Skip to content

SISESIKHATHINI SOKUWA KWEBHABHILONI

UShembe wayenguMprofethi ovela ezulwini, elazi lonke iBhayibheli, ayikho into owake wayifundisa esuka ekhanda lakhe, ephambana nomthetho kaNkulunkulu!

Isihlabelelo 153
1.Nanti ilizwi elomemo
Liyamema bonke abantu
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
 
2.Abansundu nabamhlophe
Libamema kwananjalo
Alikhethi noma noma munye
Liyamema bonke abantu.
 
3.Zimpumputhe nani zinyonga
Sabelani niyabiwa
Lolumemo ngolwezulu
Ziyamenywa zonke izizwe
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
 
SISESI KHATHINI SOKUWA KWEBHABHILONI
 
1.Lesi sihlabelelo esaqanjwa nguMprofethi u-Isaya Shembe, uBabamkhulu, sikhuluma indaba enkulu, ukuthi ukukholwa ngokwabo bonke abantu, kungakhathaleki ukuthi umnyama noma umhlophe, uma nje uhamba ngokwezimiso zasezulwini wamukelekile ezulwini.
 
2.Uthi-ke uShembe: “Abansundu nabamhlophe izwi lomemo libamema ngokufanayo.
 
3.Kunomprofethikazi enkolweni yobuKrestu, uCelestial, ohlale ekhuluma ngokubuya kukaJesu. Ngiyazi ukuthi lo nguMprofethi kaJehova ngoba ngiyalwazi ulimi lwabantu basezulwini.
 
4.Loku kukhuluma kwaloMprofethi kuyawadida amaNazaretha, ngoba wona azi, futhi afundiswe ngoShembe.
Njengoba amaNazaretha azi uShembe, amaKrestu azi uJesu. Umhlaba awumazi uShembe, wazi uJesu, ngakho-ke uNkulunkulu akanakufika kumprofethi okhuliswe ngobuKrestu, ongazi lutho ngoShembe, bese uNkulunkulu akhulume ngoShembe.
 
5.Kanjalo futhi, uNkulunkulu ngenke efike kumuntu okhuliswe ngobuNazaretha obafika noShembe, bese ekhuluma ngoJesu!
 
6.Kodwa ezulwini uShembe noJesu nguMoya owodwa ofike emhlabeni ngezikhathi ezahlukene, kuyizizwe ezahlukene, kodwa wonke uyizithunywa zasezulwini ezifikele ezizweni ezahlukene, UKUZOKUZWAKALISA IZWI LEZULU, ZONKE ZISIMEMELA EZULWINI!
 
7.Lento engikhuluma ngayo lapha angiyikholwa, kodwa ngiyayazi. Akengini nike lendaba eyake yaxoxwa yiNkosi iLanga.
 
8.Ekuhambeni koMprofethi emhlabeni iNkosi iLanga yahlaselwa nguMafukuzela, wathi uthunywe ngabamhlophe ukuthi amcele ayeke ukuba ngumholi webandla lamaNazaretha ngoba yena ufundile. UBaba iLanga wayeyi BA graduate effort hare, ehlonishwa kakhulu zifundiswa eziningi.
 
9.Uthi-ke uMafukuzela, laba bantu obaholayo ngamaqaba nje, abamhlophe bathi woza e-American Board, ngoba bona bazokusa phesheya ubuye usungumbhishobhi omkhulu ebandleni labamhlophe!
 
10.Vele-ke abamhlophe base bebonile ukuthi uShembe uBabamkhulu nguMprofethi kaNkulunkulu okumele ekufeni kwakhe ingaqhubeki lenkolo abasebeyicishile kwa-Israel!
 
11.Ngake ngakuveza ukuthi enye imisionary, uMrs Wells, washo ukuthi emhlanganweni owawuzobhunga ngoShembe, uSuperintendent wamabandla wathi akamazi uShembe, futhi akafune kumazi, kodwa okufunayo ukuqeda ngaye!
 
12.Manje base bethi ukuze siqede ngalento, ngoba umnikazi wayo akasekho, asithathe indodana yakhe siyikhiphe kulelibandla ngokuyinikeza isikhundla ebandleni lethu. Kulenkulumo engezansi-ke iNkosi iLanga ikhuluma leyo ndaba.
 
13.Uthi-ke uBaba: “Ngawo lowonyaka ababefike ngawo bethi angiyeke lento ngiye eMelika phesheya, ngathi ngibona kwakufika insizwa lapha kimi engangingayazi, inkosi uNdaba, ihamba noSiwela umfundisi.
 
14.Bathi bathunywe intombi yomlungu ele ngase Mgungundlovu, elokhu yahlala ingagani ithi ilinde uJesu.
 
15.Bathi lentombazane ithe ibona yabona umhlola, kwase kufika kuyo umuntu wayibuza ukuthi yenzani?
 
16.Yathi: “Ngilinde uJesu.” Wathi lomuntu: “UJesu kade wafika emhlabeni mntanami, useze wabuya wahamba.”
 
17.Ithi-ke lentombaane: “Wena ungubani?” impendulo ithi: “Yimi uJesu.” Intombazane yabe isithi: “Pho ngoba ungumuntu omnyama nje?”
 
18.Uthi lomuntu: “CHA MNTANAMI, KUBANTU ABAMNYAMA NGIMNYAMA, KUBANTU ABAMHLOPHE NGIMHLOPHE, EMANDIYENI NGILINDIYA!”
 
19.Lentombazane yabona izinwele zalomuntu ziphenduka zaba mhlophe, wangumuntu omhlophe. Wathi lomuntu: “Ngikutshelile ukuthi nginguwo wonke umuntu, kade ngafika, bewuhlaleleni ungezi eKuphakameni.
 
20.Uyabona-ke, hamba uye eKuphakameni, ngiyakuthuma, utshele abantabami ukuthi usathane uyabazungeza, ufuna ukuba chitha.
 
21.Ubatshele ukuthi bangahlakazeki, noma bebuthakathaka, amandla akubo ayesabeka. Noma bempofu, bacebe ngokwesabekayo, noma bemnyama, bamhlophe kunezinto zonke.
 
22.Ubatshele ukuthi ingubo emhlophe izosuka eKuphakameni ize iyoshaya ezweni lakwaMzilikazi.” Ondaba noSiwela babezosho lokho ke.” Amen!
 
23.Lapha ngithatha lenkulumo ethi: “CHA MNTANAMI, KUBANTU ABAMNYAMA NGIMNYAMA, KUBANTU ABAMHLOPHE NGIMHLOPHE, EMANDIYENI NGILINDIYA!”
 
24.Ngamanye amazwi, uthi uBabamkhulu kulentombazane yomlungu ebilinde uJesu, “kwabazi uJesu bangibiza ngoJesu, abazi uShembe bangibiza ngoShembe.”
 
25.Kumuntu owazi uJesu engumlungu obekwe emasontweni, uShembe uqhamuka eyilowo mlungu, bese uthi, hheyi ngiphuphe ngibona uJesu, kanti ishape-shifting, uMoya uza kuwe uyilento othi uyayazai!
 
26.Kodwa akushintshi ukuthi uJesu noShembe nguMoya ongcwele onguMprofethi woPhezu konke ngokuka Melkizedeck! Amen!!!!
 
27.Ngelinye ilanga iNkosi iLanga ishumayela, yathi iSouth Afrika iyohamba ihambe ikhululeke, kodwa ekukhululekeni kwayo iyoqale iphathwe yikati!
 
28.Asikwazanga ukuthi lokho kusho ukuthini, namanje angingakwazi. Kodwa okucacayo ukuthi uhulumeni ozoba semva kokhetho lukaMay 2024 ungase ube nguhulumeni ohluke kakhulu kuhulumeni esibe nawo kusukela ngo 1994.
 
29.Njengomuntu impilo yakhe yonke ebengisenkantolo, ngiyawuqonda kahle umehluko phakathi kwahulumeni wobandlululo nalo esikuwo!
 
30.Ngaqala ukuba senkantolo ngo 1977 ngingumshushisi, kwathi ngo 1985 ngaba yimantshi ngaze ngathatha umhlala phansi ngo 2013!
 
31.Ngibe yimantshi kuhulumeni wobandlululo kwaze kwaba ngu 1994, ngase ngiba yimantshi kulohulumeni kusukela ngo 1994 kwaze kwaba ngu 2013.
 
32.Engikufundile ukuthi uma ufuna ukushintsha abantu, kumele ubashintshe ngoMthethosisekelo, ngoba nguMthethsisekelo okudonsela ekuthi kumele uphile kanjani!
 
33.I-Constitution yase South Afrika yaziwa ngokuthi i-Best Constitution, kodwa le “Best Constitution” produced the worst society!
 
34.Njengomuntu owayekuhulumeni omdala nomusha, ngazibonela ngokwami ukuthi kuyi “Best Constitution” amaphoyisa anenkinga enjani yokubopha isigebengu, nokuthi sesiboshiwe, kulukhuni kangakanani ukusigweba, ngoba wonke umthetho wakhiwe ngendlela yokuthi uvikele isiboshwa, uchithe i-victim!
 
35.Kulohulumeni osukela ku 2024, kungakuhle ukuthi bonke abantu bayayinakisise indaba yokuthi sibusa ngendlela yase-Afrika, hhayi ukwakhelwa ngezinye izizwe uMthethosisekelo ozobusa thina!
 
36.Kunabantu abangayifuni nakuyizwa indaba kaMsholozi, kodwa kucace ukuthi mhlawumbe abamuzwa ukuthi uthini, uma kungenjalo, kunabantu abanomona ngendlela yokuthi kungamane konakale konke kunokuba into ethile ilungiswa yilesi sitha sabo!
 
37.Kodwa kulabo abayaye bethuke uMsholozi ngoba benziwa ukungazi, ngifisa ukuba ngiyichaze kahle lento uMsholozi ofisa ukuba yenzeke kulohulumeni osukela ku 2024, ngoba mina ngiyizwa kahle!
 
38.Into yokuqala okumele yenzeke uma sikwazile ukushintsha i-Constitution, ukubuyiswa komhlaba kubantu! Sonke siyakufuna lokho!
 
39.Noma ngubani osile ekhanda angenke avuma ukuthi abantu abangu 5% bebe nomhlaba ongaphezu kwa 75%, bese kuthi isizwe esingu 81% sibe nomhlaba ongu 15%!
 
40.Lokho nje kukodwa kuchaza ukuthi sisezigqila ezweni lethu! Ngakho-ke kumele sizikhulule thina kulobu bugqili bengqondo!
 
41.Yikuphi okunye okuvezwe nguMsholozi ukuthi sizokwazi ukukwenza uma kushintsha umthethosisekelo?
 
42.Bonke abantwana kuzothi uma beqeda uMatric beyoba ngamasosha, bebuye lapho sebeqeqeshekile nasengqondweni, lokho kokwenza bekwazi ukuziphilisa ngezindlela eziningi. Nakwabamhlophe bekuba njalo uma beqeda uMatric!
 
43.AmaProvince azonciphiswa abe ngu 4, njengoba ayenjalo kuhulumeni wobandlululo. Lokho kuzosisiza ngezindlela eziningi engingazukuzibala lapha!
 
44.Iphalamende lizoba nendlu yamakhosi, okuzothi uma kuba nomthetho othinta isizwe, uqale uphasiswe yiwo amakhosi!
 
45.Kunemithetho enyanyisayo nengatshengisi ukuthi siyisizwe esinobuntu nesimesabayo uNkulunkulu. Lemithetho kumele ichithwe.
 
46.Umthetho ovumela ukukhishwa kwezisu; umthetho ovumela amalungelo obungqingili; ukudayisa ngomzimba, ukukhangisa ngobunqunu okwenziwa ngabesifazane kwabesilisa, nayo yonke imikhuba eyayingavumelekile kuhulumeni wobandlululo eku-Immorality Acts, eminye yayo kumele ibuyiswe!
 
47.Ziningi kakhulu izinto ezibulala isizwe, kodwa ezivunwa ngumthetho, nawe ongenke wenze lutho ngoba uma uke wayithinta koqhamuka o-D.A namadlela ndawonye abo bakuvimbe nge Concourt!
 
48. Noma uMsholozi uba nguMongameli wezwe noma qha, kodwa uma ishintshekile iConstitution, ngikholwa ukuthi kobe kufezekile obekufunwa ngu former President!!!!
 
49.Kumasonto edlule uMongameli waseRussia uPutin, uveze iqiniso ekade sasishumayela ngalo, kodwa abantu abaningi bengalemukeli.
 
50.IBhayibheli, ikakhulukazi iTestamente Elisha, lashintshwa kakhulu ukuze lisho lento efunwa ngabezizwe. Lokhu sengikukhulume kaningi ngichazela isizwe sakithi ngakho.
 
