Skip to content

SIKHOLELWA UKWEMUKELWA EZULWINI

“Nizwile EMTHETHWENI WAYIZOLO ukuthi anisekuwa khonza amadlozi, nomthetho othi anisahlangani nabafowethu abenza okunjalo; ngoba abenza okunjalo baya nengeka kuJehova.”
By Prophet Isaiah Shembe (PBUH)
Isihlabelelo 190
1.Ngiyahamba ngikhathele
Ngiyahamba ngikhathele
Ngiyahamba ngikhathele
Ngiya kulelo lizwe lobomi.
 
2.Lelo lizwe alidingi lutho
Siyohlala ngokwenama
Siyohlala noBongekile
Kulelo lizwe lokwenama.
 
3.Usizi alukho khona
Izinyembezi azikho khona
Siyohlala ngokwenama
Kulelo lizwe lokwenama.
 
4.Umfelokazi kabonwa khona
Ziyesulwa izinyembezi
Ziyoduduzwa izintandane
Kulelo lizwe lobomi.
5.Thina asikafiki kulelozwe
Kulelozwe lokwenama
Silangazalele kulelo lizwe
Kulelo lizwe lokwenama.
 
6.Wozanini zihlobo zethu
Siye kulelo lizwe lokwenama
Siyohlala kwanguna phakade
Kulelo lizwe lokwenama.
7.Bamenywa bonganini
Ngalelo lizwe lokwenama
Siyohlala neNkosi yethu
Kulelo lizwe lokwenama.
SIKHOLELWA UKWEMUKELWA EZULWINI.
 
1.Incwadi kaDutoronomu 23:21-23; “Uma wenza isifungo kuJehova uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusifeza, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ulindele ukuba usifeze impela, ukungasifezi kuyakuba yisono kuwe.
 
2.Kepha uma ungenzi sifungo, akuyikuba yisono kuwe. Amazwi omlomo wakho uyokuwagcina, uqikelele ukuba wenze njengalokhu wethembisile kuJehova uNkulunkulu wakho isethembiso osenze ukhululekile futhi ungaphoqiwe, wasiphumisela ngomlomo wakho.”
 
3.Incwadi kaDutoronomi 4:2: “Aniyikuthathisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyikunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngawo.” Amen!
 
4.Ekuthunyweni kwethu ukuqhuba lelivangeli leNkosi, ingelosi yanginika iBhayibheli nezihlabelelo zamaNazaretha, yabe isithi ayikho imfundiso kaShembe uMprofethi oyoyithola iphambana nokwafundiswa nguMose encwadini engcwele!
 
5.Ngaphambi kokuba ngijule kulesi sihloko, ngifisa ukuba kesichaze ngesimo senkolo kaJehova, ngoba kubukeka amakholwa amaningi kukhona lapho ephambanisa khona.
 
6.Noma ngingazi ukuthi kwamanye amabandla umuntu uzinikela kanjani, kodwa ebandleni lamaNazaretha kungumgoma ukuthi uma uzinikela kuleli bandla, kufanele uguqe, bese uthi “NGIYAYI KHETHA INKOSI YASE KUPHAKAMENI!”
 
7.Ibandla bese lithi: AMEN UYINGCWELE! Ukuthi ngiyayi khetha iNkosi yase Kuphakameni kungukuthatha isifungo sobuNazaretha OSENZA NGOKUTHANDA KWAKHO!
 
8.Uma amaNazaretha ethi: AMEN UYINGCWELE! basho ukuthi bayakwamukela ngokuthokoza kuleli bandla lamaNazaretha!
 
9.Ithi-ke ingelosi kithi, uma umuntu esethe uyayi khetha iNkosi yase Kuphakameni, ezulwini kubhalwa ukuthi usengu mNazaretha noma engaka bhajadiswa, ngalokho ke sekufanele agcine yonke imithetho yobuNazaretha!
 
10.Njengoba ukukholwa kwethu kuthathelwa eBhayibhelini, lokho kusho ukuthi awunakuzakhela umthetho wakho ongekho eBhayibhelini, bese uthi ngumthetho kaNkulunkulu!
 
11.Kanjalo futhi, uNkulunkulu akanakushaya umthetho, bese wena uthi awusiwo umthetho, noma ngandlela thize uwunciphise noma uwushintshe, uwubeke ngendlela yakho.
 
12.Kujwayelekile ukuthi uthole kuba nemithetho eyakhiwa ngamakholwa, kodwa engekho eBhayibhelini, eminye kuthi ibhalwe yacaca eBhayibhelini, kodwa abantu bayizibe njengemithetho engekho.
 
13.Uma ubuza ukuthi lento abayenzayo bayi thathe kuyiphi incwadi eBhayibhelini, kucace ukuthi yinto noma umthetho abazakhele wona!
 
14.Kujwayelekile ukuthi ngizwe kunama kholwa athi uma ufaka isiphandla engalweni kusho ukuthi ukhonza uSathane, noma bekhulume into efana naleyo! Kodwa awukho umthetho othi ungasifaki isiphandla; okuseqinisweni eBhayibhelini awukho umthetho okhuluma ngesiphandla!
 
15.Ku-Eksodusi 22:20 kuthi: “Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kwaJehova yedwa, uyokubhujiswa.” Ukuhlabela abanye onkulunkulu nokufaka isiphandla izinto ezahlukene, okungafanele ukuba thina sizihlanganise ngokwethu!
 
16.Angilwazi usiko oluthi uma uhlabele abaphansi uphoqeke ukuba ufake isiphandla. Noma lolo lusiko belukhona, kodwa asikwazi ukwenezela kongakushiwongo uNkulunkulu!
 
17.Isiphandla ungasifaka emva kokuba uhlabele abaphansi, kanjalo futhi, isiphandla ungasifaka noma uhlatshisiwe, kodwa kungakaze kubikwe kwabaphansi, ngoba isiphandla sitshela abantu ukuthi ngihlabile noma ngihlatshidsilwe!
 
18.Kungenzeka ukuthi uthi ngokuvakashela ekhakonyaka, bese umkhulu noma umalume wakho afike akuhlabise. Lokho akudingi ukuthi aze ayokubika emsamo.
 
19.Usuhlatshisiwe ekhakonyoko, ungasifaka isiphandla ukubonisa abakini ukuthi ufike wahlatshiswa ekhakonyoko! Lokho akuhlangene nokuhlabela amadlozi!
 
20.Manje-ke uma usuthi ukufaka isiphandla kusho ukuthi usebenzela usathane, usuchaza ukuthi kukhona umthetho kaNkulunkulu othi ungasifaki isiphandla!’
 
21.Thina ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu asisifaki isiphandla, hhayi ngoba kuyisono ukufaka isiphandla, kodwa ingelosi yasichazela ukuthi kungani kungamele sisifake isiphandla.
 
22.Ithi-ke ingelosi: “Emhlabeni kuphume imimoya emibi ezenza amadlozi, kanti iyimimoya nje emibi efuna ukuba ihlatshelwe ukuze ithole igazi nenyama yezimbuzi! Lemimoya ekushoyo akuveli kokhokho benu!”
 
23.Iyaqhubeka ingelosi ithi: “Ukuze lemimoya ibazi abantu okuzothi uma ithi abahlabe bavumele phezulu, iyaye ihambe ibheka umuntu ofake isiphandla, noma umuntu emzini wakhe okunendlu yabadala.
 
24.Lemimoya iyazi ukuthi angenke usifake isiphandla, noma wakhe indlu yabadala ungakholelwa ekuhlabeleni abaphansi!
25.Uma ikubona ufake isiphandla, ikulandela ngisho usedolobheni, ize ifike nawe ekhaya lakho.
 
26.Isiwubonile umuzi wakho, iyobuka zonke izinkinga eninazo, bese mhlawumbe iye kumakhelwana wakho, noma kumthandazi, ivele kuye isithathe isimo sikababa wakho noma umama wakho ongasekho emhlabeni.
 
27.Lobaba wakho-mbumbulu, uyoza kulomakhelwana wakho, athi akeze lapha ekhaya ezokusho ukuthi kufike ubaba wakho ebusuku, noma ngesibonakaliso, wathi lokhu kuhlupheka kungaphela uma nihlaba kanje nakanje.

28.Futhi lomakhelwana uyochaza ubaba wakho osewashona njengoba wayenjalo, nawe ukholwe ukuthi kufike ubaba wakho ngampela, kanti ukhohliswa yilemimoya emibi!

 
29.Kothi usuwenzile umsebenzi njengokuyalelwa umakhelwana wakho, noma ngumthandazi, kuvele kungenzeki lutho, kunalokho kuqhubeke ukuhlupheka, kodwa lomoya uyobe uyitholile inyama negazi obulifuna!
 
30.Naye umakhelwane, noma umthandazi, usuke ecabanga ukuthi okubonile kuliqiniso, kanti udlala imimoya emibi!” Amen!
 
31.Ithi-ke ingelosi: “Ningazakhi lezi zindlu zabadala, futhi ningazifaki iziphandla, ngoba konke lokhu kuheha lemimoya emibi ephume ukukhohlisa abantu ithi ingabadala, kanti yenzela ukuba behlabe ukuze ithole igazi!”
 
32.Kodwa ingelosi ayikaze ikusho lokhu okukhulunywa ngamanye amakholwa ukuthi ukufaka isiphandla ukukhonza amadimoni, nokuthi nje asebafa bangamadimoni! NoShembe wakuphika lokho!
 
33.Futhi ingelosi ayikaze isho ukuthi umuntu wakini ongasekho akakuhambeli. Umthetho kaNkulunkulu uthi abangasekho SINGABENZELI UMHLATSHELO, kodwa SIBAKHUMBULE NGOKUBANIKELELA!
 
34.Njengoba sihlale sicacisa ukuthi enkolweni yobuKrestu wachithwa umthetho kaJehova, okudidayo ukuthi kungani kube umthetho wokuthi singabahlabeli amadlozi wodwa amaKrestu awugcizelelayo, kodwa eminye imithetho kaJehova ichithwa?
 
35.AmaKrestu akaligcini isabatha, bayayidla ingulube, bayaliphucula ikhanda; konke lokhu okuphambene nomthetho kaNkulunkulu, kodwa bona abakwenzayo!
 
36.Kungani ukuthi usiko lokukhonza noma ukuhlabela amadlozi kube yilona lodwa usiko abaluchithayo ngokuthi luphambene nekukholwa, kodwa yonke eminye imithetho yokukholwa ngokweBhayibhelini beyichatha?
 
37.Inkinga ukuthi thina sizwe esimnyama siyaye senze noma yintoni abezizwe abathi asiyenze ngaphandle kokucwaninga ukuthi kungani bethi asigcine lomthetho kaMose, kanti eminye bayayichitha!
 
38.Ngonyaka ka 1833 kwaba nengqungquthela yabamhlophe eBelgium, bezobonisana ngokuthi abafundisi abamhlophe uma bethunyelwa e-Afrika kufanele babaphathe kanjani abamnyama.
 
39.Ziningi izinqumo ezathathwa ukuthi amamissionary kumele asihlukumeze kanjani, kodwa okwanamuhla ngizokhuluma ngalesi esiqondene nokuhlabela amadlozi!
 
40.Kulencwadi ka King Leopard wesibili, kuyo okwakubhalwe zonke izinqumo ezazithathwe ngathi ngabamhlophe, kwakuchaziwe ukuthi izimishini zingabavumeli abamnyama ukuba bazihlanganise nabafile. Kulencwadi eyayibhalwe ngu King Leopard, kokunye yayithi:
 
41.“Kufanele abamnyama nibenze bazonde onke amasiko angabakhuthaza ukuthi balwisane nathi.
 
