Skip to content

UMVUZO WENKANUKO YENYAMA UKULAHLWA KWELIZAYO

Umyalezo kaJehova akuyikho ukubhula, noma kungenzeka ukuthi uJehova akuvezele ngesimo sokuzokwenzeka, kodwa abaprofethi babengathunyelwa emhlabeni ukuzoboniswa okuzokwenzeka, kodwa babethunyelwa ukuzovuselela umthetho kaJehova, yilowo umsebenzi wabo!

Isihlabelelo 85
1.Ngonile ebusweni bakho
Nasebusweni bezulu
Iso lami lingonisile
Ngayephula imithetho.
 
2.Ngehlulwa ngowokuqala
Emithethweni eyishumi;
Owesibili ngingewunamathe
WeNkosi yoxolo.
 
3.Abaphula lemithetho
Bayokhandwa ngamatshe
Abazange bahawukelwe
Ngoba yini mina soni.
 
4.Sengonile ngolimi lwami
Ngakhuluma inkohliso;
Sengonile nangenhliziyo yami
Ngacunuka ngayo.
 
5.Sengonile nangesandla sami
Ngaphatha okungafanele;
Sengonile nangonyawo lwami
Ngahamba ehlazweni.
UMVUZO WENKANUKO YENYAMA UKULAHLWA EZULWINI.
 
1.1 AbaseKorinte 6:9-10: “Kanti anazi yini ukuthi ababi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na?
 
2.Ningayengeki, ngokuba izifebe, abakhonza izithombe, iziphingi, abahlobongayo, abaphangi; abalalanayo benobulili obufanayo, amasela, abanomona, izidakwa, abathuka inhlamba nabaphangi, abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu!”
 
3.Incwadi kaJeremiya 17:5-8: Usho kanje uJehova, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othembele kubantu, owenza izikhwepha zakhe zibe yisihlangu sakhe, nonhliziyo yakhe isukile kuJehova… akayikukubona okuhle noma kuza kuye.
 
4.Ubusisiwe umuntu othembele kuJehova, nothemba lakhe linguJehova, uyafana nesihlahla esitshalwe ngasemanzini, esimpande zaso sizenabisela ngasemfuleni.”
 
5.AmaHubo 146:3-4: “Ningathembeli ezikhulwini nasemadodaneni abantu ningenke nathola lutho kubo.
 
6.Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe, ngalolo suku amacebo akhe ayaphela.” Amen!
 
7.Lezi zincwadi, noma bengizazi, kodwa ngizicaphune kuyinkulumo yenkosazane ku Tick talk,engibone kubhalwe ukuthi “ ngu-Audrey.”
 
8.Lokhu kukhuluma ibikususela enkulumeni kaPapa weRoman Catholic Church, oseshaye umthetho wokuthi amaCatholic asengazishadisa izitabane.
 
9.Lentombazane ithi kunomehluko phakathi kwamaKhatholika namaProtestants. AmaProtestants aphuma kuma Khatholika ngoba amaKhatholika elibandla noma inkolo yawo engahambisani neBhayibheli.
 
10.AmaProtestants engakusho lokho ngomlomo, kodwa ngezenzo akunjalo. Nama Protstants akahambisani nezimfundiso zeBhayibheli.
 
11.Iyaqhubeka lenkosazana engumKrestu, ithi: “Kumele uzifundele wena iBhayibhli, ube nobudlelwane noJesu, ngoba kuza isikhathi lapho okungekho lutho ozokuthola kumfundisi wakho.
 
12.Umuntu ongumKrstu ngowamukela uJesu njengoMsindisi wakhe, NOWAMUKELA IZWI LIKANKULUNKULU, hhayi izwi lomuntu!
 
13.Iyaqhubeka lenkosazana ithi: “IBhayibheli likubeka ngokusobala ukuthi uNkulunkulu akashintshi, akakushintshi okushilo(Malaki 3:6).
 
