Skip to content

NGABE EZULWINI SINGENA NGOMUSA NOMA NGOKUGCINA UMTHETHO KANKULUNKULU

Yake yathi ingelosi kithi: “Kumele nihlale nikuthandazela ukuthi lelizwe liphathwe ngabantu abamesabayo uNkulunkulu, ngoba njengemanje lohulumeni, yize kuthiwa ngowabamnyama, kodwa ushaya imithetho echitha inkolo nobuzwe benu!” Amen!
Isihlsbelelo 85
1.Ngonile ebusweni bakho
Nasebusweni bezulu
Iso lami lingonisile
Ngayephula imithetho.
 
2.Ngehlulwa ngowokuqala
Emithethweni elishumi
Owesibili ngingewunamathe
We Nkosi yoxolo.
 
3.Abaphula lemithetho
Bayokhandwa ngamatshe
Abazange bahawukelwe
Ngoba yini mina soni.
 
4.Sengonile nangolimi lwami
Ngakhuluma inkohliso
Sengonile nangenhliziyo yami
Ngacunuka ngayo.
 
5.Sengonile nangesandla sami
Ngaphatha okungalungile
Sengonile nangonyawo lwami
Ngahamba ehlazweni.
NGABE EZULWINI SINGENA NGOMUSA NOMA NGOKUGCINA UMTHETHO KANKULUNKULU.
 
1.Esikhathini esiphambili uShembe uBaba iLanga wake wathi: “Izwe lohamba lihambe libuyele kubantu abamnyama, kodwa selibuyile loqale liphathwe ikati!”
 
2.Kuze kube manje asazi ukuthi wayechazani ngalokhu kukhuluma, kodwa esikuthandazelayo ukuthi ukhetho luka 2024 alube ukhetho oluzoba nohulumeni ozokhulula abantu abamnyama ngokweqiniso!
 
3.Sethemba ukuthi lelizwe lizophuma ekuphathweni yikati, kodwa liphathwe nguhulumeni omesabayo uNkulunkulu, nowaziyo into edingwa ngumuntu omnyama!
 
4.Kulesi sikhathi sanamuhla akukho ukubaluleka okwedlula lokhu okushiwo nguMsholozi, ukuthi abantu okwamanje akebekhohlwe ngamaqembu abakuwo, kodwa sonke sizwe esimnyama silwele ukuthola u2/3 majority ephalamende, ukuze sibhidlize le Codesa yabezizwe!
 
5.Kumele sakhe umthethosisekelo wase-Afrika, singabuswa imithetho esishayelwe abahedeni baseNtshonalanga!
 
6.Akukho ukuhlakani okwedlula ukuthi uma sesakha lelizwe simbandakanye abaholi bezenkolo kanye namakhosi aphethe umhlaba, ngoba uma sibambisene nalaba baholi, noNkulunkulu uzoba seduze kwethu!
 
7.Yake yathi ingelosi kithi: “Kumele nihlale nikuthandazela ukuthi lelizwe liphathwe ngabantu abamesabayo uNkulunkulu, ngoba njengemanje lohulumeni, yize kuthiwa ngowabamnyama, kodwa ushaya imithetho echitha inkolo nobuzwe benu!” Amen!
 
8.Kujwayelekile ukuthi uzwe amakholwa efundisa ukuthi ezulwini SINGENA NGOMUSA, kodwa lemfundiso angiyitholi kuyizithunywa zasezulwini!
 
9.Umprofethi owaqala ukukhuluma ngokuthi ekufeni siya ezulwini noma esihogweni, nguYeshua!
 
10.KuMathewu 5:17-19 uYeshua uthi okokuqala UZOVUSELELA UMTHETHO KAMOSE NEZIMFUNDISO ZABAPROFETHI, okwesibili uthi UMTHETHO KAMOSE UMI NGUNA PHAKADE.
 
11.Okwesithathathu uthi UMA UMUNTU ENGAWUGCINI UMTHETHO KAMOSE NEZIMFUNDISO ZABAPROFETHI, ABUYE AFUNDISE ABANTU UKUTHI ABANGAWUGCINI UMTHETHO KAMOSE, LOWO MUNTU ANGENKE ANGENE EZULWINI!
 
12.Lentshumayelo kaYeshua iyisisekelo senkolo kaMose njengoba yayichazwa nguYeshua, kodwa ayifundisi lutho ngokungena ezulwini NGOMUSA!
 
13.Ngiyazi ukuthi amanye amakholwa afundiswe ukuthi uYeshua ungumsunguli wobuKrestu!
 
14.Kodwa ngiyethemba abantu abaningi sebeyazi ukuthi uYeshua akazi lutho ngobuKrestu, nokuthi akaze abe khona umuntu emhlabeni onguJesu, ngaphandle kokuthi amaRoma azakhela unkulunkulu wabo abambiza ngoJesu!
 