42.Ngalokhu sisho ukuzihlanganisa nezinto zemimoya ezibenza bebe nesibindi sokuba bathande ukulwa!
 
43.Nina kufanele nenze konke okusemandleni enu ukuthi niku nyamalalisa konke ukwethembela kwabo kuyimimoya!” Amen!
 
44.Imimoya abantu abathembele kuyo, nababika kuyo lonke usizi ababhekana nalo, ngabaphansi, noma amadlozi!
 
45.Abamhlophe-ke babazi ukuthi ezimpini abangaba nazo nabamnyama, imimoya yesizwe esimnyama, okungabaphansi, bangaba lekelela ukuze babanqobe abamhlophe!
 
46.Futhi nakulencwadi ka King Leopard, kwagcizelelwa ukuthi amamissionary akwenze konke okusemandleni awo ukususa abamnyama ukuthi bakholelwe kwabaphansi!
 
47.Yikho-ke enkolweni yobuKrestu ingagcinwa yonke imithetho kaNkulunkulu, kodwa bese benamathela kulo othi akanga hlatshelwa, noma engakhonzwa amadlozi!
 
48.Futhi bona banezela uNkulunkulu, ngoba Jehova wathi nje kuphela singabakhonzi abanye onkulunkulu ngaphandle kwakhe. Akashongo ukuthi abakho!
 
49.Kodwa laba bafundisa bathi uma umuntu esefile usuke esefana nogodo nje, awukho umoya wakhe ovukayo! Ngamanye amazwi bayakuphika ukuthi uma isidumbu somuntu sesifile, kodwa umphefumulo wakhe usuke uphila!
 
50.Ingozi yoku namathela emandleni yako moya (spiritual powers) abezizwe babefunde ngesizwe sakwa-Israel ukuthi sasinamandla angakanani sisahamba noJehova!
 
51.Ama-Israel aqala ukunqotshwa mhla eyeka ukugcina imithetho kaJehova! Kuma Hubo 83 kwakuprofethiwe ukuthi abezizwe bayosihlakaza, bese besenza sikhohlwe imvelaphi yethu. Ama Hubo lokhu akubeka kanje:
 
52.“Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliweyo bakho, bathi wozani sibaqothule, bengaba besaba yisizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa!”
 
54.Abezizwe babekwazi kahle ukuthi ukuze umuntu umnqobe kumele umqhathe nemimoya othembele kuyo, kubantwana bakwa-Israel okwakunguJehova, kanti enkolweni yomdabu okungabaphansi!
 
55.Izwe e-Afrika elingakaze linqotshwe ngabamhlophe iTopiya kuphela, kanjalo futhi, izwe inkolo yalo enamathele kumthetho kaNkulunkulu okuyi Torah, izwe laseTopiya kuphela!
 
56.Ngokusobala amandla okubhekana nezizwe ezimhlophe iTopiya yaba nawo ngoba ingawulahlanga umthetho kaNkulunkulu!
 
57.Okubuhlungu-ke ukuthi, njengokwe jwayelekile, abamhlophe lelivangeli lokuchitha abaphansi, sithi bangamadimoni, nokuthi idlozi yinto engekho, balifaka kuso isizwe esimnyama, ukuze kube yiso esichitha okhokho baso, namanje yithina esishumayela lelovangeli!
 
58.UShembe wabaphikisa labo abashumayela lelovangeli. Entshumayelweni yakhe uthi: “Nina bantwana baseKuphakameni, yazini lokhu namhlanje; ubusisiwe ongamthuki uyise nonina athi bangamadimoni, njengokwenza kwabanga qondi; bephendukezela ivangeli, belenza indaba yabo yomdlalo.
 
59.Kuhle ukuba ngisho kini ngithi, indawo yabaphilayo ikhona kini, kanye neyezingelosi. Ohamba ngokulunga, iNkosi iyomvusa, imngenise eParadesi, okungumbuso wayo osekuphileni okuphakade.”
 
60.Kodwa noma uShembe wakwenqaba ukuba sithuke abazali bethu sithi bangamadimoni, kodwa wawenqabela amaNazaretha ukuba ahlabele amadlozi.
 
61.Kuyo leyontshumayelo, nanka amazwi akhe: “Ngiyazi ukuthi abafile bayisihibe kwabaningi, ngenxa yokweqiwa uthando lwabo. Kuhle ukuthanda umzali wakho nesihlobo sakho; lokho akukubi kuJehova.
 
62.Kodwa ningaweli ekubathandeni okwedlula uThixo, funa niduke, nenze okuphambene nomyalo enginiyala ngawo, nenayalwa ngawo ku-Mathewu 10:37.
 
63.Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi anisekuwakhonza amadlozi, nomthetho othi anisahlangani nabafowethu abenza okunjalo; ngoba abenza okunjalo bayanengeka kuJehova.”
 
64.Ngaso leso sikhathi babuza oNkwanyana noMzelemu, bathi: “Nceku yeNkosi, angenke sisahlabela okhokho bethu na?”
 
65.Waphendula uMprofethi wathi: “Cha bantwana bakaNhliziyo, okwenu kuhle ukuba nibakhumbule elatini elikhulu, emzini kaJehova eKuphakameni, kunokuba nenze njengalabo abangenaye uThixo.”
 
66.Okokuqala uShembe wabonisa ukuthi akusiyo imfundiso kaJehova ukuthi abangasekho bangamadimoni! Leyo imfundiso yabantu abayifundiswe ngabamhlophe ukuze basenze sithuke abazali bethu!
 
67.Kodwa futhi uShembe wakuchaza ukuthi ukungawahlabeli amadlozi akusiwo umthetho osuke kuye, kodwa uvela kuNkulunkulu!
 
68.Uthi-ke uShembe: “Nizwile EMTHETHWENI WAYIZOLO ukuthi anisekuwa khonza amadlozi, nomthetho othi anisahlangani nabafowethu abenza okunjalo; ngoba abenza okunjalo baya nengeka kuJehova.”
 
69.Uma ethi uShembe: “Emthethweni wayizolo” uchaza ukuthi lemfundiso yokuthi singawahlabeli amadlozi ngumthetho kaJehova!
 
70.Kodwa noma singawahlabeli amadlozi, thina sibakhumbula kakhulu abasekwelizayo, ngoba njalo ngomhlangano siyabanikelela, sibacelele kuNkulunkulu ukuthi abasosizini ebakhiphe osizini, ababenezono, ebathethelele izono zabo!
 
71.KuDutoronomu 23:21-23, uMose uthi: “Uma wenza isifungo kuJehova uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusifeza, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ulindele ukuba usifeze impela, ukungasifezi kuyakuba yisono kuwe.
 
72.Kepha uma ungenzi sifungo, akuyikuba yisono kuwe. Amazwi omlomo wakho uyokuwagcina, uqikelele ukuba wenze njengalokhu wethembisile kuJehova uNkulunkulu wakho isethembiso osenze ukhululekile futhi ungaphoqiwe, wasiphumisela ngomlomo wakho.”
 
73.Lokho kusho ukuthi akakho umuntu ophoqiwe ukukholwa. Uyazikhethela ukukholwa, futhi uma ungafuni ukukholwa awunacala kulokho!
 
74.Isono sivela uma uthatha isifungo sokukholwa, kodwa usukwamukele ukukholwa bese ungawulandeli umthetho wokukholwa!
 
75.KumaHebheru 10:26-29 kuthi: “Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesilwamukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yezono, kepha kuphela ukulindela ukwahlulelwa okwesabekayo nomlilo ovutha bhe ozongqongqisa amaphikankani.
 
76.Noma ngubani ophule umthetho kaMose uyakufa engenaku hawukelwa ngezwi lofakazi ababili noma abathathu!”
 
77.Enkonzweni edlule ngike ngachaza ukuthi kuleli Testamente kunoPhawul ababili. kunoPaul owabe eliJuda nowayevuselela inkolo kaMose, bese kuba noPaul owabe engumKrestu owabe enevangeli lokuchitha inkolo kaMose!
 
78.Angazi-ke ukuthi izifundiswa enkolweni yobuKrestu kuyaye kwenziwe yini ukuthi zingakuboni lokho?
 
79.Kulentshumayelo loPaul akukho lapha akhuluma khona ngokufelwa kwezono nguYeshuwa esiphambanweni, kodwa uthi: “Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesilwamukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, AKUSEKHO MHLATSHELO ONGENZIWA NGENXA YEZONO.
 
80.Lo ‘mhlatshelo’ uPaul okhuluma ngawo akusiwo umhlatshelo ngokufa kukaYeshua esiphambanweni, kodwa uPaul ukhuluma ngomhlatshelo owabe ubekwe nguJehova ukugeza izono.
 
81.Lokhu kufakazelwa ngamazwi athi: “Noma ngubani ophule umthetho kaMose uyakufa engenaku hawukelwa ngezwi lofakazi ababili noma abathathu!”
 
82.Kodwa-ke zikhona izono ojeziselwa zona, ukholiwe noma ungakholiwe!
 
83.Uma ungumbulali, ungumdlwenguli, ungungqingili, udayisa umzimba, ulala nezilwane, nezinye izono othi uJehova kufanele uma utholakala uzenza ubulawe, uyojeziselwa zona kungakhathaleki ukuthi ubukhoiliwe noma qha!
 
84.Abanye abantu-ke bayaye bejabule ukuthi kungcono ngoba umuntu akaphoqiwe ukuba akholwe, ngoba ukukholwa kunemithetho eminingi elikhuni ukuyigcina.
 
85.Iqiniso ukuthi iningi labantu abazi ukuthi bunzima buni umuntu obhekana nabo ekufeni uma engakholiwe. Hhayi ukuthi lobu bunzima kuba yisijeziso osinikwa nguNkulunkulu, kodwa ngokwemvelo ziningi izigameko umuntu ezimehlelayo, kodwa okuthi uma ukholiwe uJehova akuvikele kuzo!
 
86.Uselapha emhlabeni, noma usufile ngokwenyama, kunobunzima obuningi obhekana nabo, kodwa okwazi 
ukukunqotshelwa nguJehova kubo!
 
87.Usizi lomuntu luqala umoya usahlangena nenyama, kodwa usugula. Noma ubuliqhawe elinjani, unesiphiwo esikhulu kangakanani, kodwa uma usugula ayaphela amandla, ube yinto engalutho, okumele isizwe ngabanye abantu.
 
88.Lolusizi alupheleli lapho, noma usufile kubantu abaningi usizi alunqamuki, kunalokho luyakhula lube lukhulu kunosizi obukulo inyama isahlangene nomphefumulo!
89.Ingelosi yasitshela ukuthi abantu abaningi akuthi ngoba sebefile bese kuyaphela ukugula nezinhlungu abafe bekuzo. Izinhlungu ozithola usungumoya zinga qedwa ngu Nkulunkulu!
 
90.Kwesinye isikhathi ungabona umuntu ephusheni egula kakhulu, kodwa kade wafa. Ithi-ke ingelosi kwabanye abantu ubuhlungu bokugula akunqanyulwa ukuphuma kwemi phefumula, uyaqhubeka nobuhlungu owafa ukubono, yize ngokwenyama kade wafa!
 
91.Uma ufe uzikhunga, lobo buhlungu obuzwe uzibulala akusuki kuwe noma usufile! Uma ufe udutshulwa, lelo nxeba liba kuwe, uzwe ubuhlungu lokudutshulwa noma usufile!
 
92.Uma ufe ushayiswa yimoto, lokho kulimala okudalwe yimoto uyolokhu ukuzwa noma usufile! Yonke inhlobo yokulimala ofe ngakho kuqhubeke emphefumulweni wakho!
 
93.Yonke inhlobo yokufa oyithole kuphuma umphefumulo wakho, iyaqhubeka noma usufile! Leyo inkinga esisazohlangana nayo ekufeni kwethu! (Bheka iTV Chanel 179)
 
94.Enye inkinga ngeyemimoya osazohlangana nayo usufile! Noma ubulikholwa, kodwa uma ububuye uzihlanganise neminye imimoya, ekufeni kwakho uyifica isikulindele, ithi yana ezulwini lwayo, lapho nawe ozimbakanye nalo usaphila! Yikho kubalulekile ukuthi kuthi uselapha emhlabeni unamathele kuNkulunkulu oyedwa!

95.Ithi ingelosi uma uhloba ngezinwele zezinye izizwe, umoya womuntu ohlobe ngaye uhlale eseduze kwakho, ekwenze umngani wakhe ngoba uhloba ngezinwele zakhe.

 
96.Mhla usufile umoya wakho uhlangabezwa nguye, aye nawe lapho ekhona. Uma bekungumuntu othengisa umzimba, noma ubenza bubi buni obumenza abe sesihogweni, nawe uyokuya kuleso sihogo.
 
97.Nezingelosi azikwazi ukwenqaba nawe, ngoba ubukhonza ubuhle balomuntu osekulahlweni!
98.Ngaphandle kwalemimoya kukhona imimoya ethunywe ngabathakathi, ekuthatha uyofuwa ngumthakathi njengomkhovu wakhe!
 
99.Noma ubunamandla angakanani, noma ubuligagu elinjani lokushumayela, ungumfundisi, abathakathi bayakuthatha beyokufuya emzini yabo, bathwale ngawe ukuze amabandla abo abe makhulu ngawe!
 
100.Uma nje umthakathi ekutholile, wakuthwebula, uyawuthatha umoya wakho eyowenza umkhovu wakhe!
 
101.Uma usufile awukwazi ukuthandaza ubize uNkulunkulu, ufana nolahliwe emhlabeni nasezulwini!
 
102.Yinye kuphela into engakulamulela kulemimoya ukuthi usaphila wenze uJehova abe nguye yedwa uNkulunkulu wakho ngokuhamba ngokwezimemezelo zezwi lakhe!
 
103.Kodwa uma ungokaJehova, noma untshontshwe ngomubi, kuphuma izingelosi ezulwini ziyokufuna, ngisho usungumkhovu wenyanga, zokulanda khona lapho, zikugeze, zingugenise emzini oyingcwele!
 
104.Noma umthakathi ubekwesaba kangakanani usaphila, kodwa uma usufile usuke ungaselutho kuye, uyakwazi ukukuthwebula asebenze ngawe ngisho ukubulala umuzi wakho!
 
105.Inkinga-ke ukuthi singabona umphathi webandla emkhulu, enabalandeli abaningi, kanti yonke lento uyithwalele. Ekufeni kwakhe, kweliphambili uyofike eboniswe bonke abantu obadukise egameni lokuthi usebenzela uNkulunkulu!
 
I07.thi-ke ingelosi, uyocela ukuthi abuyele emhlabeni eyolungisa izinto, avunyelwe, kodwa uyophaphamela ethuneni, esenngcwatshiwe.
 
108.Uma usuphaphama kuleso simo, awubuye usafa, umuzi wakho sekulithuna, uyohlala ethuneni, isidumbu sibole umphefumulo ukuso, uzwa!
 
109.Yikho-ke sihlale sigcizelela ukuthi abantu ababe amakholwa eqiniso, bahambe emikhondweni yezwi likaJehova! Yenza uNkulunkulu aneliseke ukuthi ungumntwana wakhe ngempela!
 
110.Noma ungaba nawo amaphutha lapha nalaphaya, kodwa ngenhliziyo yakho yonke ngengqondo nangomphefumulo wakho wakho wonke mthande uJehova uNkulunkulu wakho, ukuze uNkulunkulu agculiseke ukuthi ungumntwana wakhe, akuthethelele nezono ozenzile!
 
111.Lezi zinto engikhuluma ngazo angizingathekisi, ngoba sifundiswe kakhulu ngazo yilomuntu wasezulwini!
 
112.Kodwa noma umthakathi engakuthwebula, uma ukholwe ngempela, awuthwebuleki, ngoba uba nezi ngelosi eziku vikelayo, nezizoku funa ziyokulanda noma kuphi lapho ukhona!
 
113.Ukukholwa kweqiniso kuhle lapho-ke, ngoba ungovikelekile uphila, noma usukwelizayo!!
 
114.Njengoba silapha sifundiswe konke ngomvuzo wokungena ezulwini kulabo okuthe besesemhlabeni bahamba ngokwemikhondo yezwi loPhezukonke!
 
115.Siyakwazi kithi, futhi silangazelele ukuthi ekugcineni siye ekhaya lethu laphakade!
 
116.Sifana nenkosikazi ekhulelwe elindele umntwana wayo. Iyazi ukuthi ukubeletha kubuhlungu, kodwa ingqondo yayo iba sekujabuleni kokugona umntwana wayo.
 
117.Onke amakhosikazi ayakujabulela ukukhulelwa, ngoba ayazi ukuthi ekugcineni bazoba nomntwana oyisibusiso!
 
118.Kodwa onke amantombazana ahlale eshawa luvalo lokukhulelwa, ngoba bayazi ukuthi lokhu kukhulelwa kwabo kungumphumela wesono!
 
119.Ithi-ke ingelosi, iyaye ijabhe uma ibona umuntu olikholwa esaba ukufa, ngoba usuke esaba ukuya kubo, esaba ukuya ekhaya lakhe laphakade!
 
120.Kodwa uma wazi ukuthi awukaze umkhonze uJehova, uba novalo lokufa, ngoba uyazi ukuthi awunanto ongase uziqhenye ngayo uma usufika kulelozwe lobomi!
 
121.UShembe nengelosi basifundisile ukuthi amanye amazulu amnyama, kuwo kumakhaza, futhi kuwo kuyalanjwa!
 
122.Yikho abanye abantu bebuya ekufeni bethi balambile, abanye bethi bayagodola.
 
123.Basuke belambe ngempela, nabagodolayo, begodola ngempela, ngoba amazulu abakuwo indlala iyimpilo yawo!
 
124.Yikho-ke ngithi noma ukhululekile ukuya kunoma liphi izulu, kodwa ungacabangi ukuthi lelozulu kuyabuswa kulo, ungalifanisa nezulu likaJehova!
 
125.Akekho umuntu osezulwini likaJehova oyoke abuye eze kwabasemhlabeni ezocela noma yini kubo!
 
126.Uma kunomuntu osewafa oyoza kuwe ezocela noma yini, ubokwazi ukuthi noma ebekholiwe, kodwa lowo muntu akayanga embusweni wezulu!
 
127.Ayikho into emnandi njengoku kholwa! Uma sisese mhlabeni kungabukeka kulukhuni ukukholwa, kodwa umvuzo wokukholwa awunakufaniswa nalutho!
 
128.Ngokukholwa uvikelekile uselapha emhlabeni, kanjalo noma ungasekho kulomhlaba, ngoba uMoya kaJehova okhosele kuwo unguYise wabo bonke abamkhonzayo, futhi awukho umoya ongamelana naye!
 
129.Sinekhaya lethu ngobuhle elingefaniswe nalutho olusemhlabeni nasemkhathini wezulu!
 
Isihlabelelo 89.
1.Hlala nathi Nkosi yethu
Leli langa lidlulile
Siyacela ukusizwa
Sesibheke kuwe njalo.
 
2.Thina asikafiki lapho
Kulelo lizwe lokwenama
Zimi khona izingelosi
Lapho kungashoni ilanga.
 
3.Thina sisasithekile
Kulelo lizwe lokwenama
Lapha kungakhanyisiyo
Leli langa lalomkhathi.
 
4.Alube kuwe udumo lwakho
Emhlabeni nasezulwini
Kuma bandla onke akho
Kuwe Baba Nkulunkulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *