Kodwa bangcwele nakuba umusa wakhe uhlezi phakade, kukhona isikhathi esizayo lapho uyovalwa khona, uvalwe kuthiwe ngqi, kuthiwe awusekho umusa bese kuthiwa ongcolile makahlale engcolile, bese kuthiwa omsulwa makahlale emsulwa. Kuyobe kungasekho ukujika lapho uma sekuvalwe umusa, akukho ukuthi uyobe usathandaza, uthi ‘hawu, nami ngicela ukuphenduka,’ kuyobe sekuvalwe umusa!!
Inkonzo yangeSabatha ekuseni mhlaka 24 February 2024 besiyiphathelwa nguMfundisi Dr Mduduzi Xakaza eNqobizitha.
ISIHLABELELO 147.
Isikhonzi senhlupheko uShembe kwela kwazulu eNelisiwe
ngomhlaka June 15, 1927.
1 Izwi lezulu lizwakele
Emhlabeni wonke,
Lizwenini bantu nonke
Alikhethi noma munye
Liyababiza bonke abantu,
Alikhethi noma munye.
2 Izintaba nemimango
Ziye saba lelo lizwi,
Lelo lizwi elomemo
Elimema izizwe zonke,
Alikhethi noma munye
Liya mema bonke abantu.
3 Izindunduma ngobuningi bazo
Ziya kubikelana zona,
Ziyoba nelikhulu ivuso
Ngokufika kwaleyo mini
Balekani bantu nonke
Iyesabeka leyo mini.
4 Wozani webadingi
Wozani webasweli,
Eniswele leyongubo
Yokwembesa umphefumulo
Liya kufika lelo langa
Uzodinga lowo mphefumulo.
1.Bangcwele, ngenxa yesikhathi, ngoba ngiyasibona sibalekile, ngizocela ukuthi ngivele ngingene kuyona indaba, ngiyabonga kakhulu esihlalweni sobukhosi esingikhombile ukuthi ngiphakele abangcwele ukudla kwasezulwini.
2.Nomake kungeyona into elula leyo, elikhuni kakhulu, ngoba ulala ungalele ucabange ukuthi laba bantu abangcwele yini engingabanika yona mhlawumbe abangenayo. Kodwa-ke sizosizwa uNkulunkulu kulendlela, kulenkonzo esizoba nayo la manje ekuseni.
3.Engikufisayo bangcwele ukuthi uNkulunkulu ethi ekhuluma kubantwana bakhe, nakumina futhi akhulume ukuze nami uma besizakala ngale nkonzo nami futhi ingisize, ingikhulise emoyeni ngoba sizele ukuzokhuliswa la, sifana nabantwana abondliwayo.
4.Sondlelwa ukuthi sibe namandla, sibe nendlela yokuhamba leyo ndlela yokugcina, uma sesihamba, sesiyowela yonke le mifula ebalwayo, umfula iHuze, uma sesibheka ukuthi lapha uma sifika, ngabe likhona yini itshe elibhalwe amagama ethu.
5.Kuyisifiso sami-ke bangcwele ukuthi sonke njengoba sila, nabangekho la endlini abalalele nje, balangazalele lokho, ukuthi umphefumulo uyembathe ingubo emhlophe khona sise la.
6.Isihloko salenkonzo yanamhlanje sithi USUKU OLUZAYO LUKAJEHOVA. Bangcwele, zikhona izinsuku zonke, ziyafika zonke, ziningi izinsuku zifika, sizibone ezimpilweni zethu. Kodwa kukhona usuku olulodwa nje oluzayo lukaJehova ekufanele siluqaphele namhlanje ekuseni.
7.Uma ngabe kukhulunywa ngosuku oluzayo lukaJehova, ngiyazi ukuthi baningi abantu abangahleka usulu bathi ‘hhayi, kade kwakuthiwa kukhona usuku oluzayo lukaJehova, kukhona usuku oluzayo lukaJehova, luphi pho?’
8.Baningi abantu abangahleka usulu bathi mhlawumbe le ndaba iyinganekwane, kodwa indaba kaNkulunkulu ayikwazi ukuba inganekwane.
9.Ngiye ngibuke ukuthi ngendlela esi.. angifuni ukuthi ngendlela esidaleke ngayo ngoba asidalekanga kanjalo,… kodwa ngendlela esesizifundise ngayo ukungaziboni izinto okumele sizibone, kuye kuthi uma sixwayiswa kanje, singaboni ukuthi noma isikhathi kungathi simile kodwa asimile isikhathi.
10.Noma kusengathi uma kuthiwa ‘hhayi luyeza usuku, qaphelani ukuphila kwenu, qaphelani ukuthi niyamulalela yini uNkulunkulu, niyayenza yini intando kaNkulunkulu ngoba luyeza usuku.
11.Kuba sengathi isikhathi simile ngoba i-second awukuzwa ukudlula kwalo, i-minute mhlawumbe ungakuzwa ukudlula kwalo, noma sekudlule ama minute, sekudlule ama hour kodwa ungaboni ukuthi kukhona usuku oluzayo, noma sekudlule iminyaka kodwa ungaboni ukuthi kukhona usuku olusondelayo, luyasondela.
12.Ngizocela ukuthi sidlule encwadini ka-Malaki 4 verses 1 – 4., Malachi 4 verses 1 – 4.
1 “Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti,
“lungabashiyeli mpande nagatsha.
2 Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.
3 Niyakunyathela phansi ababi, ngokuba bayakuba luthuli phansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engilwenzayo,” usho uJehova Sebawoti.
4 “Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngaye wonke u-Israyeli, waba yizimiso nezahlulelo.” Amein.
13.Ngiyafisa ukuthi nakuba singajwayele mhlawumbe ukuyifunda le ncwadi, kulesi sahluko, kakhukukazi incwadi kaMalaki, ngiyafisa ukuveza kancane ukuthi leli gama elithi ‘Malaki’ lichaza ukuthi ‘isithunywa sami.’
14.UMalaki lo kwakungumprofethi wakwaJuda owayephila ngesikhathi esisodwa no-Ezra, noNehemiya, ephila kule minyaka yabo 460 B.C. ngalesi sikhathi uMalaki esebenza, enza umsebenzi kaNkulunkulu.
15.Abantu ababephila ngesikhathi sikaMalaki, ikakhulukazi kwaJuda, babenamacala amaningi ababewenza phambi kukaNkulunkulu ngalesi sikhathi uMalaki eprofetha la, ekhuluma indaba kaNkulunkulu.
16.Ukukhonza kwabo kwakungasahambi kahle, kwakunenkohlakalo, kukubi, kungcolile, kungathandeki emehlweni kaNkulunkulu. Kanjalo-ke nokuziphatha kwabo abantu kwakungasekuhle kuNkulunkulu.
17.UMalaki wase ekhumbuza abantu ukuthi bakhumbule isivumelwano uNkulunkulu uJehova asenza nokhokho bethu ngesikhathi kusekhona inceku yakhe uMoses.
18.Uthi-ke uNkulunkulu la kuMalaki, khumbulani umthetho kaMose, iNceku yami engamyala ngawo eHerobe, ngawo wonke u-Israel waba izimiso nezahlulelo.
19.UMalaki lo, ngalesi sikhathi ekhuluma lezi zinto ezibalulekile, ekhuluma lezi zinto ezibalulekile, wazikhuluma lezi zinto eminyakeni, mhlawumbe ngabo 438 B.C., emva kokuthi iNkosi yamaPheresiya eyayisiphethe eBabhiloni, isibanikile abantu bakwaJuda ilungelo, ibakhulula ukuthi baphume ekuthunjweni kwaseBhabhiloni bahambe bebuyele eJerusalema naseJudiya, bafike balakhe kabusha iThempeli. Wabanika leyo permission uCyrus ngonyaka ka 538 B.C.
20.Lokho siyakuthola uma ngabe sifunda ku 2 iziKronike 6 verse 23, singazifundela emakhaya noma sikufunde manje bangcwele.
21.Futhi-ke uMalaki wayefika ngalesi sikhathi oHagayi noZakhariya sebekhulumile kakhulu bekhuthaza abantu ukuthi akuvuselelwe indlu kaJehova eJerusalema, iThempeli likaJehova eJerusalema, usefika nje usehamba phezu kwamazwi abo, sebukukhulumile lokho.
22.Laba profethi ababili babethembisile ukuthi uma abantu bekhuthalela ukuthi bavuselele ithempeli likaJehova eJerusalema, kwakuyoba Noxolo, abantu baphile kahle bangesweli lutho.
23.Bese kuthi nabanye abantu abasesezizweni ezingamkhonzi uNkulunkulu baphenduke babuye, babuyele kubantu bakubo.
24.Kubalulekile lokhu,
kungimangazile lokhu ukuthi emehlweni kaNkulunkulu kubalulekile ukuthi umuntu abuyele, aphume kwabezizwe, abuyele kubantu bakubo okuyibona akhonza kanye nabo uNkulunkulu.
25.IZwi leZulu bangcwele selishunyayelwe kakhulu kusukela ngo January 2010, lilokhu lishunyayelwa izwi lezulu. Ngo December 31 nje ngo 2023, besigubha iminyaka ewu 13 lasungulwa ibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, okuyilona bandla eliphethe iZwi leZulu namhlanje emhlabeni, libe lingekho elinye ibandla esingalithola esingathi liphethe iZwi leZulu, yilo leli kuphela.
25.Kodwa nakuba lunjalo, kuyabonakala ukuthi abantu emhlabeni, noma ngabe bangamaKrestu noma ngabe bangamaNazaretha, noma ngabe bayini, kepha kuyabonakala ukuthi basaziqhenya, basaziphakamisile abantu, futhi basenza ububi abantu.
26.Kodwa lobu bubi lobu obudabukisayo, abantu ababenzi ngoba bephambekile nje, iningi labo lenza lobu bubi ngenxa yokuziqhenya, nokuziphakamisa, i-arrogance.
27.Ngesikhathi bangcwele izintshumayelo zikaMelusi, ukuthu uthunyiwe ezulwini ukuthi atshele abantu, afundise abantu ukuthi uNkulunkulu owuJehova ukhonzwa kanjani.
28.Ngesikhathi sizi-share lezintshumayelo sizinika abantu ko-Social Media ukuthi abantu bazilalele, baphenduke, nathi sizisize ukuthi sibheke la esihamba khona ukuthi sisahamba kahle yini la.
29.Kodwa kuye kuzwakale kunabantu abanokuziqhenya, bethi silandela umuntu ntu, bethi sikuthathaphi lokho, ngoba umuntu lo ohlubukileyo, ohlubuke uShembe.
30.Lawo mazwi anjalo, amazwi abukela phansi umyalezo wasezulwini, ngamazwi okuziqhenya. Kodwa lithi izwi likaNkulunkulu labo bantu abanjalo, abaziqhenyayo, nabenza okubi, bayakuba ngamabibi. Liyakubashisa usuku oluzayo.
31.Kushiwo lapha usuku olufana neziko, oluyofika luvutha lufana neziko, lubashise futhi lingabashiyeli mpande nagantsha.
32.Ngiyafisa ukuthi sikuqaphele sonke lokhu ukuthi ukuziqhenya nokuziphakamisa, lapho silalela izwi likaNkulunkulu kodwa singafuni ukulamukela, kusimemela isimo esikanje, ukuthi kuyofika isikhathi, kuyofika usuku lapho bonke abaziqhenyanyo, nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibibi. Lolusuku lubashise usuku oluzayo. Ngoba lolosuku luyobe luvutha njengeziko.
33.Angazi noma abangcwele bayalazi yini iziko ngoba sesiye sipheke ezitofini manje, iziko asisalazi, laphayana iziko indawo ekubaswa kuyo, eshisayo, angeke uze ungene phakathi kuleyandawo ngoba iyashisa.
34.Kodwa ngalolusuku lukaJehova abanye bethu abaziqhenyayo, nabenza okubi, luyofika selubashisa njengeziko lolusuku uJehova alubekileyo.
35.Ngakhoke ngiyafisa ukuthi bangcwele singabi noku relax, singaphumuli singabhekile ukuthi ngabe asiyibo yini abantu abaziqhenyayo nabenza okubi.
36.Lapha ebuNazaretheni, nasenkolweni nje kaJehova jikelele yonke, akufanele sihlabele abaphansi, sihlabele imimoya yabangasekho kodwa abantu banendlela yokuku justify lokho.
37.Bathi, “hhayi into yasekhaya, angeke ngibe indoda ngingasahlabi. Hhayi ngeke ngikwazi ukulalela lezi zintshumayelo zalo muntu ohlubukile ngoba selokhu kwathi ntsho amaNazaretha ayahlaba. Akukho la uBabamkhulu asho khona ukuthi singahlabi sihlabele abaphansi.”
38.Ziningi izimpendulo ezike zivele uma kukhonjwa lento ukuthi layilungile, ayihambisani nentando kaNkulunkulu kodwa bese kuvela izimpendulo ezinje.
39.Kuphinde futhi kube khona umkhuba wokuthwasa, kuthi umuntu uma engenwe imimoya engahlambulukile, imimoya engavunyiwe, enqatshiwe ezulwini, kodwa bese kuyaphakanyiswa lokho, bese kuyatuswa, kuthiwe ‘hawu, kusho ukuthi ungenwe amaNdiki namaNdawu, kodwa kungabe kusaqaphelwa ukuthi wathini uMprofethi ngamaNdiki namaNdawu, akashongo yini uMprofethi ukuthi lokho kukufa kwabezizwe, kodwa esikhundleni slokho ngiye ngizwe sesikuncoma lokho, sikuphakamisa, kube sengazuthi kukhona isiphiwo asinikwayo esinikwa abaphansi.
40.Kodwa akufanele sihlangane nabaphansi, kufanele sinamathele kulo Moya onguMdali wezinto zonke, uNkulunkulu ophilayo.
41.Angazi-ke ngoba uma ngabe abantu bethwasa, baye bathwase, bese beyongena futhi emathempelini sebethwese. Angazi ngoba kuye kuthi ekuthwaseni kwabo sebephuma ephehlweni, bese futhi behlangatshezwa iwona amaNazaretha ngazo izigubhu, ngazo izimbomu zikaNkulunkulu, kube sengathi kuyiwa emgidini ongcwele.
42.Kodwa kusuke kuyohalaliselwa into yombuso kaSathane ngoba isangoma sisebenza umbuso kaSathane, uNkulunkulu uma eshaya umthetho ngezwi lo Mprofethi noSathane ashaye umthetho ngezwi le sangoma.
43.Ububi bonke lobo obuyobangela ukuthi nosuku uJehova athi uyalwenza… ngoba uthi uJehova ngosuku… “niyakunyathela phansi ababi, ngokuba bayakuba uthuli phansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engilwenzayo”
44.Akasho ukuthi uselwenzile. Usalwenza njengoba sikhuluma nje. Ubhizi uNkulunkulu usalwenza lolu suku, usuku oluyobe lushisa njengeziko.
45.Kuningi ukuziphakamisa uma ngabe sisesenyameni, siziphakamise sicabange ukuthi inyama iyinto eyophila phakade kanti cha, siyadlula nje kulenyama, ukuphila kwethu kunele sikuphile ngokuthobeka, sithobele umthetho nentando kaNkulunkulu.
46.Ngiye ngibone ukuthi kuthi noma sifundiswa nsuku zonke ngezinto eziyimikhuba yaseBhabhiloni kodwa thina singasuki eBhabhiloni.
47.UJeremaya wakukhuluma lokho, noJohane weSambulo wakuphinda lokho, wathi masiphume eBhabhiloni, kodwa ngiye ngibone amaNazaretha ebhizi egubha imikhosi kakhisimuzi, ethi kuzelwe, angazi asuke ethi kuzelwe banike ngoba aye aphike athi akanendaba noJesu.
48.Kodwa angazi ukuthi asuke egubhani kodwa lapho kusuke kwenziwa imikhuba yaseBhabhiloni, lokho kuze kwenziwe nangosuku lweSabatha, uthole ukuthi amaNazaretha aphekile, azogubha umkhosi noma ngabe lowo Khisimuzi ungeSabatha.
49.Kodwa ububi lobo obuyisinengiso phambi kukaNkulunkulu ngoba kufanele ngaso sonke isikhathi kube uNkulunkulu nemithetho yakhe ehamba phambili.
50.Ngiye ngibone ukuthi sibungaza ngisho nezinsuku zokuzalwa kodwa singambongi uNkulunkulu, sizibonge thina ukuthi sesikhulile.
51.Ngiye ngibone ukuthi abanye bethu, noma kungekho-ke la kumaNazaretha kaNkulunkulu, kodwa ngiye ngibone ukuthi akhona amaNazaretha afaka izinwele zokufakelwa, kodwa ingelosi isikhulume kaningi ngalezi zinwele, ukuhloba ngezinwele zezinye izizwe, kanye nomkhuba wokupenda izinzipho, nemikhuba yokupenda imilomo, umlomo ungaba ilento uNkulunkulu awazi uyiyo.
52.Izinto lezi bangcwele eziwububi phambi kwaNkulunkulu, singazibona njengezinto ezincane, kodwa zinkulu zona.
53.Kuyadabukisa bangcwele ukuthi njengamanje, kulezi zinsuku zikaFebruary usuyophela, izinsuku eziwu 40 zeLent seziqalile.
54.ILent ilezinsuku amaKrestu, noma ngingeke ngithi amaKrestu wonke, kodwa iningi lamaKrestu akhonza uBali, akhonza ngosuku lweSonto, analezinsuku eziwu 40, zokuzilela uTammuz; bazibiza ngokuthi izinsuku zenzilo.
55.Ngiyakhumbula nje ngoba nami ngangiwumKrestu, kwakuke kufike lezinsuku lezi zenzilo, ubone ukuthi sekonakele, ubone abanye sebethi abasayidli inyama sebedla ufish ngoba manje sekungene izinsuku zenzilo.
56.Kodwa kusuke kulilelwa uTammuz lapho, kusuke kungalilelwa uJesu lo osuke eshiwo, kusuke kuwuTammuz nje, ngoba uma ngabe bangcwele singafunda incwadi ka Ezekiel 8, siqale nje ku verse 12, size siyofika ku verse 16, sizoyibona imikhuba yaseBhabhiloni lapho, kodwa eyayenziwa eThempelini likaJehova eJerusalema.
57.Imikhuba yokulilela uTammuz, okuyingxenye yesithathu yonkulunkulu baseBhabhiloni, kodwa kwenziwa lowo mkhuba eThempelini likaJehova eJerusalema, abesifazane.
58.Bayathanda-ke abesifazane ukulila, ngiyaye ngibone eBhayibhelini nje uma kulilwa kukhonjwa abesifazane kakhulu ngoba u-Ezekiel wakhonjiswa kwathiwa ‘ndodana yomuntu’… lapha abesifazane belilela uTammuz, wathi uma ethi uyabheka, wabona belila, bekhalela uTammuz, ilento ke abakuyona manje abangamaKrestu.
59.Lokho akumniki udumo uNkulunkulu onguJehova kodwa kuyisinengiso kuye ngoba ushilo wathi mabaphume bonke abantu bakhe eBhabhiloni, uma abantu bengaphumi eBhabhiloni basho ukuthi bangabakabani? Kuye kube inkinga lokho bangcwele.
60.Khona lapho kuleso sahluko, ku chapter 8, ungakafiki ku verse 16, uzothola ukuthi kukhona amadoda acishe abe u 25 uMproethi u-Ezekiel awabona efulathele ithempeli, ebheke ilanga; kusho ukuthi laliphuma leli langa.
61.Njengoba nje sazi ukuthi enkolweni kaBali, enkolweni yobuKrestu, kukhonzwa lona ilanga, njengoba nje usuku lwangeSonto kuwusuku olungcwele, luyi Sun-Day, usuku olungcwele kuyona inkolo le yaseBhabhiloni.
62.Abantu asebethe bakhonza uJehova, bekungaba kuhle ukuthi baphume kuleyo mikhuba ngoba imikhuba leyo echukuluza ulaka lukaJehova, imikhuba leyo ebangela ukuthi isitsha solaka sikaJehova siye ngokuya njalo sigcwala.
63.Ingozi enkulu bangcwele ukuthi asisiboni ngamehlo enyama kodwa njengoba kwenziwa zonke lezi zinto kuya ngokuya, ngokuya sigcwala isitsha sikaJehova okuthi uma sesithululwa siyobe sesishisa kakhulu, sobe singasabekezeleki.
64.Uma ngabe sibuka nje, ngoba sibekelwe kwabalula, ayikho into ecashile bangcwele, sibekelwe nje kwaba lula ukuthi sazi ukuthi uNkulunkulu ufunani, yini angayifuni.
65.Laphaya ku-Exodus 20 yisahluko leso, la esithola khona imiyalelo eyishumi, kodwa iningi lale miyalelo, futhi cishe yonke iyeqiwa le miyalelo.
66.Konke lokho kwenza ukuthi kuthi mhla lufika usuku seluvutha njengeziko kuthi bonke abayeqa lemiyalelo ngoluziqhenya, ebese lubashisa lolu suku ngoba lobe luvutha njengeziko bese befana namabibi, amabibi ukuthi uma usebenza ensimini usiphula ukhula, ulubeka eceleni lube inqwaba lapha, kusale into etshaliwe enifuna ikhule kahle.
67.Sekuyothi uma senifika ngelinye ilanga bese nithi hhayi la mabibi siyawashisa ngoba sifuna ukuthi lungaphinde lumile ukhula. Uma niwashisa amabili, niwashisa ningawashiyeli mpande nagatsha, niwashisa niwaquthule. Usuku lukaJehova lunjalo-ke uMprofethi uMalaki akhuluma ngalo. Uthi liyobashisa abangafuni ukuzwa.
68.Laphayana kuMyalo wokuQala othi ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami, amaKrestu azikhonzela uJesu; usewuNkulunkulu wawo, indirectly nje azikhonzela uBali, uNkulunkulu wawo lowo ngoba abasunguli benkolo yobuKrestu… uBaba uMelusi useyigcizelele kuningi le ndaba, ukuthi bayisungula le nkolo yobuKrestu base bethi vele uBali uyiNkosi, uma eyiNkosi uBali, kusho ukuthi noJesu-ke uyiNkosi.
69.Kodwa ngiyafisa ukuthi bangcwele sikhumbule ukuthi sinenkinga enkulu phakathi kwamaNazaretha, asingayishiyi phandle lento, sinenkinga enkulu yokuthi bangcwele amaNazaretha anonkulunkulu wawo manje ambona ngamehlo, amkhombe athi nanguya, ahambe uma sekuphele inkonzo ayodla ilantshi, uNkulunkulu njalo lowo?
70.Kodwa sikhohlwe into elotshwe kwiZenzo 12, sikhohlwe ukuthi uHerodi, wathi uma esegqoke izingubo zobukhosi, wayesehlala esihlalweni sakhe sobukhosi, wase eqala ukukhuluma nabantu, abantu base beqala ukumbabaza bethi ‘yizwi likaNkulunkulu.’ Wangabakhuza abantu, waqhubeka wakhuluma ebezwa abantu behlambalaza uJehova.
71.Ingelosi kaJehova yamshaya khona lapho, yamshaya khona lapho, wadliwa yizimpethu abantu bebhekile, bebuka.
72.Angazike ukuthi labo nkulunkulu esibabona ngamehlo abayikhuzi ngani lento, angazi ukuthi abalesabi yini usuku lukaJehova elizayo ngoba bonke onkulunkulu abangalidalanga izulu nomhlaba bayakubhujiswa.
73.Angizukudlula kuyona yonke imiyalelo bangcwele ngoba siyayazi, kodwa okufike kungidumaze ukuthi., kuthi emyalweni ekade ibhaliwe, abantu bathi hhayi cha ilungile mihle impela, iyasiqondisa, kodwa bengayigcini, ikakhulukazi uMyalelo wesiNe, weSabatha, abawugcini, futhi baneqholo lokwenza lokho, futhi bakwenza lokho ngokuziqhenya, uma uthi uyambonisa umuntu, uma ecikeka evele athi hhayi mina ngiyamazi engimkhonzayo.
74.Lapho-ke ayikho into ongabe usayisho bangcwele ngoba usekutshelile ukuthi yena uyamazi amkhonzayo, sekusele ukuthi akutshele igama lakhe ukuthi ungubani lona amkhonzayo.
75.Kodwa uma ufunda incwadi ka Ezekiel 20 verses 12 and 20. Ilapho echaza khona uMprofethi ethi, usuku lweSabatha luwuphawu phakathi kukaNkulunkulu no-Israel, asikwazike ukuthi singayiziba leyo ndaba silahlekelwe uphawu sibe silwazi ukuthi usuku luyeza luvutha njengeziko.
76.Uma ngabe bangcwele sekufika laphayana kuMyalo wesiThupha, lo othi ‘ungabulali,’ ayi kuye kube sengathi ukungabulali siyakwenza ngampela, asibulali ngempela.
77.Kodwa kuningi ukubulala okwenziwayo kuleli zwe, ikakhulukazi ngaphansi kwalabo hulumeni bentando yabantu okuthiwa idemocracy; labo hulumeni bentando yabantu bawohulumeni bombuso kaSathane, bonke nje labo hulumeni, bonke ngoba uma sekukhulunywa indaba kaNkulunkulu bayamphika uNkulunkulu, bayamchiliza, bambeka eceleni, imithetho kaNkulunkulu iyachilizwa. Yonke imithethosisekelo iyamchiliza uNkulunkulu, umthethosisekelo wakuleli zwe lase South Africa uyamchiliza uNkulunkulu, awumhloniphi uNkulunkulu, ayimniki uNkulunkulu indawo yakhe.
78.Ngoba uma ubheka kuvunyelwa yonke into embi ewukubulala, ukuhushula izisu; kumbi kubulala abantwana abangenacala, kodwa kuyavunywa la, bese kuthiwa ‘hhayi phela umuntu wesifazane unelungelo phezu komzimba wakhe,’ bese kuthiwa ‘hhayi kuvume umthethosisekelo.’
79.Kodwa bangcwele umthethosisekelo akulona iBhayibheli, umthethosisekelo akusilo iZwi likaNkulunkulu, wabhalwa abantu balapha emhlabeni, bayibhala futhi nabo bengenaye uNkulunkulu engqondweni yabo.
80.Bawubhala ngendlela yokuthi uNkulunkulu kumele adelelwe ngalo mthethosisekelo obhalwayo, bese lokho kwenza ukuthi lolu suku oluzayo lukaJehova luvutha njengeziko, bonke abantu abanje, abaziqhenyayo, ababhala ama documents adelela uNkulunkulu, kushuthi kuyacaca bayoba amabibi. Luyobashisa usuku oluzayo.
81.Singahambi ngaleyo ndlela bangcwele, thina masihambeni ngendlela yokwesaba uNkulunkulu, singabeki umthethosisekelo phezu komthetho kaNkulunkulu. Kithi ezinqondweni zethu makube umthetho kaNkulunkulu kuqala ohamba phambili, bese kuza eminye imithetho esiyibonayo ukuthi ayiphambani nentando kaNkulunkulu.
82.Ngiye ngizwe, bangcwele, uma sikhuluma ngalo Mthetho, umyalo wesikhombisa othi ungaphingi, ngike ngibone ukuchaza kwethu, kuba nama gaps amaningi, kuba superficial kakhulu, kubonakale ukuthi asikagxili ekufundeni siqonde ukuthi lento yokuthi ungaphingi kuyinto ebanzi, kuwumyalo obanzi kakhulu.
83.Uma ufunda uJeremiya 3 verse 6-9, Ezekeil 16 verse 32, Hosea 1 verse 2-3, kanjalo neSambulo 2 verse 22, lapho uma kukhulunywa ngokuphinga kusuke kusuke kushiwo ukuhlubuka uNkulunkulu owuJehova. UNkulunkulu owuJehova kithina siyibandla lakhe, ufana nomyeni.
84.Uma abantu sebesuka kuye sebeyokhonza abanye onkulunkulu, sebenza intando yabanye onkulunkulu, begubha amadili abanye onkulunkulu, sebesukile kulo Nkulunkulu owuJehova, uNkulunkulu owenza isivumelwano nathi entabeni yaseSinayi, lokho kuwukuphinga, kuyenyanyeka emehlweni kaNkulunkulu, usuke uphinga, kodwa uNkulunkulu ngoba enothando, abantu uyabaxolela uma sebezisola, sebebuyela kuye ngoba uwuNkulunkulu onothando. Sihlale sicula, besicula nanamhlanje kulo mthandazo weSabatha ukuthi ‘umusa wakhe uhlezi phakade.’
85.Kodwa bangcwele nakuba umusa wakhe uhlezi phakade, kukhona isikhathi esizayo lapho uyovalwa khona, uvalwe kuthiwe ngqi, kuthiwe awusekho umusa bese kuthiwa ongcolile makahlale engcolile, bese kuthiwa omsulwa makahlale emsulwa. Kuyobe kungasekho ukujika lapho uma sekuvalwe umusa, akukho ukuthi uyobe usathandaza, uthi ‘hawu, nami ngicela ukuphenduka,’ kuyobe sekuvalwe umusa!!
86.Manje ngiyajabula ngoba sikhulume lokhu sisethempelini, umusa ungavaliwe; usekhona umusa kaNkulunkulu, sisenethuba lokuthi sibhekisise ukuthi angeke yini sibe amabibi uma kufika usuku lukaJehova.
87.Kodwa engikuthanda kakhulu bangcwele, engifisa ukuba sigxile kukho thina ukuthi: “Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma nitshekule njengamathole esibaya.”
88.Endleleni yethu yokukholwa, sihamba sihlukumezeka, sithukwa, bethukwa abaholi bethu, singazi ukuthi sizomisa kanjani, isihlukumezeka ezingqondweni noma silala noma sivuka.
89.Kodwa isithembiso la esisibonayo, sithi kithina esilesabayo igama lakhe kuyakuphuma ilanga lokulunga, siyotshekula njengamathole esibaya. Nakhu-ke okunye, siyakunyathela phansi ababi ngokuba bayakuba luthuli ngaphansi kwamathe ezinyawo zethu ngosuku uJehova alwenzayo.
90.Nansoke indaba enkulu bangcwele, uyabona njengoba sisemhlabeni nje, kukhona abantu abanamandla, abanikwe amandla, thina esicabanga ukuthi banikwe yipolitiki. Kodwa kukhona la abafike bathathe khona amandla, bamukeliswe khona amandla okuthi bahluphe abantu emhlabeni. Kukhona abantu abanikela ngemiphefumulo yabo kuSathane uma sebengomengameli bamazwe lawa entando yabantu,
banikele ngemiphefumulo yabo kuSathane, benze izifungo ezithile kuSathane ukuthi bayonikela impela ngegazi labantu babo.
91.Yingakho uthola ukuthi abantu bayafa emazweni wonke emhlabeni kodwa akubakhathazi kangaka opresident bonke bakhona lapha emhlabeni.
Kunenqubo ekuthiwa inqubo yentando yeningi, inqubo eyasungulwa yisizwe sama-Greek esasivele singamfuni uNkulunkulu.
92.Bayafa abantu, ziningi izinto ezibulala abantu, umangale ukuthi abantu bafa kangaka, kanti cha kukhona isifungo esenziwa, ziningi izinto ezenzeka singaziboni ngamehlo enyama, ezenzeka emkhathini nangaphansi kwamanzi.
93.Miningi imimoya eyenzeka emkhathini nangaphansi kwamanzi; kubangwani? Kubangwa ukuthi umuntu kufuneka agcine esukile impela kuJehova agcine esekhonza embusweni wobumnyama.
94.Yingakho namhlanje sinengelosi eyafika ivela ezulwini, yingoba impi iyaqhubeka, impi ephakathi kobuhle nobubi, impi ephakathi kobungcwele nokungcola. USathane futhi akadeli, nsuku zonke uyalwa ufuna ukuthi abantu babuyele kuye.
95.Ngiyafisa ukuthi uma siyibuka lento, sibe nokujula kakhulu bangcwele, sazi ukuthi uma ngabe emhlabeni behlushwa bebulawa, ngendlela engaqondakali, uNkulunkulu kuyamthinta lokho kuyabhalwa encwadini yakhe, okuzothi ngosuku oluzayo oluyofika luvutha njengeziko.
96.Bese kuthi bonke laba abasemandleni epolitiki, abasebenzisa ipolitiki ngendlela abatshelwe ngayo embusweni kaSathane, bese bephenduka amabibi ngalelo langa, lubashise usuku oluzayo, lungabashiyeli mpande nagatsha.
97.Kuyasiqinisa lokhu njengoba sibona nje emhlabeni inkulu inhlupheko yamabomu, kungeyona inhlupheko yokuthi iyenzeka nje, kodwa inhlupheko ekhandiwe, ekhandwe zinhlangano lezi ezisebenzela uSathane, ama Freemasons ne-Illuminati ngoba baningi omengameli abangenele lezi zinto, abajoyine lezi zinto, bese bethola amandla, bathole udumo, nemali. Ekwenzeni konke lokho bakwenza ngokuziqhenya nangokuziphakamisa!!
98.Sike siyibone lento; angifuni ukukhuluma kakhulu ngoba thina siphila esimweni esinjalo njengamanje. Othi akaboni nje, ayikho into akwazi ukuyibona.
99.Ngiyafisa ukuthi, bangcwele, sibheke ukuthi utheni uMprofethi kithi eMthandazweni weSabatha; utheni uMprofethi kithi? Uma sibuka uverse 3… ake sidluleni lapho, ngoba ngiyafisa ukuthi sikhumbuleni ukuthi utheni, uthe masenzeni uMprofethi.
100.UMthandazo weSabatha, verse 3: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane; nigcine Imithetho yakhe anilobela yona uJehova ngeNceku yakhe uMoses ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.“
101.Kuthina-ke esingamaNazaretha ugcizelelile ukuthi masesabeni uJehova; uShembe akasitshelanga ngabenye onkulunkulu, akasitshelanga ngomengameli, ukuthi masesabe omengameli laba!! Akasitshelanga lokho kepha usitshele ngoJehova, wathi simesabeni, sigcineni imithetho yakhe asilobele yona ngeNceku yakhe uMoses.
102.Bangcwele, usuku uma luza ngeke luze lunomusa lolo suku oluvuthayo, uma thina sizothi, ‘hhayi sizokwenza lokhu ngoba kusho uhulumeni.’ Uma kuphambene nentando kaNkulunkulu bese siyakwenza lokhu, lolu suku ngeke sisinde kulo. Inhloso enkulu ukuthi sibe la kulendlu ukuthi sithole izindlela zokusinda uma kufika usuku olunje, ukuthi sithole indlela yokuthi siphume thina sitshekule njengamathole, singabi amabibi uma kufika usuku olunje.
103.Ngoba uma usuku olunje lufika ngeke kube mnandi, bonke abaziqhenyayo nabenza okubi luyobashisa. Buningi ububi nokuziqhenya esikubonayo kulezi zinsuku.
104.Kulezi zinsuku esiphila kuzo abantu abakwipolitiki bazisuthisa bona bodwa, bekhohliwe wuquqaba lwabantu, ukuthi ‘konje sihola abantu la, konje laba bantu bangabantu bakaNkulunkulu.’
105.Ngike ngatshela omunye umfowethu obengibelesela, engikhulumela into engingayizwa, ngamtshela ngathi ‘hhayi bo, khumbula phela ukuthi abantu bakaNkulunkulu laba!’
106.Uma becindezelwa kanje egameni lepolitiki, bekhala kuNkulunkulu, uNkulunkulu uyabezwa laba bantu abadalwe emfanekisweni kaNkulunkulu. Akazange angiphendule lo muntu; angisazi isizathu salokho. Mhlawumbe ubone kungekho ndlela abengangiphendula ngayo.
107.Ngoba siyayibona lento, abaholi abakhona namhlanje akubona abahol; bangosopolitiki nje, kanti umholi kufanele abe umholi ngempela.
108.Sengizophetha, ake sedluleni, sibukeni nje, noma singeke sifunde manje, ukuthi uJoshuwa indodana kaNuni wenzani. Siyazi ukuthi uJoshuwa uyena owahola isizwe wasiwelisa iJordan emva kokuthi uMose iNceku kaNkulunkulu isifile, ifela eNtabeni yaseNebo ezweni lakwaMowabi.
109.UJoshuwa uyena owabawelisa, bawela bangena ezweni, bafike balidla ngempela izwe, base babelana ngalo abantu bakwa-Israel, uJoshua ekhona njengomholi.
110.Kodwa laphaya ku-verse 49, Chapter 19, kuthiwa bathi uma sebeqeda ukwelaba izwe, libe yifa nemikhawulo yalo, kuthiwa bamnika uJoshua indodana kaNuni ifa phakathi kwabo. Kwaba abantu abanika umholi wabo ifa phakathi kwabo, akuyena owazisikela kwelinonile njengoba kwenzeka nje.
111.Ngoba njengoba singabantu nje asinawo amehlo okubona ububi, asinawo amehlo okubona izimpawu zokuziqhenya. Kumele sibe nawo amehlo anjalo, ukuze uma silifunda izwi likaNkulunkulu bangcwele, silifunde siliqonde kahle, ukuze singalifundi kube sengathi sesifunda into ekhuluma ngezinye izinto ezingekho la.
112.Izwi likaNkulunkulu likhuluma ngezinto esiphila kuzo, likhuluma ngama experiences anamhlanje nawangezikhathi ezdlule.
113.Kodwa ngenxa yokuthi uJoshuwa wayengumholi wangempela, wanikwa ifa phakathi kwabantu, akazithathelanga izindawo ezinonileyo, ethi ngoba mina ngingumholi ngizodla ama billion, akazange uJoshuwa akusho lokho.
114.Akazange uJoshuwa athi ngoba mina ngingumholi, ngizonenyusela i-VAT ibe u-15% khona nizokhokha, khona izonimba eqolo; akazange uJoshuwa abe nomqondo onjalo. Akazange uJoshua abe nomqondo wokuthi ngoba mina ngingumholi ngizohamba ngiyo attenda umhlangano o-attendwa ngomengameli abahambisa ngenqubo yasembusweni wobumnyama, omengameli okulula nje kubo ukuthi banikele ngabantu bakubo ekufeni.
115.Akazange asho ukuthi ngizoninikeza i-pandemic, ukuze bese ngininika ama vaccine azonijova bese niyafa, nife ujuqu. UJoshuwa wahlala yena, wahola abantu wababela ifa ngokwezizwe zakhona kusukela kuRuben kuze kufike ezansi koBenjamin.
116.Kuthe sekuqediwe, wonke umuntu eselitholile ifa lakhe, base bemnika-ke manje uJoshuwa ifa lakhe phakathi kwabo. Ngiyazike ukuthi bamnika i-Timnathi Serah okwakungumuzi ayewucelile, wathi ‘cha, mina uma ninginika kuyona yonke imizi ekhona, ngicela ningiphe i-Timnathi Serah ezintabeni zakwa Ephraim,’ wayesezakhela umuzi-ke lapho, wahlala kuwo.
117.Kodwa eseqedile ukunqoba izizwe, esebaholile abantu ezimpini zonke, yena wahlala, wagcina esemdala, esegugile, kwayima ethola ukuphumula ngoba esewuqedile umsebenzi kaNkulunkulu.
118.Yingakho ngike ngithi mina ukuba besingabantu abangaziqhenyi, abangaziphakamisile, ngabe kuyasihlupha ezingqondweni zethu ukuthi inhlalakahle yabaholi balapha e-NCG ihamba kanjani, ngoba sibuka lesi senzo sikaJoshuwa.
119.Kufanele njalo bangcwele uma sibuka izinto, sizibuke bese sizihlobanisa nesimo esiphila kusona, kwenzele ukuba into esiyifundayo ibe practical, ibe concrete ngempela, singafundi nje into e-abstract esingazi ukuthi sixhumana kanjani thina nayo. Isiphakamiso sami bangcwele ukuthi sengathi singakwenza lokho.
120.Sengivala bangcwele, u-Isaya 1 verse 18 uyasimema, ake sizwe ukuthi uthini u-Isaya bangcwele sengivala:
18 “Wozani-ke, sithethe indaba,” usho uJehova; “noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengobubende, ziyakuba njengoboya bezimvu” Amein.
121.Bangcwele, kuseyithuba-ke ukuthi uma siwezwa la mazwi ka-Isaya sithathe izinyathelo ezifanele ukuze sikwazi ukuthi singabi senkingeni uma kufika usuku lukaJehova luvutha njengeziko, thina siphume sitshekule njengamthole esibaya.
UNkulunkulu makabusise esikuzwile. Amein.