15.Omunye umlungu, uGeorge Orwen wathi: “The most effective way to destroy people is to deny and obliterate their own understanding of their HISTORY.” Indlela ongakwazi ngayo ukuqeda isizwe, ukucisha ulwazi lokuqonda UMLANDO WASO.”
 
16.Yilesi simo-ke esibhekene nabantu abamnyama. Ngokungazi lutho ngomlando wabo, bakholwa noma yini abayitshelwa ngezinye izizwe!”
 
17.Uma kukhona othi uJesu wayengeyiso isithixo, akechaze ukuthi uJesu wayezalwa ngubani nini, kusiphi isizwe?
 
18.Kodwa engikwaziyo ukuthi bazositshela ukuthi uJesu wayezalwa nguMaria noJosefa, ngoba abawazi umehluko phakathi kukaYeshua noJesu!
 
19.Zonke izimfundiso zikaYeshua zisifundisa ngokungena embusweni wezulu, bese zisinika imibandela yokuthi umuntu ungena ezulwini uma enzeni.
 
20.KuMathewu 7:21-23, uYeshua uthi: “Noma ungahlala uthi “Nkosi, Nkosi, uprofethe ngegama likaYeshua, ukhiphe amadimoni ngegama likayeshua, wenze imisebenzi emikhulu ngegama likaYeshua, kodwa uma ungawugcini umthetho kaNkulunkulu, kothi ekufeni kwakho, uthi uza kuYeshua njengeNkosi yakho, akuxoshe athi: Suka kimi Menzi wobubi angikwazi!” Ngabe uYeshua wayefundisa NGOMUSA kulenkulumo?
 
21.Lelivesi nje lilodwa litshela wonke amakholwa akholwa kuJehova uNkulunkulu wethu, nakuYeshua onguMesaya iNkosi yethu, ukuthi awungeni ezulwini ngokuhlale ubiza igama likaJesu kuphela, kodwa abangena ezulwini yilabo abagcina umthetho kaJehova!
 
22.Lena imfundiso kaYeshua amakholwa athi angabalandeli bakhe abangalokothi ukuyilandela!
 
23.Usuku lonke amakholwa ahlala ngokubabaza uYeshua, ethi uJesu iNkosi, uJesu ngumSindisi, akekho oza kuBaba ngaphandle kokudlula kuJesu, kodwa uthole ukuthi kwalokho abazi ukuthi kusho ukuthini!
 
24.Kodwa uYeshua uyayichitha lenhlobo yokumkhonza ngomlomo, kepha ube ungahambi ngokwemiyalo yakhe ethi gcina umthetho kaJehova owayiletha kithi ngoMose!!
 
25.Amakholwa afundiswe ukuthi bazongena ezulwini uma belandela izimfundiso zikaPaul ezichitha umthetho kaMose, nemiyalo kaYeshua!
 
26.Kodwa bacabanga ukuthi akubonwa ezulwini ukuthi uYeshua bambhixa ngodaka emehlweni, bacabanga ukuthi akaboni ukuthi bamkhonza ngomlomo, kodwa ngezenzo bakhonza uBhali?
 
27.Yikho kwezinye izincwadi ababhali lenkolo eyasungulwa ngu Constantine beyibiza ngokuthi iPauline Religion, ngoba inkolo yobukrestu yakheke ngezimfundiso zikaPaul kuphela!
 
28.Kodwa ngoba abantu 
abamnyama bathatha noma yini abayitshelwa ngabamhlophe, behluleka nokubona into esobala, ukuthi lento esiyifudiswa nguPaul iphambene nenkolo kaJehova, lo esihlale sithi siyamkhonza!
 
29.Ababoni ukuthi uPaul ufundisa ukuthi uchithwe umthetho kaNkulunkulu, uqhuba inkolo ka Constantine ngezindlela eziphansi!
 
30.I-New Testament yakhiwa ngamaRoma ko 600 A.D, kanti inkolo yobuKrestu yasungulwa eminyakeni yo 300 A.D.
 
31.Esakha iTestamente Elisha, amaRoma abe esecabange kahle ukuthi inkolo yabo izobakhipha kanjani abantu ngokuhlanganisa incwadi engumgunyathi, bayibize ngokuthi ingcwele!
 
32.Ngake ngaba neTestament lamaHebheru elisihloko sithi THE GOSPEL OF THE NAZAREENS, elalibhalwe ngabalandeli bakaYeshua.
 
33.Incwadi ethi ngokukaMathewu ihunyushwe isuswa kulelo Testamente. Ababhali abaningi babemangaliswa yindlela incwadi kaMathewu ehlanekezelwe ngayo nguJerome, ngoba kuhlakanekezelwe ngokuhunyusha ngisho izinkulumo okuthiwa zashiwo nguYeshua! Lokhu kwenziwa ngisho kuzinkulumo okuthiwa zakhulunywa nguYeshua!
 
34.Angenke ngizibale zonke izinkulumo okuthiwa zashiwo nguYeshua, kodwa ezingayilo iqiniso!
 
35.Njengoba ehlale esho nama Moslems, akukho ezincwadini zamaHebheru ukuthi uYeshua yiNdodana kaNkulunkulu ezelwe iyodwa, kodwa kuthiwa unguMesaya!
 
36.Nalemfundiso yokuthi kukhona unkulunkulu omthathu emunye, imfundiso eyakhelwe enkolweni yaseBhabhiloni.
37.Unkulunkulu ongumama ngu Semiramis, unkulunkulu uyise nguNimrod, bese kuba unkulunkulu indodana okungu Tamud!
 
38.Uma kuthiwa uJesu indodana kaNkulunkulu, kushiwo uNimrod okwakunguye uyise kaTamud, futhi njengoba uNimrod wabe sewafa, kwakuthiwa uhlala elangeni, ngakho-ke ungunkulunkulu olilanga. Yikho ezinye izithombe zikaJesu zinelanga ngaphezu kwakhe, kususelwa kuNimrod ongunkulunkulu welanga!
 
39.Noma ungafunda zonke izinkuulumo zikaNkulunkulu ngoYeshua, uyaye athi: “Ndodana yomuntu” njengoba uJehova ebabiza kanjalo bonke abaprofethi’
 
40.Kodwa namuhla amaKrestu asefundiswe ukuthi uJesu uyi Ndodana kankulunkulu wama Heberu, okungu Jehova, yize enkolweni yebuKrestu engemukelekile uJehova!
 
41.Kunenkulumo okuthiwa yakhulunywa nguYeshua ethi “Okungena ngaphezulu akunacala!”
 
42.Lenkulumo ayikho kuGospel of the Nazareen, kodwa yanikezwa ivangeli likaJesu ukuze ngalo ichithe umthetho kaJehova okuDutoronomi 14 othi singayidli ingulube!
 
43.Ngizwe umfundisi uBiyela ethi uPaul washumayela kakhulu kunabo bonke abanye abapostoli!
 
44.Kuyacaca ukuthi lomfundisi akazi ukuthi zonke izincwadi ezazibhalwe ngabapostoli amaRoma azishisa!
 
45.Incwadi eyayibhalwe ngabafundi bonke bakaYeshua, ethi: “The Gospel of the 12 Apostles, amaRoma ayishisa!
 
46.Ngakho-ke kungukungazi lutho ngomlando ukuthi uPaul washumayela kakhulu kunabanye abapostoli.
 
47.Okuliqiniso ukuthi izincwadi zabapostoli zashiswa ngoba kubonakala ukuthi ziveza ivangeli lenkolo kaMose!
 
48.Lezi okuthiwa zabhalwa nguPaul, ilumbo lelo, babhale nje izincwadi base bezipha uPaul!
 
49.Okuseqinisweni uPaul akaze abe khona enkolweni kaMose, angazi-ke kubuKrestu, kodwa nasemlandweni wobuKrestu sithola loPaul kusenguye uSaul.
 
50.Ukwakhiwa kukaPaul kwakwenzelwa ukuthi abantu bacabange ukuthi ukuchithwa komthetho kaNkulunkulu kwenziwa ngumpostoli!
 
51.Ngisafunda isikole sasifundiswa ukuthi abapostoli bakhulu kunabaprofethi bakaJehova, kanti umpostoli ungumfundisi nje njengami!
 
52.Abantu abafuna ukukholwa kweqiniso okuzobangenisa ezulwini, kufanele bazibuze ukuthi bakholwa kuNkulunkulu onguJehova ngempela, noma bakholwa kuBhali?
 
53.KuJohane 5:44-47 kuthi: “Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?
 
54.Ningacabangi ukuthi ngiyakuni mangalela kubaba; ukhona oni mangalelayo, uMose enithemba kuye!
 
55.Ngokuba uma benikholwa kuMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami.
 
56.Kodwa uma ningakholwa yimibhalo yakhe, niyakukholwa kanjani ngamazwi ami?” Amen!
 
57.Njengoba uYeshua esho, amakholwa amaningi akakholwa yimibhalo kaMose, futhi akakholwa amazwi kaYeshua!
 
58.Kodwa kuJohane 14:15, uYeshua uthi: “Uma ningithanda niyakugcina imiyalo yami! Ngabe lamakholwa ayamthanda uYeshua ngokugcina umyalo wakhe? Cha, bamdumisa nje ngomlomo!
 
59.Ngizame ukulifunda lonke iTestamente Elisha, kodwa akukho ezimfundisweni zikaYeshua lapho kuthi khona umuntu ungena ezulwini ngomusa!
 
60.Lemfundiso yokuthi singena ezulwini ngomusa, ichaza ukuthi asikho isidingo sokuthi ugcine umthetho kaNkulunkulu, ngoba vele ngokufa kukaYeshua esiphambanweni, uyongena ezulwini noma ubuna sono sini, ngoba EZULWINI SEKUNGENWA NGOMUSA!
 
61.KuMathewu 13:41-42, UYeshua uthi: “INdodana yomuntu iyokhipha izingelosi zayo, zibuthe zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse eziko lomlilo lapho kuyoba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
 
62.Khona abalungileyo bayokhanya njengelanga embusweni kaYise wabo, onezindlebe akezwe!”
 
63.Kodwa labo abashumayela ivangeli lokuthi sikholwa kuNkulunkulu onguJehova, kodwa bethi ayingalandelwa imithetho yakhe, basagcwalisa lamazwi kaYeshua kuMathewu 15:7-9 mhla ethi:
 
64.“Bazenzisi, u-Isaya waprofetha kahle ngani, lapho ethi, Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kodwa inhliziyo yabo ikude nami; bangikhonza ngeze, bafundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu!”
 
65.Njengoba sichazile enkonzweni edlule, kuyimfundiso yobuKrestu njengenkolo ukuthi kuyayichitha inkolo kaMose, awemukelwa umthetho kaJehova owawushiya kuMose, kanjalo, noma amaKrestu ayaye athi alandela uJesu, kodwa bamlandela ngokumdumisa ngomlomo, abazilandeli izimfundiso zakhe!
 
66.Kungani amaKrestu engazilandeli izimfundiso zikaYeshua, noma uJesu?
 
67.AmaKrestu akaboni ukuthi amaRoma ayazi ukuthi ivangeli likaYeshua livuselela izimfundiso zikaMose, lo inkolo yakhe engemukelekile enkolweni yobuKrestu!
 
68.Futhi amaKrestu akaboni ukuthi uYeshua nabafundi bakhe babenga phansi kwenkolo kaMose, yikho nje kulenkolo kufundwa ngezitshumayelo zikaPaul kuphela!
 
69.Yingoba uPaul wakhiwa ngabezizwe ukuba abhidlize inkolo kaJehova ngezindlela eziphansi!
 
70.Ngiyafisa ukuxwayisa ukuthi abantu abafuna ukukholwa ngempela, noma bangamaKrestu, abagcine umthetho kaJehova owawuletha kithi ngenceku yakhe uMose!
 
71.Namuhla sekuna baprofethi bama Krestu asebeziphe izikhundla zokuthi bangabaprofethi!
 
72.Njengoba ngichazile nasenkonzweni yaseKhozeni, kuyi New Testament asinaye uMprofethi.
 
73.Nalowo owabe enguMprofethi, uJohane, ubizwa ngokuthi umbhabhadisi, ngoba umprofethi usenkolweni kaMose kuphela, le amaKrestu ayichitha ngamaCreeds!
 
74.Angazi-ke ukuthi uma abefundisi bamaKrestu sebethi bangabaprofethi, bangabaprofethi bakabani, ngoba
 noBhali wayenabo abaprofethi?
 
75.Laba abathi bangaba phathi bezwi lika Nkulunkulu, akesibakhumbuze ukuthi ngokwenkolo kaMose umphathi wezwi likaNkulunkulu kumele ahambe ngezimiso zikaJehova!
 
76.Awukwazi ukuthi kungathi ungaligcini isabatha, uphucula ikhanda, bese uthi ungumprofethi kaJehova!
 
77.KuLevi 21:1-6 kuthi: “UJehova wathi kuMose: “Khuluma kubapristi…makungabi bikho ozingcolisayo ngofileyo phakathi kwabantu bakubo. Ngaphandle kwezinhlobo ezinyamane naye.
 
78.Abayikuzigega amakhanda abo, bengasiphuculi isilevu emacaleni, bangazigcabi emzimbeni.
 
79.Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yomlilo kuJehova, isinkwa sikaNkulunkulu wabo, ngalokho bangcwele.”
 
80.Laba abathi baphethe izwi leNkosi, lomthetho awusebenzi kubo ngoba benjani bona?
 
81.Noma bengingakaze ngihlangane nomprofethi enkolweni yobuKrestu, kodwa manje ebuKrestwini usekhona umprofethi kaJehova. Lowo inkosazane yase USA, uCelestial!
 
82.Umuntu ongumprofethi kaJehova uvele umbone engakasho lutho, ukuthi uvela ezulwini-ke lo!
 
122.Yingakho nje kulokhu kunezigigaba zokufa kwabantu okungaqondakali kulama sonto. Kodwa enye indlela yokukhokha izikweletu zabo ukuqoqa ingcebo yabantu.
 
123.Ngicela niqonde ukuthi usathane uyantshontsha, uyabulala, uyabhubhisa.
Uma usathane ekwazi ukubulala, yizinga lakhe eliphezulu kakhulu lelo.
124.Uma ekwazi ukuthatha impilo yomuntu okholwayo nongakholwa, uzokwenza lokho!

83.Njalo uma ekhuluma indaba kaNkulunkulu uyamboza ekhanda, futhi akalokothi enze imake-up noma yanhloboni emzimbeni wakhe!

84.Sengithole ukuthi kunamaKrestu amaningi angamthandi lomprofethikazi, bathi ungumprofethi wamanga!
85.Kodwa angazi ukuthi babembonaphi uMprofethi, ngoba abaprofethi bagcina kwa-Israel!
86.Thatha izintshumayelo zale nkosazana bese uziqhathanisa nabo bonke abaprofethi, njengo-Isaya, Jeremiya nabanye, bese usho ukuthi yena wehluleke ngani kulaba baprofethi!
 
87.Lonkosazane akakhulumi ngokubhula, lapho uzwa abaprofthi-mbumbulu bekutshela ukuthi kuyifridge yakho kunenyama neklabishi, noma sebekutshela ukuthi eSouth Afrika ozowina okhethweni uZuma noma uMalema, bese bethi ukuprofetha lokho?
 
88.Umprofethi ukhuluma ngesono, eyala abantu ukuthi uma ungayeki ukwenza isono, uNkulunkulu uzokwenze njani ngawe! Funda ngabo bonke abaprofethi bakwa-Israel.
 
89.Manje lomprofethi bathi ungumkhohlisi ngoba ukhuluma ngesono, hhayi ngomusa!
 
90.Kodwa bonke abaprofethi, kuhlanganisa noYeshua, bakhuluma ngesono! Kulentshumayelo ngiveza ezinye zezintshumayelo zikaCelecial lapho ekhuluma kanje:
 
91.“INkosi iyobeka isandla saYo phezu kwenkolo yamanga, bese wena uza usukhala njengembuzi engenamnikazi! Uyobuza ukuthi kungashiwo kanjani l
okho ngenkolo yobuKhatolika?’
 
91.Yingoba ingumfanekiso ongcolile wenkolo yamanga! Yilabo abahlakaniphileyo abaziyo ukuthi lenkolo ingcolile, ukuthi yesekelwe phezu kwenkonzo kaDagoni, unkulunkulu wamanzi, unkulunkulu wamanzi oyinhlanzi.
 
92.Yakhelwe phezu kwezindlela zobunyoka; icwiliswe egazini lokuhlukunyezwa kwezingane kanye nokulalana kwamadoda!
 
93.Kungani usafuna ukuzi hlanganisa nakho konke lokho? Yingoba usuze wagugela kwinkohliso yakho, futhi ufuna ukufela kuyo!
 
94.Awufuni ukugezwa nguMoya oNgcwele!! Ucabanga ukuthi kufanele yehluke indlela imizwa yakho ebukwa ngayo, kube nevangeli lakho elehlukileyo kunalelo lama Sunni nama Shiite!!
 
95.Labo bantu, uma sebeza kuKrestu, abambiza ngo-Isa, babeka eceleni zonke izimfundiso zoyise ukuze bangene ngendlela engumcingo, hhayi le ndlela ebanzi eholela ekubhujisweni nasesihogweni, bahamba kule engumcingo!!
 
96.Bakubeka eceleni konke lokho ababekholwa yikho ukuze bamise izinyawo zabo endleleni okuyiyo kuphela eholela ensindisweni!
 
97.Kodwa wena ufuna ukulwela ukuba kwemukelwe inkohliso yakho, ukukhonzwa kwezono, izimpawu zesiphambano nokuthandaza kuMariya.
 
98.Ufuna ukuzithethelela ngaso, ungazi ukuthi uma iNkosi isizokwehlulela, zonke izinkolo zamanga, ekaMormon iyoya echibini lomlilo kanye nabo bonke abenzi bemisebenzi yabo, baze bayivune kuze kufike ukwahlulela nobuKhatolika ngokunjalo.”
 
99.Ama Sunni nama Shiite (pronounced ‘Shi-ayt):
lawa ama sect amabili agqamileyo enkolweni yama Muslim.
 
100.Ehlukene ngezizathu zepolitiki, hhayi ngokwenkolo.
 
101.Emva kokufa kukaMprofethi uMuhammad ngo 632 A.D., kwaba nempikiswano yokuthi ubani owayezothatha umsebenzi wakhe aqhubeke nawo.
 
102.Kungethusile ekubalweni nama Mormons kulolulaka lukaJehova!
 
103.Ngafunda kakhulu ngomprofethi uJoseph Smith ongumsunguli walenkolo. Kodwa okwangi mangaza ukuthi njengoba ethi wayehlala nengelosi, ingelosi enjani eyayimfundisa ukudla ingulube, nokwenza zonke izinto eziphambene nomthetho kaNkulunkulu?
 
104.Ezulwini ayikho into eyisinengiso njengengulube. Manje umuntu othi ubehlala nengelosi, yingelosi enjani evumela ingulube? Kodwa uCelestial useyichazile lento. Lenkolo ingeyesibili emhlabeni ngokuceba!
 
105.UCelestial, yize eseUSA, kodwa ukhulume kabanzi ngabaprofethi baseSouth Afrika abakuthwalele lobu buholi. Uqala kpanje: “Futhi ngabona inkosazana yamanzi no drako, imibuso yangaphansi kwamanzi, iNkosi ebizwa ngokuthi yiNdlovukazi yoGu.
 
106.Laba befundisi bayaye beyongena ezivumelwaneni zobudimoni nalezi zidalwa!! Kuye kuhambe kanje: Indoda izofuna ukuthola amandla, nengcebo, nodumo, nemali, mhlawumbe ize iyenge intombazane enhle ezoyishada ukuze iyisebenzise emsebenzini wayo webandla.
 
107.Ngakho-ke lendoda iyahamba, ngaphandle kolwazi lwale ntombazane, iyokwenza izivumelwano nemimoya yamakhosazana amanzi.
 
108.Ngesikhathi nje esifushane le ndoda izoqala ukuthola abalandeli. Amazwi omlomo wale ndoda azoba nokuthile okungahambi kahle okwaziwa njengamandla okuyenga.
 
109.Yonke into ayishoyo, noma ngabe umi epulpit ethi: ‘uhla lwe laundry, insipho, ngithengele indlu yami amanzi namhlanje, ngihambile ngayothenga igrocer, nansi imovie engiyibukile izolo ebusuku.
 
110.Ibandla lizovele lisangane, lihalalise sengathi ubefunda incwadi yonke kaHabbakuk noma incwadi kaHagayi ayihumushe ngobuchule obukhulu, ngoba laba bantu abalazi iZwi likaNkulunkulu; abayifundi imibhalo ukuze babone ukuthi izinto le ndoda ebatshela zona ziyiqiniso yini?
 
111.Konke odinga ukukwenza nje ukuphonsa imibhalo emithathu noma eyisihlanu, bona-ke bazothi: ‘Shumayela!! Shumayela!! Jula!! Jula nodaba!’
 
112.Kodwa iqiniso ukuthi bayengwa amafutha laba befundisi abasuke bewanikwe amakhosazana amanzi ukuba bawagcobe emizimbeni yabo!!
 
113.Kufanele ugeze ngendlela eyehlukileyo uma wenza lezi zivumelwano.
 
114.UNkulunkulu kade ekhuluma kimi ngalezi zinto; kade ngabelana ngazo lapha nalaphaya kuma video, futhi zibhaliwe kwi ‘Master’s Voice.’ La madoda kubiza ukuba ageze ngezindlela ezehlukileyo.
 
115.Kufanele abe nqunu, ehlele ogwini ngezikhathi ezixakileyo; kubuye kubize ukuba enze imihlatshelo ngabantu, abuye enze imihlatshelo ngezilwane!
 
1116.Futhi njengoba eya ngokuya ejula ekwenzeni lokho okumayelana nezivumelwano noma nezithwalo zawo – ngoba okwenzelwa izivumelwano ezenziwe namadimoni akuze kwenele!
 
117.UNkulunkulu wathi esiprofethweni: ‘Lokhu kufana nokujoyina igym, uma ujoyina igym ukhokhela ubulungu bakho nyanga zonke; awukwazi ukweqa inyanga neyodwa ngoba kusobala ukuthi ngeke usakwazi ukungena ujime.
 
118.Ngakho-ke bangena ezivumelwaneni ezithatha izikhathi ezithile la bezokwenza khona umhlatshelo omkhulu noma bangene ezivumelwaneni zenyanga nenyanga la bezolokhu benza khona le mikhuba yakhona ukuze amazinga amathonya kamoya bawagcine ephezulu, abantu baqhubeke nokuza esontweni, baqhubeke nokuba sematheni kwabezindaba.
 
119.Empeleni uhulumeni wase South Afrika awazi ukuthi kufanele wenzeni ngala masonto angasalawuleki, futhi angenakho ukuziphatha kahle!
 
120.Abantu bayahlukunyezwa kulama sonto, futhi uhulumeni akazi ukuthi uzokumisa kanjani lokhu ngoba noma angathi: ‘awukwazi ukushumayela uma ungenayo ilicence yobufundisi’ noma athi: ‘siyakuphenya,’ abantu uqobo lwabo bathakathekile kangangoba bazolwa nohulumeni, belwela laba befundisi babo bamanga, abefundisi ababhukudayo, benezivumelwano namakhosazana amanzi kanye nodrako.’
 
121.Ngakho-ke uNkulunkulu wayengikhombisa ukuthi la madoda kufanele anikele ngokwenani elithile, iningi lawo kufanele anikele ngegazi; azokwenza imihlatshelo ngamalungu awo ngokuhamba kwesikhathi.


122.Yingakho nje kulokhu kunezigigaba zokufa kwabantu okungaqondakali kulama sonto. Kodwa enye indlela yokukhokha izikweletu zabo ukuqoqa ingcebo yabantu.
 
123.Ngicela niqonde ukuthi usathane uyantshontsha, uyabulala, uyabhubhisa. Uma usathane ekwazi ukubulala, yizinga lakhe eliphezulu kakhulu lelo.
124.Uma ekwazi ukuthatha impilo yomuntu okholwayo nongakholwa, uzokwenza lokho!
 
125.Kodwa kungu mdlalo omnandi embusweni wobu mnyama ukubhubhisa umuntu. Kungu mdlalo nje ukuwisa usomabhizinisi ngokumtshela ukuthi: ‘uma uqhubeka nokuletha iminikelo emikhulu kunowabo bonke, sizobeka igama lakho ohlwini oluzayo ngesonto elizayo,’ nezinto ezinjalo!
 
126.Ngase ngibona iNkosi ithi nemihlaba yokhokho babantu base South Africa inikwa laba befundisi bamanga, futhi laba befundisi bamanga bathatha ingcebo ephathekayo yamalungu ebandla, bewenza anamathelwe ukuhlupheka.
 
127.Ngabona indoda ibhukuda, yehlela olwandle, ingagqoke lutho ngaphandle kwebhulukwe elinebhande nje, ingena ekujuleni okungakholakali, iphethe amaphepha agoqiweyo ezandleni zawo, eya kulo mbusi owayehleli phansi esihlalweni sobukhosi ngaphansi kwamanzi, engagqoke lutho ngenhla.
 
128.UNkulunkulu wayekhuluma, emlonyeni wami, ethi: ‘Le yimihlaba eyifa lokhokho.”
 
129.ESouth Africa kunento ebizwa ngemihlaba eyifa lokhokho. Indlela okwaphuma ngayo kimi kwaba ukuthi le mihlaba iyimihlaba yokhokho benu basendulo, okucishe kufane nalokhu ama Native Americans anakho la ezabelweni.
 
130.Yimihlaba yokhokho benu; ivela kokhokho benu bakudala kuze kube manje komkhulu nakoyihlo, futhi kufanele kube yingcebo ephathekayo – imihlaba enobunini babantu edluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane, futhi imindeni kufanele iyigcine le mihlaba njengengcebo yayo.
 
131.Kodwa ngabona ukuthi abesilisa bemindeni ababefuna ukuzitakula esimweni sobubha, befuna ukuganwa, befuna ukuthola imisebenzi, befuna ukuqala amabhizinisi aphumelelayo, befuna ukuba nemisebenzi ephumelelayo, babeze bazikhandle!
 
132.Emva kokunikela nangezimoto zabo, emva kokunikela ngezingxenye zamaholo abo noma amakota amathathu emiholo yabo, babesaqhubeka nokuhaqwa wububha njengalokhu uma usuke uqhubeka nokulahlekelwa yimali eLas Vegas, kodwa ube uqhubeka nokuba nethemba lokuthi nakuba ulahlekelwa, kodwa usazobuyelwa yikho konke okukulahlekele!
 
133.Ngabona la madoda ethatha ama title deeds emihlaba ayenayo nawemizi ayenayo, eyinika laba befundisi.
 
134.Ngabona laba befundisi bekuthatha konke lokho bekuyisa ngaphansi kolwandle njenge ngxenye yenkokhelo yanyanga zonke ukuze bakhokhe kulabo nkulunkulu.”Amen!
 
135.Lezi zinto ezikhulunywa yilomprofethikazi siyazibona zeznzeka phambi kwethu!
 
136. siyazibona izigebengu ezizibiza ngabaprofethi ziceba ngendlela exakile ngoba zihamba ziqoqa imali yabantu!
 
137. kodwa kuba yibo abalandeli bazi gebengu ezithi zingabaprofethi abazivikelayo ngisho sezibanjiwe, bethi ziqanjelwa amanga!
 
138.Sikubonile kubalandeli baka-Omotosho, yize kunabantwana babo obabadlwengulile, sibonile abalandeli bevikela uBhushiri, kungakhathaleki ukuthi ubufakazi buqonde kanjani ngaye.
 
139.NaseNigeria siyabona ukuthi abalandeli baka T.B. Joshua bamvikela kanjani, ngisho sekufakaza ingane yakhe ukuthi wayengesiyo lento abalandeli bakhe abathi wayeyiyo!##
 
140.Ngihlale ngichaza ukuthi sihlala nomuntu wasezulwini oyaye asichazele konke ngohambo lwethu emva kokufa.
 
141.Namuhla ngifisa ukuvuselela inkulumo yakhe njengoba ibichazwa ngumkhokheli ngesabatha eledlule.
 
142.Umkhokheli uyibeke kanje lendaba! “UTHE UMA NGABE UNKOSAZANA EVULA IZANDLA ZAKHE, NGABONA ABANTU ABAKHALAYO, ABANTU ABOMILE, ABANGUMQWEBU, ABANTU ABAMEMEZAYO BEMEMEZA UNKULUNKULU, KODWA FUTHI ABASAKWAZI UKUMEMEZA, NGOBA BABOSHIWE, BABOSHWE YIZINHLUNGU, BABOSHWE YIZONO ZABO!
 
143.ITHI INGELOSI: “BANGCONO ABANTU ABABOSHWA LAPHA EMHLABENI, NGOBA BAYAKWAZI UKUYOHLOLWA, BATHOLWE, BABONANE NABAZALI NEZIHLOBO, BAYAKWAZI UKUDLA NOKUPHUZA AMANZI, BAYAPHUMA BASHAWE UMOYA EMAGCEKENI EJELE!
 
144.KODWA KUNEJELE ELESABEKAYO, ELOKUBOSHWA ETHUNENI, IJELE LETHUNA LIBUHLUNGU KAKHULU NGOBA UMA USUFIKILE PHAMBI KWAMEHLULELI, EKUTHOLILE UKUTHI WONILE, KUKHONA ONGAKWENZANGA, UMA UTHI BENGINGAKWAZI. UYAYE ATHI: “USUYAKWAZI-KE, PHINDELA EMUVA UYOKWENZA LOKHO.”
 
145.ITHI-KE INGELOSI: IMUVA LOMUNTU OFE ENGAKHOLWA YITHUNA, AKASAKWAZI UKUVUKA AYE KWAKHE, NOMA KUPHI, NJENGOBA WAYEKADE EHLALA KUBO, IKUBO LAKHE SEKUSETHUNENI, UYOHAMBA IZINDLELA EZININGI, ETHI UMA ESETHI UYAFIKA KUBO, AFIKE APHELELE ETHUNENI!”
 
146.ITHI INGELOSI: “INTO EBUHLUNGU KUNAZO ZONKE, UKUTHI UMA UMUNTU ESEFIKA ETHUNENI, UMPHEFUMULO WAKHE UYAYE WAZI UKUTHI NJENGOBA ELAPHA SEWANGCWATSHWA, EKUZWA UKUSINDWA NGAMATSHE ETHUNA, EKHALE EMEMEZE ENGEZWAKALI!
 
147.NIYE NIBABONE ABANTU UMA BENGCWABA UMUNTU UKUTHI BAZE BAGANDAYE NANGEZINYAWO, ENGATHI BAYASHO UKUTHI UNGAVUKI NGISHO SEKUVUKA ABANTU!
 
148.UMA -KE SEKUTHIWA BUYELA EKHAYA, UZOBUYELA KANJANI KULELO THUNA ELAZE LAGANDAWA NGEZINYAWO?
 
149.UYAYE UKHALE, KODWA UKUKHALA KWAKHO KUPHELELA KULELO THUNA, KUYOBA YILEYO MINYAKA LEYO UJEHOVA AYIBEKILE, UMA EYOPHINDE AKUHAWUKELE EMVA KWEMINYAKA.
150.UYOIHLALA ETHUNENI AMEHLO AKHO NOMPHEFUMULO WAKHO UBUKA IZIMPETHU ZIDLA INYAMA YAKHO!” Amen!
 
151.Ngizikhulumelani zonke lezi zinto? Kumele umuntu ngamunye azikhethele kusemanje, noma ufuna ukuya ezulwini, noma ufuna ekufeni kwakho uyohlala ethuneni?
 
152.KuDutoronomi 30: 19-20 uMose uthi: “Ngibiza, ukuthi ngibeke phambi kwenu izulu nomhlaba ukuba ngofakazi ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso, ngalokho khethani ukuphila ukuze niphile, wena nenzalo yakho.
 
153.Umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokhu kungukuphila kuwe, nobude bezinsuku zakho!”
 
153.Ngiyazi ukuthi ababi bazolwa, ngoba abafuni ukutshelwa ububi babo, kodwa futhi ngiyazi ukuthi abebona ngoba bengazi, lezi zintshumayelo zizobenza baphenduke, bashiye izono zabo. Lelivangeli liqondene nalabo bantu-ke!
 
Isihlabelelo 88.
1.Yizani nina zizwe nonke
Siye eKuphakameni
Siyogcotshwa sanele.
Ngamafutha omusa.
​Chorus: Soyana, soyana
​​​Soyana kweliphezulu.
 
2.Izizwe zimenyiwe
Zonke eKuphakameni.
Nathi masihambe
Siye kumkhonza uJehova!
​​​Chorus.
 
3.Yizanini webakhonzi
Siye eKuphakameni
Siye kuyikhonza
iNkosi yezulu.
​​​Chorus.
​​​
4.UNdlelande kabulali
Kwaba mkhonzayo,
Asihambe webakhonzi
Siye eKuphakameni.
​​​Chorus.
INkosi ibusise izwi layo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *