AmaHubo 52 verse 7-8. “Bheka nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe inqaba yaso, kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso, kepha mina nginjengo mnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu. Ngithemba umusa kaNkulunkulu, njalo njalo, kuze kube phakade, naphakade”.
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni eNqobizitha mhlaka 17 December 2022, siyiphathelwe uMfundisikazi Nomcebo Nxumalo.
ISIHLABELELO 227.
1 Nkosi Baba ngiyakuthanda
Kepha wena ufihliwe,
Awubonakali kimi
Noma mina ngifisayo.
2 Lowomfula uphi wona
Enginga geza kuwo,
Kuzosuka isisila
Ngibe muhle ngiphelele.
3 Ngiyakwembatha ezinjani
Nxa uhambela kimi,
Afunyanwa kuziphi izintaba
Amakha athandwa nguwe.
4 Loluthando lujulile
Lunamandla njengokufa
Lumnandi enhliziyweni
Noma wena ufihliwe.
6 Woza Nkosi masinyane
Ukweqhaba kuphelile,
Woza wena othandwayo
Namhla mina ngingowakho.
1.Ngiyababingelela abangcwele, bantwana baseKuphakamen, ngiyikhetha iNkosi yaseKuphakameni. Isihloko sithi MASIMTHANDE UJEHOVA SIMETHEMBE, SIMENZE INQABA YETHU.
Zihlobo ezinhle eNkosini, simbonga uNkulunkulu esithandile wasivusa ekulaleni ebesingenamandla okuzivukela ngaphandle kwakhe. Baningi abantu ebebenezinhlelo ukuthi loLusuku lwanamuhla bazoya ezindaweni ezithize, bazokwenza okuthile. Kodwa abafikanga kulokho, imihla yabo iphelile zingakafiki lezo nsuku.
2.Bantwana baseKuphakameni uma ngithi asimthande uJehova simenze inqaba yethu, ngikusho lokhu ngoba singabantwana ababizwa ngabantwana bakaNkulunkulu. Noma uSathane elwa nami, ulwile nami namanje ekuseni. Nginikiwe incwadi, ngaliphenya ikhasi ngawathola amazwi, uma ngisezwa kusenjalo, sekuba khona okungifunayo ngiphuma uma sengibuya asexubene, asexovekile amakhasi angIsazi ukuthi igama layo ibikuphi kodwa indaba yakhona ibimfishane, ngayikhumbula.
3.Ngiyafisa bangcwele ukuthi noma kunamuhla uNkulunkulu anginikeze le ncwadi, uSathane osengephuce igama layo, kodwa wahluleka ukungiphuca indaba yakhona. Kodwa indaba yakhona bantwana baseKuphakameni ibibhaliwe, ibusuke ku 6 ize iphelele ku7. Sengifana nomuntu okhuluma ngento engenanhloko engenamsila kodwa ngithe ngeke ngifunde enye ngoba inkulumo yayo ikhona, sekusele nje ukwazi ukuthi ikuphi. Wangiphuca nje isizulu uSathane wathi ngeke ukubone lokho.
4.Kodwa ibithi “Bheka nasi isiqhwaga, esingamenzanga uNkulunkulu abe inqaba yaso, kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso” Bekuyilena indaba ebengiyinikiwe, njengoba esengephucwa igama sengifika sekungaseyilo lelokhasi ngingasazi ukuthi bekubani, kodwa ngisazoqhubeka ngiyifune ngenzela ukuthi abangcwele beyazi ukuthi ngisale nendaba kodwa ngangabe ngisakhumbula ngoba beselivalekile lelikhasi.
5.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni masimuthande uJehova simenze inqaba yethu, singabi umuntu okukhulunywa ngaye lapha ukuthi bheka nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe inqaba yaso, kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.
6.AmaHubo 52, naba besho, abayifundeke bezokuzwa kahle abantu ngoba bese ngifunda okusele engqondweni yami.AmaHubo 52 verse 7-8. “Bheka nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe inqaba yaso, kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso, kepha mina nginjengo mnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu. Ngithemba umusa kaNkulunkulu, njalo njalo, kuze kube phakade, naphakade”.
7.Ilawa amazwi bantwana baseKuphakameni engemukela inkonzo ngawo, ngicela ukuthi inhliziyo yami ivume ukuthanda uJehova nokufuna ukuthandwa uJehova ngoba ngezikhathi zonke sibonakala sifuna ukuthandwa ngabantu. Ngezikhathi zonke bangcwele, sibonakala silungiselela ukuthi sithandwe ngabantu kodwa uthando lo muntu luyaphela. Baningi abantu ababengamathe nolimi bengahlukani, behamba ndawonye zonke izinsuku, wazi kahle ukuthi mawubone omunye sewubone nalona omunye, kodwa kwahamba kwahamba kwaphela.
8.Baningi abantu ababethembisene izinto ababezozenza ezinkulu ngokuzwana kwabo, kodwa namhlanje akusenjalo, kwahamba kwahamba kwaphela, ngoba uthando lomuntu bantwana baseKuphakameni luyaphela. Kodwa uthando lukaJehova alupheli ngoba uthando lukaJehova luqinile futhi luqinisile futhi uthando lukaJehova alinamngani futhi alithengwa, alithengeki.
Bantwana baseKuphakameni uma uthandwa uNkulunkulu akekho umuntu ongagwazela uNkulunkulu ukuthi akangabe esakuthanda. Kodwa ukuthandwa umuntu, luyaphela uthando. Noma ngabe wawumfakile emsebenzini, noma ngabe wawumnikeze imoto mhlawumbe ngoba ningabantu nizwana, luyaphela uthando akuphuce imoto yakhe ngoba uthando lwasemhlabeni, uthando lwesintu, luyaphela bantwana baseKuphakameni.
9.Kodwa uma uthandwa uJehova, uthando lukaJehova akekho ongakwephuca lona mawuthandwa uNkulunkulu, uhamba ekukhanyeni nomaphi, uma uthandwa uNkulunkulu, angeke ulambe, angeke nje futhi uswele lutho, usekhona lapha emhlabeni. UNkulunkulu uma ngabe ekuthanda, noma ngabe uhambaphi, noma ngabe uhamba ebusuku noma kuthiwa akudlulwa lapha, noma umngani wakho esekuchitha noma uxoshwa ngumlungu wakho, ekukhipha ebusuku ethi hamba angisakufuni noma bewusebenza uhlala khona, athi hamba, kodwa uma ethi hamba uthandwa uJehova kumnyama ngoba yena usuke enikela ngawe kuzo zonke izinto ongase uhlangana nazo eziyingozi, kodwa bese uJehova ekhanya phambi kwakho.
10.Kodwa uJehova awenze ukuthi lo mfula wehle ebese uyahamba wena ngoba uhamba noNkulunkulu. Uyothi uyalalela, athi uzwa kuthi mhlawumbe umukile namanzi noma zikuvukele igebengu kulelihlathi okade unqamula kulo wase uyafa. Ezwe kuthiwa udlulile, athi uyezwa, ezwe kuthiwa nalowomfula uwuwelile khona ugcwele unjalo, wawuwela, usaphila ukhona, ungale ngaphesheya kwawo.
Kepha konke lokhu yena ubekwenza ngoba sezicishile izibani, ubungani noma ngabe uwumfowenu, luyaphela uthando. Bangaki abantu abamelene, uthi uyezwa, uzwe ukuthi abasezwani. Bantwana baseKuphakameni asifuneni uthando lukaJehova ngoba lona alupheli, futhi akekho umuntu ongaliqhwanda ebese enza okufunwa nguye.
11.Bangaki abantu abalele lapha emathuneni, bangaki abantu abalapha emajele ababoshelwe ukubulala abafowabo, kuzwakale umuntu ukuthi utholakale edindilizile, kucabangeke izigebengu kodwa ekugcineni umkhondo uhambe uze ufike kumntwana wakwabo ukuthi uye owayethenge lezi nkabi. Asifuneni uthando lukaJehova, uthando lukaJehova luyiyo yonke into, luyisibani kuwe wena osebumnyameni, uthando lukaJehova luyingubo kuwe wena ohluphekile, ongenakho okokugqoka.
12.Uthando lukaJehova luwukudla kuwe, luyingubo kuwe, wembethe uma ngabe unothando lukaJehova ekuthanda uNkulunkulu. Abanye baphumile baxoshwe ngabantu ababekade beshade nabo bafunga phambi kwabafundisi bathi bayohlukaniswa ukufa kodwa ababange besahlukaniswa ukufa. Babe sebehlukaniswa ukuthi angeke ngikhone, lo muntu ilokhu azalwa akakaze nje ebe namntwana, angeke ngikhone, kodwa mhlazane eshada naye wathi bayohlukanisa ukufa.
13.Ngithi kuweke wena osuhamba lapha ngaphandle, wena okhishwe endlini ngoba kuthiwa awubatholi abantwana, ngithi uJehova uyikho konke phambi kwakho, uwukukhanya, uyiyo yonke into, uyingubo kuwe, uyinto enkulu phambi kwaNkulunkulu. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni namuhla asifuneni ukuthandwa uNkulunkulu ngoba uma uthandwa uNkulunkulu usuke unezinto zonke futhi ongeke wephucwe zona, akakho umuntu ongakwephuca uthando lokuthandwa uJehova. Kodwa ngesinye isikhathi noma ngabe uyathandwa noma ngabe usemsebenzini umlungu wakho uyakuthanda kodwa abantu bayakwazi ukuthi balone lolothando, bayakwazi ukungena, bangene kuye yena lowo muntu ophethe, bafike bakhulume ngawe, bathi lo muntu lona akalungile, uma ulokhu umgcine lapho kuzokwenzeka into ethile.
14.Agcine-ke eyimukela leyonto leyo ngoba umuntu kodwa kuNkulunkulu angeke ufike ukwazi ukuqamba amanga kuNkulunkulu ngoba uNkulunkulu akaphumputhi kodwa uyabona, angeke ukwazi ukuyoqambela umuntu amanga kuNkulunkulu. Futhi uthando lukaNkulunkulu bantwana baseKuphakameni, ngendlela eliyingubo ngayo, uNkulunkulu uma ekuthanda, lapho ohamba khona, kuhamba njalo ukukhanya, abahlupheki bona ngoba lapho umi khona uNkulunkulu ukwenzela ukudla, aphinde akuphe amanzi okuphuza, akuphe ingubo yokumbatha, akuphe nomuzi futhi, athi hlala.
15.Ngisho ukuthi bangcwele kulemini yanamuhla, ngithi asifuneni ukuthandwa uNkulunkulu, ungathokozi ngothando oluzokonelwa, uthando oluzosithwa ngezinto ezithile, lugcine likufiphazeka, lugcine seluyinhlupho phezu kwakho. Kodwa uNkulunkulu uyakubona uma ngabe wenze into enhle, noma sewonile, uhlulela lokho okonile, kodwa uJehova uyayikhumbula into enhle oyenzile phambi kobuso bakho, uyakubala nalokho okuhle, akagcini kokubi kuphela.
16.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngangikhona kukhulunywa ngendaba yomnumzane owayefuyile, efuye izinkomo kodwa zazifa, wahamba wayobika inkinga yakhe, wathi izinkomo ziyafa, ebikela uShembe, kwathi uma esebuyela zanda izinkomo kakhulu wase egcina lo mnumzane engasayi esontweni. Kodwa ngenye imini bathi iNkosi yamubuza, ibuza lo owayemlethile ukuthi uphi uzibanibani, wathi Baba ukhona, wathi ngicela ungibizele yena ngesonto elizayo uze naye la. Wase eyahamba lowo baba okwakuyena owayemlayele uShembe wafike wamutshela ukuthi iNkosi iyakubiza, wayeseyasuka-ke wahamba waya khona, yafike iNkosi yathi hawu mnumzane angisakuboni esontweni. Wathi hawu Baba izinkomo seziningi kakhulu ngisuke ngibheke zona, wathi uBaba izinkomo, wathi yebo, yathi iNkosi ikubusise!
17.Kodwa bantwana baseKuphakameni abakhuluma le ndaba bathi yathi iyafika le ndoda, yafika zife zonke izinkomo, zafa zonke izinkomo eziningi, yathi iphuthuma iphindela emumva, iyobika kuShembe ukuthi lezinkomo sezifile. Wathi uBaba kuncono ukuthi kufe lezinkomo kunokuthi kufe wena ngoba kukufa ukulahla uJehova. Ngisho ukuthi-ke bantwana baseKuphakameni iSabatha namuhla futhi inyanga lena esikhumbula ngayo iNkosi iLanga. Bantwana baseKuphakameni ngibuyela ekuthandeni uJehova, ngibuyela bantwana baseKuphakameni ekufuneni uthando. Baningi abantu abafe, bafa sebecwile odakeni lokuhlupheka. Abanye abantu bayamubona uNkulunkulu kodwa uma sebemubonile bese beyabonisana nezingane zabo. Zithi izingane baba thina asilithandi lelisonto leliya, asilithandi lelisonto. Umbone umuntu ukuthi ube mningi esontweni, mhlawumbe useyikhethile iNkosi, kodwa uyikhethe engakabuzi nakubantwana bakhe. Bese kuhlalwa phansi izingane zithi azilifuni lelobandla, angikhulumeli lelibandla kuphela kodwa leli ibandla likaJehova, maningi amabandla akhona.
18.Agcine umnumzane noma inkosikazi ihoshuka esontweni, uthi mawuthi uthi hawu, omunyeke akabaleki, avele athi ngizokusho ukuthi angisaqhubeki, ngiyalithanda impela isonto, kodwa manje abantwana bayalihlaba kakhulu, ngibona ukuthi angihlehle ngoba abantwana abalithandi lelibandla. Omumye ahlehlele ukuthi inkosikazi yakhe ayilifuni lelibandla. Bantwana baseKuphakameni ithi ingelosi ngelinye ilanga, ekukholweni kufanele ukuthi ucabange indaba yakho ngoba ithuna ozolala kulo awunakungena nabantwana bakho, ngeke ungene nabazali bakho, ngeke ungene nabafowenu nodadwenu. Ngalokho uma ngabe sewumbonile uNkulunkulu usuke uzibonele wena, usuke ungambonele omunye umuntu.
19.Uma ngabe umndeni wakho uthi awuthandi ukuthi ukholwe, kufanele ukuthi ukholwe ngoba bewungakholelwa bona, bewukholelwa indaba yakho, nosuku olufihliweyo oluyofika kuwe wedwa olungayakufika kuwe nabantwana bakho kodwa okuyakufika kuwe wedwa njengoba esho uShembe ethi uyeza umhla wokuphela uyokuma phambi kwakho.
20.Akekho-ke umuntu omelwa umhlawuphela ummele nabantwana ngaleso sikhathi, izikhathi zehlukene njengoba nokuzalwa kwehlukene, nomunye ufika ngolunye usuku, noma nizalwa umama oyedwa kodwa anikaze nifike ngosuku olulodwa, nomunye wafika ngomunye unyaka ngolunye usuku. Kuyakuma phambi kwakho. Ngisho ukuthi-ke baningi abantu abathandayo ukukholwa kodwa banqandwa zingane zabo, bathike manje izingane zithi azilithandi lelisonto.
21.Ngithi-ke bantwana baseKuohakameni uma ngabe bebazi ukuthi ekufeni kunzima kanjani, ithi ingelosi kufika lapha abantu bathi noma sebefikile, uNkulunkulu ebabuza ukuthi babengamdumisi ngani, basho lokho abakushoyo, kuthiwe nqandekake uyodumisa kuqala, uyofunda umthetho wokungena la kulendawo. Esebabuka abantu ebebehlupheka beshiswa ilanga benethwa zimvula, esebabuka beshaye uklele beyongene endaweni abayisebenzele bese lapha.
22.Uma ethi uyabuya, ucabanga ukuthi uzovukela kwakhe, aphinde abatshele abantu ukuthi sengibone uNkulunkulu uqobo lwakhe, kodwa avukele ethuneni! Lelithuna avukela kulo, liyijele ngoba ukumemeza kwakhe akusafinyeleli emndenini wakhe, nakulabo bantwana ababemenqabela, nakuleyonkosikazi eyayimenqabela, akasazwakali, ngoba ithuna ligqitshwe laze lakhonkwa, akukho zwi lakhe elifika lapha emhlabeni, ikhaya lakhe sekuyilelithuna.
23.Uyafisa ukuthi abuye enze lokhu ayengakwenzanga kodwa kuthiwe phindela emumva, kodwa imuva lakhe sekuyilelithuna, konke akuzwe futhi akhumbule ukuthi lapha ahleli khona usethuneni. Kungcono mhlawumbe uma ungekhumbule ngoba angiboni mhlawumbe ukuthi ubuhlungu bungangaka kakhulu, kodwa ukukhumbule ukuthi uphansi kwethuna, kufike ukucabanga ukuthi ngake ngaba khona emncwabeni wabanye abantu, ngabona ukuthi umgodi ujule kangakanani wokufihla umuntu, uhlale ungazi ukuthi ugwetshwe iminyaka emingaki.
24.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni omunye nomunye akazicabangele yena, akamfune uJehova amfunele yena uqobo lwakhe, azi ukuthi ezinsukwini ezifihliweyo, kuyoba kuyimi, naye uJehova esengibuka ukuthi emhleni yami yokuphila kwami, ngenzani ngahamba kanjani.
25.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni sesizoya emhlanganweni, abanye ubalindile umndeni, uzobafundela amavesi omsamu, uzobaqalekisa ukuthi ukuthi ushiye umthetho wasekhaya wahamba walandela umthetho womuntu angamazi. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni bonke abantu abacabange izinsuku ezifihliweyo, noma ngabe unakho konke kodwa cabanga imihla efihliweyo, eyofika kuwe wedwa, ngithena evikini eliphelile, bayajabula abantu ababonayo ukuthi akuphelele.
26.Ngakhuluma ngendaba yokuthi uke ubone umuntu ongaswele lutho, abantu abafundile, abahlale iminyaka ngeminyaka ema university kodwa abakwazile ukubona ukuthi abaphelele uma ngabe uNkulunkulu ekude nabo.
Ebese uyazifunake ukuthi mina bengiyini uma kusuka abantu abafundile, abasukunyelwayo kodwa bezohlupheka, behluphekela le mihla efihliweyo ukuthi uma ifika kubo, ibathole befanele ukuhamba nezingelosi zasezulwini zibase kuNkulunkulu owabadala. Ngoba zikhona nezinye ezingakusi khona lapho okuya khona abangcwele.
27.Bantwana baseKuphakameni, ngithi namhla inyanga lena yokukhumbula iNkosi yaseKuphakameni iNkosi iLanga. INkosi iLanga yakhuluma nomunye umama owayekade ezihlanganise nokukholwa ethi uyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni, sajabula sonke ngapha eVenda. Kodwa ngakusasa lo mama wafika ekuseni esenyukubele, sathi uma siya kuye, wathi eyi, ngiyikhethile iNkosi, kodwa manje kufike umuntu othi unguShembe, wafike wathi noma lapha emhlabeni kushiwo ukuthi ameni, kodwa amabandla asezulwini awashongo.
28.Uthi ngithe uma ngibuza ukuthi yini, wathi wena ukweleta umuntu imali yakhe awuzange umnike. Uthi-ke ngangikweleta inyanga ngoba ngangigula, ngabona ngingaphili ngabona ukuthi angimusa ukuzihlupha ngokukhipha le mali ngoba inyanga yahluleka ukungilapha, kodwa uShembe wathi phindela uye enyangeni uyoyinika imali enanivumelene ngayo, wawuthatha umuthi wayo. Hambisa imali, uma uqeda, ubuyeke uzoqala phansi uthi uyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni. Wathi uma esho lo mama sase siletha amafodo wonke, wafike wakhomba iNkosi iLanga wathi ngulona okade efikile. Wakwenza-ke lokho okwakushiwo iNkosi wabuye waqala phansi wakhetha iNkosi esehambile wayoyikhipha imali. Wathi futhi Baba mina imali anginayo, angisebenzi, wathi uBaba umyeni wakho angithi ukhona, wathi Baba akanginiki imali, wathi umtshele ukuthi ngithe akakunike imali uhambe uyonikeza leya nyanga ngoba unjengomtanakhe ngoba umganile. Wamtshela lo mama lo baba owayehamba naye, wayikhipha, uthi uBaba iLanga umtshele ukuthi kusho mina.
29.Ngithi-ke bangcwele inyanga yokukhumbula lelo Qhawe bantwana baseKuphakameni. Ngizomkhumbula futhi lapho amabandla angalifuni lelibandla behlangana bantwana baseKuphakameni ezweni laseVenda, ngoba babengakufihli ukuthi lelibandla akufanele libe khona laphayana, ibandla elalifanele libe khona laphayana, ibandla vele engalifica likhona lilikhulu nemithonseyana yamaKrestu.
30.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngoba ibandla lalikhula, bahlangana base beyahamba beya eThempelini lapho esikhonzela khona. Ngangingekho ngiseGoli, kodwa ngathola ucingo ukuthi angibuye ekhaya, ngahamba ngaya khona amalunga ebandla engitshela. Ngithe uma ngifika, angilandisa, abathakathi baye laphaya, ngangizwa ngabo ukuthi babeye laphaya eThempelini beyothatha amatshe lawa amahlophe.
31.Kwasho bona futhi ukuthi babeyowasebenza ukuze amaNazaretha uma ethi ayangena esontweni, axabane alwe, bese egcina evalwa, kuthiwe bengaphinde batholakale besonta ngoba abasonti bayalwa, kwakufuneka kushawane. Kodwa bathi-ke laba bantu, bathi uma bethi bayafika nje, bayawathinta amatshe, kwaqathaka umuntu, lo muntu owayemuhle ngendlela eyisimangaliso, bathi izingubo zakhe zazishintsha imibala, kodwa kwagcina le ngubo ibomvu kodwa yayisiba mnyama.
32.Wayesevula izandla, wathi uma ezivula, kwaqhathaka amadoda, iwoke lamadoda abashaya, bathi abashawanga Ilona owavula izandla, bathi bashawa ilawa madoda, abashaya bavaleka amehlo.
33.Omunye namanje akaboni, omunye sewashona, bavaleka amehlo, baze basitshela nokuthi uma beya laphana babehamba ngentambo kagesi. Ngangingakaze ngikuzwe ukuthi intambo kagesi kuhanjwa kanjani ngayo, kodwa babehamba ngayo. Kodwa iNkosi iLanga yabashaya, yabashaya yavula izandla kwaqathaka abantu, babona isimangaliso bangcwele, bathi babona umuntu ephakamisa izandla kuqathaka abantu, laba bantu babashaya.
34.Ngiyafisa ukuthi ngenye imini, kukhona inkosikazi eyayiwunobhala, yayisazi yona kancane IsiZulu ngoba ibike ihlale naseThembisa, kunomuzi, ubaba wayo kunomuzi khona. Ngiyafisa ukuthi ngenye imini engathi, kungenzeka ukuthi ake afike bangcwele ngoba noma ngabe isiZulu ubengasizwa kodwa bayasizwa isingisi.
35.Ngithi bashaywa bangcwele abathakathi bavaleka amehlo, bevalwa iNkosi iLanga, eyaphakamisa isandla kwaqathaka amakholwa asezulwini. Ithi-ke ingelosi ngelinye ilanga ikhuluma ngalokho, ithi ingelosi, kwakuwumbutho wezinsizwa owafa ukholwa, umbutho ka-23. Angazi ukuthi namhlanjena lowo mbutho usekhona yini lo uShembe angakwazi ukunqoba impi ngawo. Kwaqathaka izinsizwa ezazingamaNazaretha ezafela ezwini likaNkulunkulu, zanqoba abathakathi. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kuye kube khona lokhu ukuthi ngibone ukuthi kuyicala ukungabongi kuNkulunkulu. Abanye abantu baye bangibuke bathi hawu lona ohlale ekhuluma ngeNkosi iLanga uyazelaphi ngoba wafika sekuyiNkosi iNyangayezulu, iqiniso lelo. Ngiyafisa bantwana baseKuphakameni ukuthi ngikuchaze ukuthi uBaba iLanga ngahlangana kanjani naye.
36.Ngenye imini ngehlelwa isehlo sosizi, abantu abangasazi ukuthi uma wehlelwe ileso sehlo ebandleni bantwana baseKuphakameni othembele kulo ukuthi kuye kube buhlungu kangakanani. Ngomunye unyaka, uBaba wakhuphuka waya eGoli, iNkosi uBaba uThingo. Kwase kuyamenyezelwa kanti kusazoyiswa njalo ngoLwesithathu kuthiwa siyobingelela ngoba usuku afika ngalo uLwesibili.
37.Nami bantwana baseKuphakameni ngahamba ngajabula, ngalelo langa iNkosi ayizange ime njengoba ibivame ukuma lapha ngasemnyango. Kodwa wajabula uBaba wangena eNhlalisuthini wahamba lapha phakathi kwamakhosana, ehamba lapha ngaphakathi. Manje kulokhu kuthiwa ameni uyingcwele, akekho obhekile, nami uBaba uhambile, sibheke le. Usengapha emuva ulapha enhlalisuthini, akekho owaziyo ukuthi uzobuya nini.
38.Uma sivula izandla kanje, kanti uBaba uzodlula lapha isandla sami simthinte uBaba, kanti ngibheke le angimuboni. Kwaqubuka uMfundisi, sasinaye lapha uMfundisi uNgema, weza kimi endiza, wangangibiza, wathi wenzani wena, wathi umthintelani uBaba, umthintelani uBaba wena, ngangingazi ukuthi, ngangingaboni kanti khathi ngibona uBaba udlulile. Angifuni ukuqamba amanga, ngangingamuboni kodwa ngajabula enhliziyweni yami ngoba ngangigula.
39.Ngajabula enhliziyweni yami ngathi mina hawu, namhlanjena ngaphila, kuzophela lokhu kufa. Ngisusela laphana uJesu athi khona kukhona othinte ingubo yami kodwa ekugcineni kutholakale ukuthi iNkosikazi eyayigula. Ekugcineni atholakale ethi: “Sukuma uhambe ukukholwa kwakho kukusindisile,” wasinda! Nami ngangikulelo Themba, ngathi ngiyagula ngendlela eyisimangaliso, ngangigula ngingakwazi ngisho ukudla kulokhu kugula okwakukade kungiphethe. Izihlabo engingakaze ngizibone ezazingihlaba ngithule ngithi ngithithibale.
40.Manje ngajabula ngathi hhawu kusho ukuthi ngiyaphila, lesi sikhathi ngisathi ngiyajabula qubukiyana uMfundisi, wenzani wena, umthintelani wena uBaba, umthintelani uBaba? Ngangazi! Ngaze ngasizwa nguMakhosazana udadewabo kaMkhokheli uMaNyathi, ugane kwaNyathi. Simbiza ngokuthi uMaKhosazana ngoba kuthiwa wethiwa uBaba iLanga. UMakhosazana umuntu-ke omdala ngisho nakuMkhokheli owayengiphethe.
41.Weza uMakhosazana wafike wathi “Hawu sekuqale nini, thina iNkosi iLanga sasingayithinti nokuyithinta sasiletha izandla, yayisixhawula ngezandla zayo” ngoba mina wayengazi uNgema ukuthi ngiwumuntu owayephendukile, angikwazi lokho. Kodwa kwaqhamuka lona abakhula naye, wathi “sekuqale nini ukuba icala, iNkosi iLanga thina sasize singene ngisho emotweni yayo, sekuqale nini ukuthi kube icala” wase eyanqandeka. Kanti unqandeka nje, kukhulu kuyeza, angiboni, ngicabanga ukuthi sekuphelile, khona lapho ngangazi ukuthi kwenziwa njani uma sekunje, ngahlala ngingazi. Kanti bavele bahamba, baya kuBaba bayothi mina bengithengwe ngabantu baseKuphakameni ukuthi ngithinte uBaba, ngihambe ngalanda izinto ezithile ezingezinhle, banginikeze umuthi ukuthi ngithinte uBaba kanje abantu baseKuphakameni.
42.Ngingazi nokuthi amasango aseKuphakameni avulwa kanjani, mina ngafika kuBaba iNyangayezulu, uyena Shembe engamubona ngamehlo ngiqala ukufika lapha, angazi eKuphakameni, ngazi nje, ngitshengiswa ukuthi kulapha, ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi kube khona eKuphakameni naseBuhleni, ngakuthola sengikuthola ngilapha ebandleni. Ngithi-ke basho njalo, bathi bengiphathiswe ngabantu baseKuphakameni.
43.Ngibizwe bangcwele ngibuzwe, ngibona nje abantu bayashalazela angazi ukuthi kwenzakalani. Awu bangcwele ngoba umuntu uma engalazi icala lakhe akaboni noma kwenzeka izinto. Kwahamba kwahamba kwathiwa umntwana kaBaba iNyangayezulu uNkosazana uNombali Shembe. Wase uNombali eyangitshela uthi “kodwa wena sewuyilena eKuphakameni uyothatha izinto” ngithi mina eKuphakameni kuphi, uyangitshela uthi “Phela njengoba ubona njena nalaba bantu bethanda ukuvimbavimba, kuthiwa wena wawuphathiswa ngabantu baseKuphakameni, yikho nje lokhu wathinta uBaba” Ngithi uma babengiphathisile, ngangingamthinta kanjani ngibheke le, ngangingeze ngaya yini kuye, ngoba uBaba wathintwa isandla sami ngibheke phambili, sihleli la sibheke phambili, ngangingamazi nokuthi uzobuya ahambe ngalendlela?
44.Wathi-ke uNombali lowo ngiyabonga, iNkosi imbusise futhi iNkosi yaseKuphakameni amkhumbule ezweni akulo ngoba uyena owangikhanyisela ukuthi kwenzenjani. Bantwana baseKuphakameni kwahamba kwafika isikhathi kuyiwa emhlanganweni, ngawubopha umthwalo nami ngiya enmhlanganweni kaJanuary, izinto zazenzeka ngo March. Ngafika bantwana baseKuphakameni, ningixoxelele, kodwa namuhla isikhumbuzo seNkosi iLanga, ngifisa abantu bazi ukuthi ngaxhumana kanjani noBaba iLanga.
45.Bangcwele ngathi uma ngifika ngathola ukuthi izimpahla zami zintshontshwe zonke, ngisho izingubo, ngishoni, konke engipheka ngakho edokodweni, konke, ngalahlekelwa iyoyonke into, ngalahlekelwa iyoyonke imali. Ngaphuma ngahamba nomhlangano kunjalo, weza umhlangano, wafikake waba iSabatha, wezake nami, ngihleli lapha. Sengithi ngiyobika ukuthi ngisabuyela emuva ngoba ngifike konke kuphelile, ngisho nemali angisenayo, ngisahamba ngibuyela eGoli ngoba sasijwayele kuBaba iNyangayezulu ukuthi wawungasuki uma usemhlanganweni uhamba, wawuya kuShembe uyosho ukuthi usahamba, noma uya emsebenzini usho ukuthi uyabuya.
46.Ngangiyobika ukuthi ngiyabuya, ngilahlekelwe zimpahla konke nemali. Kwakukhona nokunye bantwana baseKuphakameni enganginakho okwakungihlupha okuxubene futhi nokugula ngoba ngangihlala ngihlushwa ilezi zibhobo ezazingishaya ngingakwazi ukwenzani. Kuningi engangikukhulumile, ngase ngino R10 engangisele nawo, lo R10 wawuzobika izinto eziningi kabi kodwa uNkulunkulu yena uyazi ukuthi okwakubalulekile kwakuyikuphi kulezi zinto. Ngalungiselela ngahlala eduze kuthi uma ngabe sekuyonikelwa ngikwazi ukufika kuBaba ngingayi ezimbengeni. Nangampela bangcwele lamemeza izwi lathi abantu abafuna ukuzobika abeze. Ngithi ngangowesihlanu noma isithupha, ngathi uma ngifika bangcwele, ngiphethe lo R10 namafutha. Ngithi uma ngithi ngiyeza, ziqheliswe lezimbenge ekufuneka ngifake kuzo umnikelo.
47.Yeyi bantwana baseKuphakameni ubohlala njalo kulelibandla ucele kuNkulunkulu ukuthi umazi, uzazi izindlela zoMkhululi wakho wenzela ukuthi noma sekufika izikhukhula ukwazi ukuthi ungamuki nazo. Zaqhelukiswa izimbenge, ngathi ngithi ngiletha amafutha, isandla seqa, sabusisa amafutha angale emva kwami, ngathi ngithi ngiyawufaka umnikelo, yasuswa imbenge, yashaya isandla sami wawela phansi umnikelo.
48.Ngawuthatha umnikelo, ngase ngiqhinqela amafutha ukuthi angithole lamafutha ngoba ngangingaqondi kahle ukuthi kwenzakalani. Wathi uBaba ethi ubusisa awomunye angapha ngase ngiphakamisa isandla wabusisa lawa. Kodwa umnikelo lona, ngithi ngiyanikelwa laphana, hhayi umnikelo wami uchithwe ngawuthatha, inhliziyo yami yaba buhlungu ngoba ngangingazi kwenzekani.
49.Uyazi ukuthi kuwo lowo mzuzu ngaqala ngalelolanga ukubona ukuthi uBaba iNyangayezulu akasekho kulelizwe ngoba kwakunguShembe engangimazi. Ngaya etsheni bangcwele, ngafike ngacela intethelelo sengibona ukuthi ngonile ngokuthi ngenze ubuqili athi uBaba ubusisa lamafutha bese ebusisa awami. Ngacela intethelelo, into engangiyimemeza eNhlangakazi ngimemeza iNyangayezulu ngithi kanti washonaphi! Angazi ukuthi kwenzakalani, ngithi bantwana baseKuphakameni kwabanzima, ngehla laphayana, abazi eNhlangakazi ngeke wehle kanjeya, angizange ngibone nokuthi ngafika nini emadokodweni, kwehleka kanzima, ngehla ngiphephuka ngingazazi nokuthi ngiyini, ngingazi nokuthi kufuneka ngiye kubani.
50.Ngafike ngamutshela uMkhokheli, wathi uMkhokheli uShembe uyazi ukuthi wakubizelani maNxumalo, ungahambi, uyokhuluma uShembe! Ngathi angazi lutho ngalento! Wavalwa umhlangano, ngiphila leyompilo leyo, ngangaduba umhlangano, ngahlala ngeza esontweni ngasebenza wonke umsebenzi osetshenzwayo, ngadlula ngahamba. Kwafika u-March, sengiyazi ukuthi kwenzakalani, uNombali ungitshelile, uBaba iLanga waqhamuka bantwana baseKuphakameni ngingalele kodwa uma ngifuna ukuthi abantu bezwe, kufanele ngithi ngangilele!
51.Ngendlela inhliziyo yami eyayibuhlungu ngayo, ngangingena ngisho ehlathini elalingozi ngimemeza ngithi noma ngabe kukhona ibhubesi noma ngabe kukhonani, ngisho izinyoni ngangikhuluma ngithi nina enindiza lapho hambani niyongiphikela kuShembe, nithi angazi lutho angikaze ngiye eKuphakameni, angazi nokuthi ungenangaphi.
52.Ngangingasakwazi ukunikela kuBaba, mina ngake ngayonikela eMantsheni ngithi uNkulunkulu uzowubona lo mnikelo wami. Ngangingaceli lutho, ngangicela nje ukuthi uShembe angazani nabantu baseKuphakameni, lento okuthiwa ngiyenzile angikaze ngize ngiyenze! Ngelinye ilanga ngathi sengingene ehlathini ngithi anginandaba noma kungenzakalani, kwenzeke okwenzalayo, ngithandaze ngize ngikhale. UBaba wafika uBaba iLanga ngingakayi emhlanganweni wango March. Wathi uBaba, ehamba nomunye nje uMfundisi, ngithi ngangilele ngoba phela angazi ukuthi ngangingambona kanjani uBaba.
53.Ngathi uma sengiyofika mina kuye, ngazibona ngiphenduka, ngoba lo R10 angikaze ngiwulahle, ngawugcina lo R10. Ngafike ngasho lento le engangiyoyisho lapha, ngayisho yonke phambi kwaBaba iLanga. Wayesethi uBaba uma ngibeka lo mnikelo, wawuthatha uBaba lo mnikelo, wathi “mtanami uyabona ukuthi ngiyawuthatha” wawuthatha wawufaka eyembeni, wathi “Ubonile ukuthi ngiwuthathile lo mnikelo” waze washo kathathu, wathi “ubonile ukuthi ngiwuthathile umnikelo?” Ngathi yebo Baba.” Wathi “ubonile ukuthi ngiwumukelile umnikelo wakho?” ngathi yebo Baba.
54.Wathi “Ungaphinde-ke uye kuleliyahlathi, hambake mtanami, sula izinyembezi, ungaphinde ukhale, hambake mtanami, konke lokhu obukucela la, uzokuthola” ngavuka ngahalalisa ngoba ngathi bengilele, ngahalalisa uyingcwele Nkosi yamakhosi! Ngathi ngithi ngiyaya laphana ngifune lo R10 ngithi lo R10 wami lona kushuthi kufuneka ngihambe nawo ngiye embengeni ngawuthola uR10 ungasekho! Ngajabula kakhulu, ngamtshela ngisho noMbali, ngabopha imithwalo ngakhuphuka ngaya eGoli ngiya emhlanganweni, ngithi uma ngifika eGoli, ngoba nganginganakuduba uShembe, nganginganakuduba umholi wami ngoba ngase ngizwile ukuthi kwafika umuntu kuye.
55.Ngathi anginandaba, ngalungisa umnikelo wami omunye. Kodwa ngiyishiya kancane le ndaba, ngingakakhuphuki ukuya eGoli, uBaba uma ngimubona esethena ngingaphinde ngikhale esewuthathile umnikelo wami, ngase ngimubona esekhuluma nayo iNkosi uThingo, bakhuluma ukukhuluma engingakuzwanga, kodwa ngabona uBaba uThingo ehleka emoyizela nje behleka bekhuluma bejabule noBaba, kodwa ngabona ukuthi uBaba kukhona into ayishoyo kuye angizange ngizwe ukuthi wayethini.
56.Ngafika bantwana baseKuphakameni, le ndaba ngiyixoxela abantu ukuthi ungabomdedela umuntu, ungamhlehleli umuntu, ubophikelela kuNkulunkulu. Lafika izwi lathi abantu abeze bezozibika, mina ngaba owokuqala esangweni, ekuThuthukeni lapha nje eduze kwendlu laba okuvama ukuthi baphathiswe izimbenge balekelele uBaba kunikelwe kuye, babema lapha. Ngangaya kuye, ngoba ekukhaleni kwami konke ngangithi hawu Shembe kanti lento engihlale ngiyizwa ikhulunywa ngabantu bathi wathi akufunwe uShembe woMoya ngoba owenyama uzophela, kanti ikhona? Kanti wawukhuluma nami, kanti kwakushiwo kimi ukuthi ngizakuhamba nguhambe ngimeswele uShembe wenyama? Ngathi Nkosi ngiyakwemukela kusuka namhlanjena, angeke ngiphinde ngiye laphana, ngizonikela lapha owasho khona wathi abafuna uShembe woMoya bayomuthola khona.
57.Ngangingena bantwana baseKuphakameni ngahamba ngayolinda lapha uBaba esephumile ehleli, wathumela uMvangeli uGebuza wathi akangibuze ukuthi ngiguqeleni lapha, uBaba wayazi ukuthi laphana ekuvame ukuya imbenge. Wathi uma efika wathi ithi Nkosi uguqeleni laphana, ngathi ngilindele ukuthi ngizoba owokuqala uma kuphuma izimbenge, ngilindele ukuthi ngzoba owokuqala.
58.Wathi engakafiki kuye, wabe esekuma uBaba, uBaba wasukuma yena, wathi Mkhokheli ufunani lapha, ngathi Baba bengenzela ukuthi uma imbenge isifka ngiba owokuqala. Wathi Sukuma, ngasukuma ngahamba ngafika ngabika kuBaba, uBaba ngabona lesiya smile engangibona ehleka noBaba iLanga. UNkulunkulu wenza isimangaliso ukuthi lo mfundisi, akabe khona uma kwenzeka lento, wathi uma esekhona eletha abantu bakhe ayekade ebaletha laphayana kuBaba, nginikele ngithi ngiyasukuma wathi uBaba, hlala phansi.
59.Wathi noma esho ethi Baba, naba abantu, naba abanye bazonikela, wathi uyangixosha, wathi hhayi sewuqedile, wathi uBaba hlala phansi Mkhokheli, iNkosi ikubusise! Ngaze ngamxoxela indaba lena engiyishoyo eyenziwa uBaba iLanga, wanginika uBaba ilungelo wathi angixoxe ngoba wayesezwile nangoNombali. Ngasho ngathi kwenzekala ini. Wathi uBaba abangadlaleli lapho, iNkosi sengathi ingashaya nalabo abasasele kusho iNkosi uThingo.
60.Ngahlala bangcwele uNgema engixosha, ngikade nginganikeli kuye ngize kuBaba esebonga ethi hhayi hamba manje sekuphelile, ethi uBaba hlala phansi! Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngamazi kanjalo uBaba iLanga, waqhamuka ngikhala bantwana baseKuphakameni, uBaba iLanga wehla ezulwini, washiya ubukhazikhazi, wazongiphikela kuBaba uThingo, wangiphikile wathi angazi lutho!
61.Kusukela ngaleso sikhathi ngase ngilokhu nginikela, nginikela kalula. Bamangala abantu abasho lento ukuthi ngibuyiselwa ubani, ngabuyiselwa uBaba iLanga sebengithathe bangilahla emgedeni. UBaba iLanga wangilanda lapho bangcwele! Ngabuya ngoba ngazi ukuthi angenze lutho, angibazi nalaba bantu baseKuphakameni, ngangivele ngazi laba engangifikele kubo, ababekade bengabalandeli bakaBaba iNyangayezulu.
62.Ngithi-ke bangcwele njengoba-ke kuyilanga lesikhumbuzo nami ngiyahalalisa, ngithi uBaba, phambi kwabantu abayobonga abayophakamisa izinsizwa nezintombi ababengabatholi abantwana, ababathola ngokucelelwa nguye. Abanye bophakamisa imisebenzi ukuthi babehlupheka kodwa uBaba wabanika isibusiso basebenza, namuhla bangosomabhizinisi!
62.Kuningi abazobe befakaza ngakho njengoba sihlale sizwa uBaba uMelusi ekhuluma ngaye uBaba iLanga ukuthi babondliwa nguye, baningi abazokhuluma ngakho kodwa namhlanje, ngithi halala Nkosi yamakhosi, nami engingesilutho, wangibutha wangikhumbula ekuhluphekeni kwami, wangikhipha wangigeza sebengibhoxe bangibhoxa, wangikhipha lapho!
63.Okunye ngiyokhuluma ngelinye ilanga kodwa bengisachaza ukuthi abantu bangamangali ukuthi lo muntu lona owayehlala ekhuluma ngeLanga, wayelibonaphi. Cha, ngalibona ekudabukeni, ngalibona ekudelweni, langibona ukuthi angidelwa uJehova kodwa ngidelwa uSathane!
64.Kodwa Nkulunkulu waseKuphakameni ngiyakubonga ngoba bonke labo ababakhe uzungu namuhla batholakala bebhibhidla phansi kwamablokhwe, bezwakala bekhuluma njengabantu abahlanyayo, beguqe bodwa, bathi ‘ungalaleli nje ungenzi.’ Abasekho lapha ababebakhulu khona, wabaqhwanda uShembe basakazeka phansi ngamazinyo, baxoshwa, angikaze ngize ngixoshwe, baxoshwa ngapha nangapha, namhlanjena bakhuluma phansi kwama blokhwe, ngamunye ngamunye, uyezakwala ukuthi hawu iSabatha namuhla bantu nonke nina enimesabayo uJehova, abasekho lapho ababengibophela khona amaqhinga.
65.Uma umuntu ethandwa nguJehova noma ungamenzani, yazi ukuthi uJehova uyokwenza into ebuhlungu ekugcineni. Ngithi uShembe wangicosha phansi wangiyisa phezulu, kodwa abantu behla phezulu sebeyothinta isibhakabhaka basacazwa phansi ngoba babengakhushulwa uNkulunkulu lapho ababengihlupha bekhona. Ngithi-ke ngifakazela lokho ukuthi asifuneni uthando bantwana baseKuphakameni.
66.Kuleliviki eliphelile bengikhuluma ngenye iNkosi, iNkosi yaseMaChunwini neNkosi yaMaQadi. Ngithi bangcwele okusalile ngithi uNkulunkulu ayikhumbule iNkosi yaseMaqadini ngoba ngake ngayibona ngelinye ilanga, ngayibona kunzima bantwana baseKuphakameni, ngiyobona eThempelini.
67.Lapho izitha zikaBaba uMelusi, lapho uMfundisi uNdelu wayememza, ethi uMvangeli uMpanza akaphume, athi uma ngabe akaphumi sizocela Inhlalisuthi imthwale. Kwathi lapho uBaba uMelusi esinyakaza, yasukuma le Nkosi, eyi ngikhulumile ngeviki eliphelile ngathi hawu uNkulunkulu aze abakhumbule, ngathi ngazi laba, nabanye bayokhuluma ngababaziyo.
68.Yasukuma iNkosi yaMaQadi yaguqa, yathi “laba abathi akaphume, abaqale beze la kimi bezongitshela ukuthi wenzeni, uma sebengitshelile ukuthi wenzeni, bazomthatha, kodwa khona manje ngicela ukuthi beze la bezongichazela ukuthi wenzeni uMvangeli?” Asizange sibe khona isono ngoba wayeboshelwe amanqinenyathi.
Wakhona, kwathi nasemini, wangena ngendlela owayehlukunyezwa ngayo uBaba uMelusi, kanti abantu bamuhlukumeza nje, bayabona, ngoba ikhona into oyaye ungayiboni wena kodwa abantu bayibone.
69.Wayehlukunyezwa uBaba uMelusi, mina ngangingazi ukuthi ngampela unabo abantu bakubo. Sasiye siye emacaleni, uma kukade kukhishwe izingane zomfundisi uBiyela, uMvangeli lona omunye wayebuza athi ngicela ukuthi ngizwe ukuthi ubaba wenzeni, ngifuna ukwazi ukuthi ubaba aze ahlanjalazwe axoshwe nje, wenzeni singatshelwa thina bantwana bakhe.
70.Kodwa uBaba uMelusi akekho umuntu ngisho nabantu ababekade bengabangani bakhe akekho uBaba uMelusi owake wamubuzela ukuthi wenzeni, kudlalwa ngaye phambi kwabantu, kwaba iNkosi yamaQadi yodwa eyamubuzela ukuthi wenzeni. Kwacaca ngaleso sikhathi ukuthi akenze lutho ngoba kwase kufanele bayokusho ukuthi wenzeni, kodwa abayanga, ngoba kwakungekho. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni isihambile iNkosi, kwaqhubekake engasekho ombuzelayo.
71.Kodwa sengigcina ngithi uNkulunkulu waseKuphakameni kofanele ukuthi uBaba uMelusi ahlale njalo azi ukuthi uNkulunkulu wamthanda, ngoba akazange aze adube, wayehlala bemxoshele into engekho, kuze kuphela leso sikhathi abuye ahlawule, ahlawule into engekho. Wayehlawuliselwa ukuthandwa uNkulunkulu, umuntu onabakubo, akekho owake wathi wenzeni. Ngamangala ukuthi ekugcineni ngizwa ukuthi umndeni wakwaMpanza uhlanganile, wahamba waya kuBaba uyobika ngoba sesiphuma, kwakheka lelibandla. Ngathi kanti umndeni ukhona.
72.Awukaze uhlangane ubuze ukuthi wenzeni, kodwa wakwazi ukuhlangana uye lapha uyomkhipha ukuthi bayamkhipha, mina njena ngazi ukuthi babevele bengawona umndeni wakhe, wayengeke ahlupheke kanjena ebe inhlwabuse, kungabi khona noyedwa nje ombuzelayo ukuthi wenzeni.
73.Ngiyabonga nami noma ngingangoncede, kodwa uJehova wabona ukuthi impi angayinqoba ngami. Ukuhlukunyezwa kukaBaba kwaphela mhlazane uNkosazana uHlaleleni ethi angihambe ngiye kuZwane ngiyobhekana naye. Ngoba kwakuthi uma kuphela inkonzo, abe namagama amusho amusho, uma kuphela nje inkonzo, amusho amusho. Ngangena bantwana baseKuphakameni ngiwuNcede ngingaka, ngangena ngingena sengicothoza ngale ngaphakathi, ngangena ngathi ngithi ngisamubuza ukuthi uphi kwathiwa ungale ngaphakathi.
74.Kanti uNkosazana (INgelosi uHlaleleni), usamkhipha, waqhamuka, kunabantu laba abasebenzayo abanye bazonikela, uyena okhipha isisubusiso, oya kuBaba athi lithi izwi le Nkosi inibusise!
75.Ngafika abantu beguqile, kuguqe ngisho amakhosi. Ngafika ngeza kuye, ngathi ngithi angizobuza ukuthi uMvangeli uMpanza wadlani yakho, wathi “Ngani, uke wangizwa kuthini ngaye” Ngathi ngibuza ukuthi wadlani yakhe, njalo uma kuvalwa inkonzo ekuseni noma ntambama ukhuluma ngaye.
76.Ngathi wena ukhonza nabantwana bakho, yena abakhe basekhaya, wathi “Bavinjwe yimi?” Ngathi bavinjwe nguwe, ngathi bazokholwa kanjani abantwana, njalo bafika uyise ehlanjalazwa, kukhulunywa kabi ngaye phambi kwakhe, phambi kwabo? Wathi “Angikaze ngiliphathe igama lakhe!” Ngathi “Ssikho isidingo sokungaliphathi igama, chaza manje ukuthi wenzeni?” Wangangitshela. Ngathi uma uke waphinda wathatha umbhobho, ngathi “ngizokwephuca ngisakaze wena ngawo, ngikusho lapha esontweni. Ngathi awungazi kahle?” Ngabe ngiphuma!
77.Wayekhona uMvangeli, indodana yoMfundisi uBiyela, eyayikhona ngale, ayizange ize imlekele, yathula yangibuka. Ngathi nje uma uzokwedelela lapha eThempelini, ubaleke uze la ngaphakathi, sizokulanda khona lapha ngaphakathi, ngathi: “Uke uphinde phela ngeviki elizayo, uke uphinde!” Kwakufika umhlangano.
Ngathi ngizoza nowami umbhobho, ngizobhekana nawe. Saya esontweni noBaba, abazange bangibopha ngisho ukungibopha, kwakukhona amakhosi, kukhona abafundusi, kukhona yonke into laphayana!
78.UBaba waphuma ngaleso sikhathi ekuhluphekeni, akekho umuntu wakwaMpanza owake waya kuZwane noma kubani nje ukuyobuza ukuthi wenzeni, kodwa babuthana bahamba baya kuBaba uma esezoqala ibandla likaNkulunkulu. Bakwazi ukuthi bahambe, bonke abantu babona ukuthi kanti unomndeni. Ngahamba ngangena esizibeni esinengwenya, okungabuywa kuso, uHlaleleni wayengitshela, ekhuluma nami, esebenza ngami. Wangitshela ngisho isikhathi, wangitshela izinto ezizokwenzeka kuZwane, nangampela zenzeka!
79.Ukuphepha kwakhe uNkulunkulu wakubeka kimi, mina ngaphephiswa uBaba iLanga owangiphikela. Ngisho ukuthi-ke bangcwele, ngiyacela ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni angenze ukuthi ngingamulibali ngoba lapho engangiphonswe khona akekho owayengafikela angilande khona. Ngiyacela ukuthi njengoba namuhla uMoya wakhe useduze nathi, asiphe ukuthi sifune ukuthandwa nguJehova!
80.Noma ngiwumuntu ongatheni, kodwa uNkulunkulu wasebenza umsebenzi omkhulu kabi wavikela umuntu wakhe ngami. Mhlawumbe nalelibandla ngabe alikho ngoba base befuna ukumbulala. Nami ngafika lapha ngaba umuntu osenazo zonke izinhlobo zezikhali, ngifikile nje. Ngithi uma uMvangeli engazuthi uzongishaya, ngizomtshela kahle ukuthi cha, musa ukusho ukuthi uzongishaya, ngikhombe nje noma ungisikaze, uzongibona kahle!
81.Namuhla unjani, ngizwa kuthiwa wakhelwe ikamelwana, iwokwana, akekho waxoshwa eBuhleni, waya lapho ayengaqondile khona, waya kumuntu ababemhlupha umtana kababa uMsebe, waya khona! Angimazi noma usekhona yini namuhla, angimazi noma usaphila yini, kodwa ngezwa kuthiwa nje usakhelwa iwokwana laphana, waphuma lapho owayebusa khona. Naye ungomunye owashaywa ngezinqoko owayebusa ngazo!
INkosi ibusise enikuzwile.