51.Lo Paul amaKrestu ahlale ecaphuna izincwadi zakhe uma ephikisa umthetho kaMose nezimfundiso zikaJesu, ngumuntu owakhiwa nje ngabezizwe ukuze kube sengathi ukuchitha umthetho kaNkulunkulu kwenziwa ngmfundi kaJesu, kanti nguMphostoli-mbumbulu nje!
 
52.Kanjalo, naloJesu omhlophe obekwe ezindongeni zezindlu zesonto akaze abe khona, kwathathwa nje isithombe seNtaliyane kwase kuthiwa yisona uMesaya!
 
53.Abantu abamnyama-ke bayaye bethi uma bethandaza bekhale bebhekise kulesi sithombe!
 
54.Waba khona uSha’ul, kuyi New Testament obizwa ngokuthi uSawuli, owagcina esengu Paul. USha’ul wabe engumNazaretha, eshumayela ivangeli lobuNazaretha njengoJesu.
 
55.UMprofethi wokuqala owasungula ibandla lamaNazaretha kwaba nguJohane umbhabhadisi, engasekho uJohane kwaba nguYeshua noma uJesu, engasekho uJesu lelibandla laholwa ngu Paul, njengoba kuchaziwe kuyi-Zenzo 24:5.
 
56.Leliqiniso lokuthi ibandla likaJesu amaNazaretha, okokuqala ngalithola encwadini esihloko sithi THE NAZARENE, betrayed, beaten, begotten.” Emva kwalokho ngalithola komunye umbhalo kuwo uJerome owayengu mbhishobhi webandla lamaKhatholika elwa naleli bandla lamaNazaretha!
 
57.Ngakho-ke lokhu kokuthi abalandeli bakaJesu ngamaKrestu, yilumbo, uJesu akaze ahlangane nobuKrestu!
 
58.IBandla lamaNazaretha elasungulwa nguShembe livusa iBandla lamaNazaretha elaliholwa nguYeshua, noma kaJesu!
 
59.AmaKrestu-ke kumele azi ukuthi lezi zincwadi abahlale bezicaphuna bethi zabhalwa nguPaul, ilumbo lelo, zabhalwa yibo abezizwe, base beziqamba ngompostoli uPaul!
 
60.Iqoqo lezincwadi zabapostoli ezibizwa ngokuthi THE GOSPEL OF THE 12 APOSTLES zashiswa ukuze singazi lutho ngezimfundiso zikaJesu. Okuningi esikufundayo ngesikufunzwe yilesi sizwe esimhlophe!
 
61.Ngenhlanhla ngabanayo enye incwadi eyayibhalwe ngabalandeli bakaJesu, ethi, THE GOSPEL OF THE NAZAREENS, ngazibonela ngokwami ukuthi izimfundiso zamaHebheru zahlakanezelwa kanjani ekuhunyushweni kwazo!!!!!
 
62.Ngiyafisa ukuxwayisa amaNazaretha kaNkulunkulu ngokuthi inkolo yabo kufanele beyazi njengoba bezazi, ngoba uSathene uhlasela ngezindlela eziningi!
 
63.Ngike ngahlangana nenkulumo yomunye umuntu ku tick tok. Lomuntu kulenkulumo ubenanela omunye umfundisi wamaKrestu ocaphune incwadi kaPaul lapho ethi khona ukushiya izinwele uyindoda kulihlazo.
 
64.Angizukhuluma ngokushiwo yilomfundisi, ngoba angimzwanga ukuthi utheni. Ngiphawula ngalenkulumo yalomuntu efakazela lomfundisi, ngoba ngokwami ubebhibhidla nje!
 
65.Ngokwakhe ubethi uqondisa amaNazaretha ngokugunda! Uthi ke lomuntu akukho eBhayibhelini ukuthi umuntu akumele agunde, ngaphandle uma ethathe isifungo sobuNazaretha isikhashana njengokushiwo nguNkulunkulu kuNumeri 6.
 
66.Kodwa kwacaca ukuthi akazi lutho ngaleli Bhayibheli okhuluma ngalo!
 
67.Angizukuyifunda yonke into oyikhulumile ngoba inde kakhulu, kodwa kafuphi ngizophendula kulezi zinto obezisho ethi ufakazela lomfundisi.
 
68.Okokuqala ufunde incwadi kaNumeri 6 ekhuluma ngomuntu ngesiHebheru okuthiwa nguMnaziri, kodwa thina maZulu esithi ngumNazaretha, njengoba kubhaliwe kuyiZenzo 24.5.
 
69.Uthike lomuntu, ngokukaNumeri 6 umthetho kaNkulunkulu othi umuntu othatha isifungo sobuNazaretha akangagundi, lokhu kungagundi kuyisikhashana usalindil! Ngiyavumelana nalencwadi.
 
70.Kodwa bese eqhubeka ethi akukho eBhayibhelini ukuthi shiya izinwele zakho impilo yakho yonke, ungagundi.
 
71.Ngalenkulumo bese enza inhlekisa ngokungagundi, ethi kwenziwa ngabantu abangalazi iBhayibheli, futhi abanenhloso ezithile!
 
72.Ube esecaphuna incwadi kaHezekeli 44:20, nakuyo ovele wazibhedela nje!
 
73.Ngithe uma ngimlalela lomuntu kanye nalomfundisi wakhe, ngabona ukuthi laba basaqhuba lelivangeli labezizwe, ngalo abaphikisa umthetho kaMose nezimfundiso zabaprofethi.
 
74.Leli yivangeli labezizwe elithi “Asisaphili ngaphansi komthetho kaNkulunkulu!”
 
75.UShembe wayenguMprofethi ovela ezulwini, elazi lonke iBhayibheli, ayikho into owake wayifundisa esuka ekhanda lakhe, ephambana nomthetho kaNkulunkulu!
 
76.Okungethuse kakhulu kulomuntu ilapho ethi akukho eBhayibhelini ngaphandle kwaNumeri 6, lapho kuthi khona ungagundi. Uthi-ke esikwenzayo senziwa ukungalazi iBhayibheli.
 
77.Laba abazama ukuphikisa ukungagundi impilo yakho yonke, bayaye bethi UNKULUNKULU WATHI UMUNTU ONGUMNAZARETHA ANGAGUNDI ISIKHASHANA, HHAYI IMPILO YAKHE YONKE!
 
78.Yilokho -ke abahlubuki abama ngakho, bese bethi awukho kwenye indawo eBhayibhelini umthetho othi ungalokothi ugunde uma ulikholwa!
 
79.Ekesibheke lamazwi engelosi kubaHluleli 13:5: “Ngokuba bheka uyakukhulelwa uzale indodana, impuco ayiyikuyithinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyokuba ngumNazaretha kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israel esandleni samaFilisti.”
 
80.USamsoni, lo okukhulunywa ngaye lapha, ngabe kwakumele ASHIYE ISIHLUTHU SAKHE ISIKHASHANA? USamson wayengabekelwe umthetho wokuthi engalokothi agunde impilo yakhe yonke?
 
81.KuSamuweli wokuqala isahluko 1:11, kuthi: “Wenza isethembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, bheka nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, BESE NGIMNIKA UJEHOVA IZINSUKU ZONKE ZOKUHAMBA KWAKHE, KUNGATHINTI MPUCO EKHANDA LAKHE.”
 
81.Ngabe lesi sifungo esathathwa nguHana ngomntwana wakhe kwakuyisifungo SESIKHASHANA? USAMUWELI WABUYE WALIGUNDA IKHANDA LAKHE?
 
82.Ku Levi 21:5-6 kuthi “(Abapristi noma abafundisi) abayikuphuca amakhanda abo emaceleni, noma baphuce isilevu sabo emaceleni… bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likanNkulunkulu, ngokuba banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova.., ngalokho bayakuba ngcwele.”
 
83.NGABE LOMTHETHO KANKULUNKULU NGOKUNGAGUNDI, UYISIKHASHANA, BANGABUYE BAZIPHUCE IZINWELE ZABO EMACELENI?
 
84.Ku Levi 19:27 kuthi: “Aniyikudilinga amakhanda enu emacaleni, awuyikona isilevu sakho emaceleni.” Ukuphucula ikhanda ecaleni akuyikho ukugunda? Lelivesi alisiwo umthetho kaNkulunkulu oseBhayibhelini?
 
85.KuDutoronomi 14:1, kuthi: “Ningabantu bakaJehova uNkulunkulu wenu, aniyi kuzisika, ningagundi ikhanda lenu ngenxa yabafileyo. Ngokuba ningabantwana abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu, uJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.”
 
86.(Amanye amaBhayibheli athi “Ngaphezu kwamehlo akho, noma amashiya akho. Alukho usiko oluthi abantu mabagunde amashiya uma kufiwe, kodwa bagunda ikhanda lonke!)
 
87.Kulaba bafundisi abakhuluma into abangayazi, noma beyazi abafundisa ukuhlubula abantu, kumele bazi ukuthi isifungo sobuNazaretha sinemithetho emithathu: ukungagundi, ukungaphuzi iwayini noma utshwala, ukungasithinti isidumbu. Lesi sifungo uphila naso uze ufe!
 
88.KuNumeri 6 kwakuba yisifungo sesikhashana, kodwa kwagcina sekunabantu abathatha lesi sifungo impilo yabo yonke.
 
89.Owokuqala kwaba nguSamson nomprofethi uSamuel. Baningi abanye esingaba balile lapha.
 
90.Kuyi New Testament uJohane umbhabhadisi uchazwe kahle kuLuke 1:15: lapho kuthi uJohane umbhabhadisi ngenke ephuze iwayini, uyohlale egcwaliswe nguMoya ongcwele. Lokho kusho ukuthi uyobe engumNazaretha, engaligudi nekhanda.
 
91.Ngaso sonke isikhathi kuyachazwa eBhayibhelini ukuthi umuntu ongumNazaretha ngumuntu ongcwele. Ngabe laba bantu bathi akakho emhlabeni umuntu ophila impilo yobungcwele aze afe?
 
92.Akesiye kuHezekeli 44:20: “Abayikuphuca amakhanda abo, bangabi nazihluthu, kepha bagunde amakhanda abo”
 
93.Lokhu kukhuluma kusho into kubuye kuziphikise, ngoba ukuphuca ikhanda nokugunda ikhanda kusho into eyodwa.
 
94.Awukwazi ukuthi uthi umuntu akangaphuci ikhanda, kodwa agunde ikhanda.
 
95.Lokhu kukhuluma uze ukuzwe uma uya esingisini, futhi ukuqale kuvesi 19, lapho kuthi khona: “Lapho bephumela egcekeni elingaphandle, igceke elingaphandle labantu, bayakukhumula izembatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bembathe ezinye izingubo, funa balimaze abantu ngezambatho zabo.”
 
96.Njengoba sihlale sikhuza amaNazaretha ukuthi kuphambene nomthetho kaNkulunkulu ukuthatha ingubo yesonto utholakale usuwubhazela ngayo ezitaladini nasemacaleni.
 
97.Umthetho kaNkulunkulu uthi izembatho zenkonzo uma usuqedile ukuba senkonzweni zikhumule uzibeke endaweni engcwele, ungazigqoki ezitaladini.
 
98.Kwelinye ibhayibheli lesingisi u verse 20 uchazwe kahle uma uthi: “Neither shall they shave their heads, nor allow their locks to grow long, they shall only trim or cut their heads.”
 
99.Ngolimi oluqondile kuthi: bangazigundi izinwele zabo, kodwa futhi bengavumi amagoda noma ama dreadlocks ezinwele abe made, bewanqume.
 
100.Uma ungabona abanye abantu baseBhayibhelini njengoSamson, babenama dreadlocks ekhanda. Laphake kuthiwa abefundisi bengawashiyi ama dreadlocks, kodwa futhi bengagundi! Akukho kulelivesi lapho kuthi ikholwa aligunde izinwele zalo!
 
101.Laba abathi uvunyelwe umuntu okholiwe ukugunda, bake bambona yini ngisho oyedwa umuntu eBhayibhelini egundile? Zikhona phela izithome zabantu eBhayibhelini!
 
102.Njengoba sengishilo, lelivesi uHekeli 44.20 akacacisile ukuthi uthini, kodwa ngesingisi kucacisiwe.
 
103.Uma uba ngumNazaretha, uthatha isifungo sokuthi usuyophila impilo yokuzahlukanisela kuJehova uze ufe.
 
104.Lokhu kusho ukuthi ngaphandle kweminye imithetho, ubekelwe imithetho emithathu, ngoba usuzahlukanisele uNkulunkulu: ukungabuphuzi utshwala noma iwayini, ukungasithinti isidumbu, ukungaligundi ikhanda.
 
105.Igama lesingisi elithi Nazarite, ngesiHebheru elithi Nazar, lisho ukuthi OMPILO YAKHE YONKE UZAHLUKANISELE UNKULUNKULU, ngesingisi kuthi THE ONE WHOSE WHOLE LIFE IS SEPARATED UNTO GOD!
 
106.Ngaphezu kwayo yonke impilo yokukholwa, umuntu othatha isifungo sobuNazaretha, okusho isifungo sokuhlala ungcwele, uJehova ukubekele imithethetho emithathu okumele uyigcine.
 
107.Lemithetho emithathu ayehlukani kumuntu ongumNazaretha, uyigcina yomithathu! Lesi sifungo sisemthandazweni wesabatha, wokulala nowokuvuka.
 
108.Kuvesi 21 womthandazo wesabatha kuthi: “KHUMBULA-KE UKUTHI NAMUHLA WENZE ISIVUMELWANO NOJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO SOKUTHI UYOHLALA ENDLINI KAJEHOVA KUZE KUBE SEKUPHELENI KWEZINSUKU ZAKHO.”
 
109.Bese uShembe ecaphuna uDutoronomi 23:23. Lelivesi lithi: “Lokho okuphume emlonyeni wakho uyakukugcina, ukwenze njengokwethembisa kwakho uJehova uNkulunkulu wakho isethembiso esihle owasethembisa uJehova uNkulunkulu wakho ngomlomo wakho.”
 
110.Manje sinenkinga yokuthi kuyaye kuthi uma umuntu ehlubuka, bese eba ngumfundisi ohlale efundisa ukuthi iyiphi incwadi eBhayibhelini ezosivumela ukuthi simhlubuke ngegunya uNkulunkulu!!!!
 
111.Sekuke kwangihlupha kakhulu ukuthi uma abantu sebemdelela kanje uNkulunkulu, ngabe uyehluleka yini ukubajezisa besaphila, ukuze bebe yisibonelo sokuthi uNkulunkulu ukhona ngempela?
 
112.Amanyala enzeka emhlabeni wonke, enza ukuthi ungabe sakwazi ngisho ukubuka umabona kude! Mina sengiyaye ngiphile ngokulalela umculo noma izindaba.
 
113.Kodwa manje sengiyazi ukuthi sesize safika isikhathi sokugcina, iningi lethu lingakafi, sizoqonda ukuthi uYeshua wayethini kuMathewu 24!!!!
 
114.Kunabantu abathi akakho uNkulunkulu, intshumayelo yabo leyo; abanye bathi asikho isihogo, abanye bathi asikho isidingo sokuphila ngokugcina umthetho kaNkulunkulu!
 
115.Kukhona isikhathi esingakude, kodwa esizoba nzima emhlabeni wonke, kuzophela konke lokhu kwedelela uNkulunkulu!
 
116.Sioba bona laba bantu abathi asikho isihogo, akakho uNkulunkulu, nalabo abathi ukukholwa akudingi ukuba ugcine umthetho kaJehova, ukuthi kunjalo ngempela yini?
 
117.Sizobona laba asebezakhele onkulunkulu babo, ukuthi labonkulunkulu bazodlala ndimani ukubavikela kulolulaka lukaNkulunkulu oluzayo!
 
118.Abakholwa koyisemkhulu sizobona ukuthi oyisemkhulu bazodlala yiphi indawo ukuvibavikela kulokhu okuzokwenzeka!
 
119.KumaNazaretha kaNkulunkulu, bakhumbule konke esikufundiswe yingelosi ngesikhathi se Covid 19. Ngoba lokhu okuzayo kukhulu kakhulu kune Covid 19.
 
120.Abaningi bazokufa ngezindlela eziningi, abanye bazobulawa yindlala, ngoba sisazoke siphile singadli mhlawumbe isonto lonke!
 
121.Sizobna ukuthi kulesi sikhathi kukhona yini ozothi uNkulunkulu akekho, isihogo asikho!
 
122.Sizobona ukuthi laba abathi bakholiwe, kodwa bengafuni ukuhamba ngezimiso zikaJehova, kothi uma bebiza uJesu, bethi Nkosi Nkosi, besenza imisebenzi emikhulu ngegama lakho, uzoqhamuka yini uJesu ebasindise kulenhlekelele ezayo?
 
123.Ngesikhathi se Covid 19 bonke abaprofethi nonkulunkulu bangena emgodini, asazi-ke ukuthi manje bazobaleka bengenephi?
 
124.Uyeza, uyeza umhla wokuphela, uzokuma phambi kwakho noma wena ungathand! Amagquma nemimango azolelezela!
 
125.Wemhlaba uyozifihlaphi nazo zonke lezo zoni? Balekani zidindi uyeza uJehova!
 
iNkosi ibusise lokho enikuzwile!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *