho-ke nonke bantabami nihlale nikulwela ubukhosazane benu! Nabafana abangamaNazaretha behlale bekulwela ubukhosana babo!
19.Ukugcine ubunsizwa bakho, uthi, “Mina ngiyinsizwa yomNazaretha, angisoze ngazingcolisa ngomuntu wesifazane!” Lobo bungcwele bakho ngaso sonke isikhathi ubuvikele, uziqhenye ngobunsizwa bakho!
20.Ngesinye isikhathi iNkosi iLanga yake yashumayela ngenyoni yezulu eyatholwa ngumzingeli ihleli nezinkukhu, yagcina nayo isiyinkukhu!
21.Uthi-ke uBaba, umzingeli wafika kwelinye ipulazi wafica kunenyoni ehlala nezinkukhu. Wabe umzingeli esembuza lomlimi ukuthi wayithathaphi lenyoni?
22.Wathi umlimi: “Akusiyo inyoni le, kodwa inkukhu nje efana nazo zonke ezinye izinkukhu.”
23.Uthi-ke umzingeli: “Cha, akusiyo inkukhu le, kodwa inyoni yezulu le.” Baphikisana nalomlimi, ethi yena inkukhu le eyazalwa ngezinye izinkukhu khona nalapha ekhaya!
24.Wabe esethi umzingeli akayovuka ekuseni lingakaphumi ilanga nalenkukhu, behlangane entabeni, bese lenkukhu eyibhekisa elangeni.
25.Nempela umlimi wafika nalenkukhu ekuseni lingakaphumi ilanga, nomzingeli wabe esekhona lapho.
26.Kwathi uma kuphuma ilanga, umlimi lenkukhu wayibhekisa elangeni. Kwathi uma amehlo alenkukhu ehlangana nelanga, yavela yandiza yaze yayosithela emafini.
27.Uthi-ke umzingeli: “Ngikutshelile ukuthi akusiyo inkukhu le, inyoni yezulu le!” Wamangali umlimi ukuthi kanti kumi kanjani!
28.Uthi-ke uBaba iLanga, lenyoni yezulu yahlala nezinkukhu, yagcina nayo isiphila njengezinkukhu, isidla zonke izinto ezingcolile ezidliwa yizinkukhu!
29.Ithi-ke iNkosi, kukhona amaNazaretha aqala kahle ekukholweni, aba zinyoni zezulu.
30.Kodwa emva kwesikhathi base bekhohlwa ukuthi bayinyoni yezulu, okuthi ngokuhlala nabantu abangakholwa, nabo bagcine sebengakholwa, sebedla zonke izinto ezidliwa ngabantu abangakholwa nabangazi lutho ngobungcwele!
31.Ngokwenze njalo, bese buyaphela ubungcwele babo, befane nezinkukhu, bengabe besakwazi ukundiza njengenyoni yezulu!
Isihlabelelo 114.
1.Wangidala Nkulunkulu
Thixo Nkosi yamakhosi,
Wangibeka kuleyo nsimu
Ngokungithanda okungaka.
2.Insimu eyayingadingi lutho
Insimu eyayinezithelo zayo
Wangiyalela ukuzidla zonke
Ngokungithanda okungaka.
3.Emzuzwini nezikhathi
Ngakhohliseka Nkosi yami
Ngaze ngawudla lowo muthi
Baphela bonke ubuhle bami.
4.Ngingabuyiselwa ngani na
Ebuhleni enganginabo
Ngingakayephuli imithetho
Ngokungithanda okungaka.
5.Ngiyadinga Nkosi yami
Insipho yokungigeza
Ngibuyele ngokushesha
Ebuhleni enganginabo.
32.Nawe uma ujwayele ukuhlala nabantu abangakholwa ugcina usufana nabo, usuphila impilo yabo, kuphele ukuthi ungcwele, kuphele ukuthi ungumntwana kaNkulunkulu, ugcine usudla konke ukudla okungahlambulukile, ungasakhethi lutho, usudla nengulube!!
33.Uma ngaso sonke isikhathi utholakala unabangane abangasiwo amaNazaretha, nawe ugcina usuphila impilo yabo, usudla ukudla okushisayo ngeSabatha, usuwenza izinto eziningi eziphambene nomthetho wobungcwele esiwufundiswe nguShembe!
34.Namanje kufanele ukuba sikugcizelela ukuthi uma ungumnazaretha kaNkulunkulu kumele ngaso sonke isikhathi uhlale ebungcweleni!
35.Uma uyinkosana noma uyinkosazana awuqonywa, futhi awuqomi!
36.Uma uyinsizwa awuzihlanganisi nabafana abahlale bekhuluma ngokuqonywa, kanjalo inkosazana yalapha ekhaya ayikhulumi lutho ngokuqoma, nezinto ezifana nalokho!
37.Bonke abantu bakuleli bandla, oganiwe nongaganiwe, awuzibuki izithombe zocansi, noma ngabe ngezezilwane, awuwulaleli umkhuba okhulunywa ngabantu noma kufacebook.
38.Awuwuhambeli umcimbi ongahlangene ngalutho nokukholwa, noma ibhola, noma umdanso, ungavumeli ukukhangwa yinto engahlangene nokukholwa!
39.UmNazaretha akanteyi nakunteya ngomkhuba! Mina ngakhula ngesaba kabi ukukhuluma umkhuba, ngoba kithi wawungakhulunywa umkhuba noma ngowanhloboni!
40.Uma ngizwa umuntu ekhuluma umkhuba ngangenyela njengomuntu wesifazane, ngisuke eduze kwakhe!
41.Umkhuba ngaze ngawejwayela sengisenkantolo, ngoba enkantolo kufanele yonke into uyisho njengoba injalo.
42.Ngaphandle kwalokho, enkantolo uhlale uhlangana nabantu ukukhuluma kwabo okuhlale kunenhlamba phakathi!
43.Inkosana noma inkosazana ayiyenzi i-masterbation, lesi isono esibi njengazo zonke izono!
43.Akusho lutho ukuthi lento uyenza uwedwa, kodwa uNkulunkulu usuke ekubona, akudikile ngokukubona wenza lowo mkhuba!
44.Lolucansi olwenza ngaleyo ndlela, lowo muntu olala naye ngemicabango, ezulwini kubhalwa ukuthi ulale naye ngempela, yize yena engakwazi lokho!
45.Uma uyinkosazana, wenza leyonto, ezulwini kubhalwa ukuthi awusaphelele ebunkosazaneni bakho!
46.Kulelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba akwemukelekile ubungqingili, noma ngabe ukubiza ngaliphi igama!
47.Lokho kusho ukuthi akuvumelekile ukuthi ungowesilisa ulale nomunye wesilisa njengowesifazane, noma ungowesifazane ulale nowesifazane sengathi ulele nowesilisa!
48.Leso senzo singamanyala ezulwini, singasenzi, ungazisondezi kubantu abenza leyo mikhuba!
49.Uthi uNkulunkulu abantu abaficwa benza into enjalo, mababulawe! Kodwa ngoba siku democracy, asivunyelwe ukubulala!
50.Ungalali nesilwane noma ngayiphi indlela. Leso sono siyisinengiso namanyala amabi ezulwini. angenke ulibone izulu uma wenza leso sono!
51.Kulelibandla asikhishwa isisu (i-abortion), ukukhipha isisu kuyefana nokubulala! Kuleli bandla umuntu akabushintshi ubulili bakhe, isono esibi leso!
52.INkosazane ayiyifaki ingubo ezoveza umzimba noma ngayiphi indlela. UmNazaretha akakhangisi ngomzimba wakhe kubantu besilisa, ubutik-ilayini lobo obungasoze babekezelelwa kuleli bandla!!
53.Kulelibandla akuvunyeliwe ukuba uxhume izinwele zakho ngezinwele zezinye izizwe! Akuvumelekile ukuba indoda yeluke izinwele zayo. Izinwele aziklanywe!
54.Inkosazana ayilifaki ibhulukwe, ayizipendi izinzipho, ayiba nezinzipho ezingumfakela, eminweni yezandla neyasezinyaweni, akakho amacici afakwa esiswini noma olimini, noma emakhaleni!
55. umuntu okulelibandla akawupendi umlomo, akawapendi amashiya, akazixhumi izinkophe!
56.Nihlale ngokuthandaza ngaso sonke isikhathi. Usejwayele isihlabelelo esithi: “Mbonge uJehova mphefumulo wami usenethuba!”
57.Uma usemusha, kumele ungakuvilapheli ukuya esiguqweni ngaso sonke isikhathi!
58.Kulelibandla likaJehova asiyifaki i-tatoo noma ngenjani, noma kuphi! Itatoo iphambene nomthetho kaNkulunkulu! Uthi uJehova, bonke abantwana bakhe ababe ngcwele njengaye!
59.Kulelibandla lamaNazaretha, asiligundi ikhanda noma nini, noma kufiwe; asigundi ngenxa yabafile(Dutoronomi 14:1-2).
60.UMnazaretha akabuphuzi utshwala, akawaphuzi amahewu, akawahlabeli amadlozi noma abalele, akayi esangomeni noma kumthandazi ukobhula!
61.Umthetho walelibandla uthi uma ufuna ukuganwa, uqala unikele ucele kuNkulunkulu ukuganwa.
62.Uma usubikile ngomnikelo ukuthi ucela ukuganwa, ngokukholwa kufanele inkosazana uyicele ungakaze ukhulume nayo!
63.Kodwa ngezinqinamba esahlangabezana nazo, engingazukuziveza lapha, sekuvumelekile ukuthi inkosazana nensizwa baqale bevumelane, uma sebevumelene, bese bezobika enkonzweni ukuthi sebevumelene ukuganana!
64.Uma abantu sekubikiwe ebandleni ukuthi sebeganene ngokwenkonzo, abashade ngokushesha.
65.Akuvumelekile ukuthi asebecelene, bengashadi, ngoba bazogcina sebehlangana ngokocansi, okungukwephula ,umthetho kaNKulunkulu!
66.Kulelibandla alisetshenziswa igama lokuqoma, ngoba singamakholwa, inkosazana iyagana, ngoba ngaso sonke isikhathi inhloso ukugana nokuganwa, inkosazana uyicelela kuphela ukuba ikugane!
67.Kulelibandla ayikho lemicikilisho eyenziwa kwamanye amaNazaretha uma kushadwa!
68.Uma usuceliwe umkhwenyane ukhipha u16 thousand Rand oyilobolo, awunike abazali benkosazana uma kuyinkosazane, kodwa uma ingasaphelele, umkhwenyane ukhipha ilobolo lika R15 thousand Rand.
69.Umshado eNCG wenzelwa ethempelini, emva kokusinwa ubusiswe ngumfundisi efakazela uNkulunkulu ukuthi laba sebengumfazi nendoda!
70.Azikho izibizo, ayikho into engukuqhoyisa, umshado uphelela ethempelini.
71.Emva kokuhlanganiswa ngokukholwa, seniganene ngokuphelele, ekuqedeni umshado umakoti akabe esaya ekhaya, kodwa uhamba nomkhwenyane wakhe, ngoba basuke sebeganene ngokwasezulwini!
72.Kodwa uma nithanda ningabuye niwenze umshado wenu omkhulu, kodwa okumele ukuqaphele ukuthi uhamba ngokukholwa kuphela!
73.Isihloko salenkonzo sithi: “Ingozi yokufuna isibusiso, ubuye nesiqalekiso!”
74.Ayikho into ebandleni lamaNazaretha ebaluleke njengesibusiso. Yikho kuvumelekile ukuthi uma unikela, ngingakuniki isibusiso, ungikhumbuze ukuba ngikunike isibusiso.
75.Kulelibandla igama elithi “ngiyabonga” kodwa ungashongo ukuthi “INkosi ikubusise”, alijabulisi!
76.Ngaso sonke isikhathi kumele ukuthi uma umuntu ekwenzela into enhle, ugcine ngokuthi,”INkosi ikubusise!”
77.Leligama elithi ‘iNkosi ikubusise’ ebandleni lamaNazaretha lingasho izinto eziningi.
78.Uma uthi kumuntu: “INkosi ikubusise,” usuke uthi kulokho okwenzile inkosi ikwandisele inhlanhla, kuye ngokuthi ufuna yiphi inhlanhla.
79.Kwesinye isikhathi umuntu engafike akhulume, ngingamuzwa, kodwa uma ngithi: “INkosi ikubusise,” akusho lutho ukuthi ngizwile noma qha, ngoba isibusiso usunikwa ngongabonwa, uNkulunkulu!
80.INkosi iyakuzwa ukuthi uthini, bese iyakubusisa njengokucela kwakho.
81.Izibusisoke zehlukene kabili, kukhona isibusiso ongasithola kunoma yimuphi umuntu, bese kuba khona isibusiso osithola enkonzweni.
82.Ngaphandle kwamaNazaretha, amabandla amaningi akafunde lutho olutheni ngesibusiso.
83.Yingakho omunye umuntu uma umenzela into avele athi, “Ngiyabonga, kanti thina sithi: “Inkodsi ikubusise,” ngoba isibusiso sisodwa sinokukhuluma okwehlukile kunokuthi ngiyabonga uma kubhekiswe komunye umuntu!
85.UBaba iLanga wake wakhuluma ngombhikisho owenziwa yizinja, zithi zona zenqatshelelwani ukungena ezulwini.
86. Wathi uNkulunkulu izinja azidalelwe ukungena ezulwini. Zakuphika lokho izinja, zathi nazo zifuna ukungena ezulwini!
87.Kwase kuthiwa aziyoma esangweni lezulu ukuze zivulelwe nazo zingene ezulwini.
88.Kwathi uma livulwa isango lwezulu, izinja zeza ngelikhulu ijubane zizongena ezulwini. kodwa kwathi kuphakathi, kwase kuqhamuka inyamazane, idabula kuzo lezi zinja.
89. zayeka ukuyongena ezulwini, ezinye zajika seziphakathi ezulwini, zasukela inyamazane, zakhohlwa indaba yezulu, laze lavalwa!
90.Uthi-ke uNkulunkulu: “Bengivele nginitshelile kwasekuqaleni ukuthi nina anidalelwanga ukungena ezulwini. Seniyabona-ke manje, niziphumele ngokwenu ezulwini ngoba anidalelwanga ukungena ezulwini!
91.Uma ungakudalelwanga ukukholwa, wenza noma ungaba senkonzweni, kodwa wenqatshwa yimisebenzi yakho ukuthi udalelwe ukulahlwa!
92.Eminyakeni ephambili sasisemhlanganweni ngo July eBuhleni. Ngase ngiya kwelinye idokodo lomunye usisi engangiyisihlobo sakhe.
91.Ngangena ngokukhulu kulelidokodo, ngithi ngiza kudadewethu. Lelidokodo linekamelo.
92.Uma ngingena kulelikamelo, ngifica indoda iqhethile khona lapha edokodweni, kwacaca ukuthi ilale khona lapha.
93.Lomakoti ushadile, ushade omunye umuntu. Ngashawa uvalo ngakhungatheka ukuthi yini le engiyibonayo, kanti ngitshelwa nguNkulunkulu ukuthi buka lodadewenu ukuthi wenza mikhuba mini lapha esontweni.
94.Ngathula sengathi angiboni, ngavalelisa ngahamba. Emva kwesikhashana ngabona lomakoti esefika lapha kimi enkantolo ezongibikela ukuthi uhlushwa ngumyeni wakhe.
95.Esondile, emubi, kanti wayengumuntiu omuhle kakhulu. Kwabonakala ukuthi usehlaselwe yingculazi, awakuphika lokho!
96.Ngazibuza ukuthi njengoba ngiyamazi ukuthi ukuqomile, ucabanga ukuthi indoda izomphatha kanjani kahle uma enemikhuba enje, uthi mina angenzeni kumuntu othi eganile ezolala nenye indoda emhlanganweni? Wagcina ngokufa, esebulawa yingculazi lomakoti!
97.Ngikhuluma ngokuthi kunabantu okuyaye kuthi izibusiso baziphendule isiqalekiso ngenxa yemisebenzi yabo emibi, abangafundiseki.
98.Yathi ingelosi, thina siyakwazi ukuthi sicele kuNkulunkulu ukuthi singafi sisebencane, uNkulunkulu asinike leso sibusiso, nempela sikhule!
99.Yathi kodwa uma uke walala nomyeni wakho, noma nomkakho ngesikhathi somhlangano, ezulwini kubhalwa icala lokuthi ukhwelezela uNkulunkulu, ngoba ngesikhathi somhlangano onke amakholwa asuke mabheke kuNkulunkulu!
100.Ngaleso senzo, ezulwini kususwa iminyaka engamashumi amathathu eminyakeni obuzoyiphila! Ningakukhohlwa lokho!
101.Kodwa ngahlangana nento engingayikholwa, ukuthi umuntu engumakoti angaya emhlanganweni eyolala nenye indoda!
102.Lowa ntombazana wayengumuntu oyisaliwa ezulwini, kodwa yena wayengakuboni lokho! Angazi ukuthi ngoba wayeyinzalo yobuNazaretha, wayethi wenzani?
103.Kodwa-ke baningi abantu abanjalo, abenza noma yisiphi isono, noma ngabe kusemhlanganweni.
104.Njengoba sisemhlanganweni, ngethemba ukuthi akakho phakathi kwethu ozobuya nesiqalekiso esogcina sithatha impilo yakho njengalentombazane eyayishlobo sami.
121.Ningadlali ngomusa kaNkulunkulu, ngoba ekugcineni uNkulunkulu uzokubulala, usufile ekufake esihogweni!
122.Yaphela kanjalo indaba yalomakoti wakithi owayelala namadoda emhlanganweni!
INkosi ibusise lokho enikuzwile!