14.UNkulunkulu akawushintshi umthetho wakhe ukuze uhambelane nosiko lwakho.
 
15.IBhayibheli lithi uNkulunkulu akashintshi, izolo, namuhla nangesikhathi esizayo uyinto eyodwa!” Amen!
 
16.Ngiyavumelana nakho konke lokhu okushiwo yilenkosazana, kodwa akusilo iqiniso ukuthi amaProtestants ahamba ngokomthetho weBhayibheli.
 
17.Ukuba bekunjalo, ngabe amaProtestants ayaligcina iSabatha, akayidli ingulube, akangeni endlini yesonto efake izicathulo, akawaphuculi amakhanda awo, nokuningi akwenzayo okuphambene nezwi likaNkulunkulu.
 
18.Kusho yona lenkosazane ukuthi uNkulunkulu akashintshi, okusho izolo, usasho khona nanamuhla, nakusasa, uNkulunkulu akahambi ngokwamasiko ethu.
 
19.Manje uma kunjalo, pho amaProtestants akahambi ngani ngokwezimiso zikaJehova njengoba kusho umthetho kaMose, oqiniswe nguYeshua?
 
20.KuMathewu 5: 17-18 uYeshua uthi umthetho kaJehova umi nguna phakade, njengoba nalenkosazana ikufakaza lokho. Kodwa amaProtestant akakwenzi lokhu okushunyayelwa yilenkosazana.
 
21.Nawo kokuningi enza khona lokho okwenziwa ngamaKhatholika! Ngethemba yona isibonile ukuthi kukhona iphutha nakuwo amaProtastants!
 
22.Kodwa ngiyajabula ukuthi nasenkolweni yobuKrestu sekukhona ababonayo ukuthi ukukholwa akugcini ngokubabaza uYeshua ngokuthi uyiNkosi noMsindisi, kodwa okukhulu kunakho konke ukuba ugcine umthetho kaNkulunkulu!
 
23.KuMathewu 7: 21-23 uYeshua uthi noma ungahlale umbabaza uthi uyinkosi, wena wenza izimangaliso egameni lakhe, kodwa uma ungahambi ngokwezimiso zikaNkulunkulu, okusho ukugcina umthetho uJehova owawuletha kithi ngoMose, uyothi uma ufika ezulwini uYeshua akuxoshe, athi: “Suka kimi menzi wobubi, angikwazi!”
 
24.Angizukuyikhuluma-ke ngale kaPapa, ngoba kunobufakazi obubhalwe phansi ukuthi inkolo yobuKrestu, ngaleso sikhathi okwakuyi Roman Catholic Church, yayichitha ngama Creeds inkolo kaMose, okuyinkolo kaJehova!
 
25.Kumele ukuthi abantu abamnyama abafuna ukuhlala enkolweni kaJehova, njengalenkosazana, uAudrey, baziqhelenanise nemfundiso ethi umthetho kaJehova uyashintshwa ngumuntu njengoba kwenza uPapa!
 
26.Ngijwayele ukuchaza ukuthi abaprofethi bagcina kubantwana bakwa-Israel ukubakhona emhlabeni. Ekuqedweni kwenkolo kaMose ngamaRoma, nabaprofethi baphela emhlabeni!
 
27.Kodwa ebandleni lamaNazaretha u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), owayengumprofethi kaJehova, wayivuselela yonke imithetho kaNkulunkulu!
 
28.Kubalulekile-ke ukwazi ukuthi yini uMprofethi. NgokweDictionary yeBhayibheli, umprofethi ngumuntu onomyalezo kaJehova. He is the messenger of God!
 
29.Umyalezo kaJehova akuyikho ukubhula, noma kungenzeka ukuthi uJehova akuvezele ngesimo sokuzokwenzeka, kodwa abaprofethi babengathunyelwa emhlabeni ukuzoboniswa okuzokwenzeka, kodwa babethunyelwa ukuzovuselela umthetho kaJehova, yilowo umsebenzi wabo!
 
30.Ngisho ungafunda iBhayibheli, kulo uyofunda ngamazwi kaJehova alethwa kithi ngabaprofethi ukuvuselela umthetho kaJehova owawuletha kithi ngenceku yakhe uMose!
 
31.Laba abathi bangabaprofethi, kodwa bengazi lutho ngomthetho kaNkulunkulu, bangababonayo njengezangoma, bangama Seers. Nesangoma siyabhula, sisho okwenzekalayo nokuzokwenzeka, kodwa asiyena umprofethi!
 
32.Kodwa okukhulu ukuthi laboPastor abazibiza ngabaprofethi, iningi labo lingabaprofethi bamanga!
 
33.UJehova akasoze athuma umuntu kubantu ozofike afundise okuphambene nomthetho kaJehova! Isibonelo: UJehova engamthuma kanjani umuntu ogunde ikhanda, ongaligcini iSabatha, odla ingulube, ukuthi akafundise ngomthetho kaJehova? Uzofundisa ngamuphi umthetho kaJehova? Uma uNkulunkulu ekuthuma uqala ngokufundisa wena ngomthetho kaJehova!
 
34.Into engijabulise kakhulu ukuthola ukuthi nasenkolweni yobuKrestu sebekhona abaprofethi bakaJehova, abaprofethi abakhuluma ngqo noNkulunkulu, abathume ukuba bavuselele umthetho wakhe!
 
35.Bengiqala enkolweni yobuKrestu ukuthola umuntu oprofetha ngendlela yabo bonke abaprofethi bakwa-Israel, okwakungabaprofethi bakaJehova! Le inkosazana yase USA, uCelestial!
 
36.Konke ukushumayela kwayo kuyabonisa ukuthi kuvela kuJehova, ngoba ivusa imithetho kaJehova, amaKrestu amaningi, ngokufundiswa yi-Roman Catholic Church, ebese beyichithile!!
 
37.Uma wonke amaKrestu engalandela izimfundiso zalomprofethi, nabo bayowubona umbuso wezulu! Izintshumayelo zika Celestial ziku “The Maser’s Voice blog. Uzozithola ku Geogle.
 
38.Lenkosazana ayigxile kuphela kuyiSambulo ngokuzokwenzeka, kodwa ifundisa ngokuthi uNkulunkulu ufuna simkhonze kanjani, njengoba kwakwenza abaprofethi bakaJehova!
 
39.LeNkosazane iyashumayela, ibuye iqondisa ngezono njengoba zibhaliwe eBhayibhelini. Ayigcini ngokuveza izehlakalo ezizayo njengoba ivezelwa nguSomandla, kodwa Ibala izono zawo wonke amazwe, kuhlanganisa neSouth Afrika!
 
40.Yonke into eyikhulumayo iyachaza uNkuthi uNkulunkulu ufike nini, kanjani kuyo; nokuthi uma efika kuyo utheni!
 
41.Ingelosi yasifundisa ukuthi noma ungenke ukwazi ukwahlukanisa uMoya ongcwele nomoya omubi ngokwesimo, kodwa izimfundiso ziyasho ukuthi lo ngumoya omubi, lo nguMoya ongcwele!
 
42.USathane akasoze athi gcina umthetho kaNkulunkulu! Umthetho kaNkulunkulu-ke munye, yilowo uJehova owawuletha emhlabeni ngenceku yakhe uMose!
 
43.Sengithole ukuthi sekunamaKrestu ayigxekayo lonkosazane, athi ingumkhohlisi, ayithunyiwe nguNkulunkulu!
 
44.Bathi akufanele ukuthi idalule izono zabantu, lokho kuphambene nomthetho kaNkulunkulu, futhi akufanele ikhulume ngesono, ngoba ngokubethelwa kukaYeshua esiphambanweni,
zathethelelwa zonke izono zethu!
 
45.Kodwa kwabase Korinte bokuqala isahluko 6:9-10, uMpostoli Pauli wabala izono esiyolahlwa ngazo uma sizenza. UPaul washumayela uYeshua esawabethelwa esiphambanweni.
 
46.NgokwalamaKrestu kwakungafanele uPaul akhulume ngesono, ngoba ngokubethelwa kukaYeshua esiphambanweni, thina asisenasono!
 
47.Kodwa bonke abapostoli babekhuluma ngokulahlwa ngenxa yezono zethu!
 
48. Noma imuphi umuntu oyaziyo indaba kaJehova, kuyamcacela ukuthi okukhulunywa ngu Celestial kusuke kuvela kuNkulunkulu, yena ungumlomo woPhezukonke!
 
49.UDavide kwakunguMprofethi kaNkulunkulu, futhi eyinkosi enkulu. Wenza isono esibi, wakhanukela umka muntu, wagcina ngokubulala indoda yakhe, wabe esemthatha lomfazi eba ngumkakhe!
 
50.UNkulunkulu wathuma uMprofethi ukuba ezotshela inkosi uDavide ngesono esenzile. Manje lenkosazana izoyeka kanjani ukukhuluma ekuthunywe nguNkulunkulu ngoba kusobala ukuthi nayo inguMprofethi kaJehova?
 
51.Okokuqala lomprofethi ukhuluma ngezono zocansi, njengoba kade kufakaza lenkosazane ebisola lenkulumo kaPope weRoman Catholic Church ngokuvuna izitabane!
 
52.Lentshumayelo yanamuhla ngizoyigxilisa kulezi zimfundiso zika Celestial, noma ngizozifinqa, ukuze sonke sibone ukuthi ngithi inguMprofethi kaJehova ngani.
 
53.KuMathewu 5:7-8, uYeshua uthi: “Nizwile kwathiwa ungaphingi. Kepha mina ngithi kini: “Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanukele, usephingile naye enhliziweni yakhe.”
 
54.Uthi-ke uCeletial: “INkosi yangivusa ebusuku ngilele yakhuluma ngabantu abahlobongayo. Yathi angitshele abantu ukuthi uma bejwayele ukulalela izintshumayelo zami ngokuhlobonga, abaziyeke ngokushesha lezo zono! (Ukuhlobonga kusho ukuhlangana ngokocansi ningashadile!)
 
55.Bonke abantu abahlobongayo, abazifebe, abantu abazishintsha ubulili, uthi-ke uJehova ngokwenza lezo zinto, kumele wazi ukuthi wenza isono, usebenzisa kabi umusa kaJehova, uhlukumenza isihe sikaNkulunkulu!
 
56.IBhayibheli lithi uma namuhla uzwa izwi likaJehova, bese ningenzi njengokuyalwa liBhayibheli, nenza lukhuni izinhliziyo zenu, senza izihliziyo zethu lukhuni njengabantwana bakwa-Israel, abangamlalelanga uJehova, yize belubonile uthando namandla kaJehova ebakhipha kuFaro!
 
57.Abantwana bakwa-Israel bambona uJehova elwa noFaro ukuze abakhulule, kodwa baba njengethambo, bamhlubuka uJehova.
 
58.Bamuzwa uJehova ekhuluma noMose, kodwa bathi uyini uMose, uyini umprofethi?
 
59.Kuyinto ebulalayo ukuzikhohlisa ngoNkulunkulu, ukukhula emfundisweni yenkolo ekutshela ukuthi uNkulunkulu kusukela engxenyeni yokuqala yeBhayibheli,(okuliTestamente Elidala), kwathi sekusengxenyeni yesibili,(okuyiTestamente Elisha) uNkulunkulu wanikela ngamandla akhe komunye umuntu, (okunguYeshua). Ngakho-ke uYeshua usengomunye uNkulunkulu!
 
60.Uyaqhubeka lomprofethi uthi: “Kodwa uJehova uthi: “Nginguye izolo, nanamuhla naphakade. Mina Jehova angiguquki!” Yilokhu uJehova akushoyo ngaye!” Ayikho imfundiso kaNkulunkulu eTestamenteni Elisha esishintshile kwelidala!
 
61.“Kodwa emfundisweni yase-Amelika, bathi cha, cha, cha, akasenjalo.”
 
62.Isono sisanda kuba yinto enyamalele, engathi asisekho, futhi awusakwazi ukuzwa ngaso, ngoba abantu bafuna ukuzwa ngokwenza okubi. (Njengoba bemsola nje uCelestial ukuthi ukhulumelani ngesono!
 
63.Abantu abathandi ukutshelwa ukuthi uNkulunkulu akayena uSanta othanda imilingo.
 
64.Abathandi ukutshelwa ukuthi uNkulunkulu ungumuntu ophelele njengabo, ukuthi uNkulunkulu ungumuntu onemizwa njengabo!
 
65.Njengoba nabo bengathandi ukushawa indiva kwabakushoyo, bengathandi ukusetshenziswa, bengathandi ukuthathelwa indawo, bengathandi ukuthukwa, bebathandi ukucasulwa, abathandi ukuzwa ukuthi lezi zinto abangazithandi, noNkulunkulu akazithandi!
 
66.UNkulunkulu kufanele ahlonishwe futhi athobekelwe ngaphezu kwanoma ngubani phakathi kwethu!
 
67.UNkulunkulu uthi tshela leso sihlobongi esiza lapha, sibuke wonke amavidiyo kusukela ekuqaleni!
 
68.Asibuke lapho uNkulunkulu ekhuluma ngokuhlobonga, ukuthi kumhlukumeza kangakanani uNkulunkulu ukusebenzisa ithempeli lakho ukufeza izinkanuko zakho, ubeke izwi likaNkulunkulu emva kwakho, ucwile emanyaleni emvelo yakho!
 
69.Noma ngabe ukubuka ucansi(porn), noma ukukhanukela abesifazane, noma abesilisa, noma ukuzithokozisa wena ngokocansi (masturbation,noma ukushaya indlwabu) noma ufihla ukusebenzisa amathoyisi!
 
70.(Abantu abaningi abamnyama abazi ukuthi emadolobheni kunezindawo zamathoyisi abesifazane nabesilisa akhelwe ukuzithokozisa ngokocansi ngawo.
 
71.Uma ungumuntu wesifazane ufuna indoda, uya kuyithoyisi eliyindoda ozokwenza ngalo ucansi ubuzolwenza endodeni.
 
72.Kanjalo uma uyindoda, uya kuyithoyisi lowesifazane, wenze nalo ucansi kube sengathi ulwenza nomuntu wesifazane.
 
73.Yilamathoyisi-ke umprofethikazi okhuluma ngawo, ukuthi ukuzihlanganisa nawo kuyisinengiso kuNkulunkulu, kufana ne masturbation!)
 
74.Uthi ke lomprofethi: “Noma ugqoka okwabesilisa ungowesifazane, uqala into ongayazi!
 
75.Ungasho ukuthi uzizwa ukahle, ngoba uvula iminyango yokuqala yokuguqula ubulili bakho, kungekudala uzovela ku Intergram wenze njalo, ngoba kuqala kanjalo.
 
76.Isiprofetho sokuhlala unjalo ngobulili bakho, uNkulunkulu wanginika sona ngo 2018, lapho uNkulunkulu engitshengisa khona imbobo encane uSathane angena ngayo kuwe, igcine isinkulu!
 
77.Uzogcina uba yisitabane noma ushintshe ubulili bakho; angazi noma kuyenzeka yini ukuba yikho kokubili, kodwa ngenke usaba nguwe njengoba wawuzaliwe.
 
78.Uyaqhubeka uCelestial uthi: “Uma ubulokhu uzwa izwi leNkosi, yeka ukuhlobonga, yeka ukuphinga, uma ungumfelokazi, noma uhlukanisile, musa ukuhamba ulala, kudala uzwa izwi likaNkulunkulu lithi, yibani ngcwele ngokuba mina Jehova ngingcwele, kodwa uyaqhubeka uyamphikisa!
 
79.UNkulunkulu wathi angikutshele wena mhlobongi, yiza lapha ukuze uzwe konke okukhulunywa ngalesi sono.
 
80.Uzwe konke kusukela ekuqaleni ngokuziphatha okubi kocansi, indlela enimdelela ngayo uNkulunkulu!
 
81.Kuyinhlamba kuNkulunkulu ukusebenzisa kabi ithempeli lakho, ukwanelisa izinkanuko zakho ngalo!
 
82.Kuyinhlamba ukubeka izwi likaNkulunkulu ngemuva kwakho, futhi ucwile emvelweni yakho ephansi, noma ngabe ubuka izithombe zocansi, noma ngabe ukukhanukela abantu besifazane, noma ukhanukela amadoda, noma ngabe ukuzijabulisa kwakho kuyisigqila esiyimfihlo.
 
83.Noma ugqoka izikhindi zangaphansi zabantu besilisa, kodwa ungowesifazane, awuboni ukuthi lokhu okwenzayo kuyisinengiso kuNkulunkulu? Uthi kuyakhulula uma ukwembethe!
 
84.Kodwa ngokwenza lokho usuvule umnyango wohambo lwakho lokuzishintsha ubulili. Uthi-ke uNkulunkulu: “Hlala ngokweqiniso kubulili bakho.”
 
85.Lithi izwi leNkosi: “PHUMA EBUHLOBONGENI, uyeke ukuqoma nokuqonywa uma ushadile.
 
86.Uma ucabanga ukuthi kunesilinganiso sakho, bese kuba nesilinganiso sowo wonke umuntu, iNkosi ingitshelile ukuthi suka kuleyo ndawo!
 
87.Uma ungasuki esonweni sakho, udelela izwi likaNkulunkulu, uNkulunkulu uzokushaya, ngoba uyedelela esonweni sakho!
 
88.Uthe uNkulunkulu anginitshele nisuke kuleyo ndawo! Manje senizwile iNkosi engiyale ukuba nginitshele khona, ithi: “Sukani kuleyondawo ngoba niyamphikisa ezonweni zenu, sukani kuzo!”
 
89.Uma uzithoba, uma uvuma isono sakho, uvumela inyama yakho ukuba ibethele izinkanuko zakho, uma uhlala endlini yakho, bese ulinda, kuze kusuke wonke amadimoni akwembethe, usufuna ukwazi izwi leNkosi, izwi leNkosi lingela labo abafuna ukwazi okusemqondweni kaNkulunkulu, usungabuya!
 
90.Lokho kusho ukuthi uma uqhubeka naleyo mpilo, awugcini nje ngokwenza lokho othe uBaba uyawuhlubuka umusa wakhe, yize ekunike isikhathi sokuba uphenduke!
 
91.UJehova akaguquki kowayekwenzela abantu ku Old Testament, wakwenza nakuyi New Testament, engakwenza namanje, ungamethemba!
 
92.Uhlezi enguye, akashintshi, wabathanda, wasithanda, wabanakekela, usazosinakekela noma sisemakhempini, noma ngabe kukhonani kuwo. Kodwa uma umphikisa, ikhona indaba kaFaro ukuba ufunde kuyo.”
 
93.Lomprofethikazi ubuye wakhuluma kabanzi ngabaprofethi bamanga. Wakhuluma ngo TB Joshua ukuthi wayethwele, enemikhuba eminingi owayeyifihlile. Wathi uNkulunkulu uzoyiveza obala, futhi uzombulala. Nempela konke owakuprofetha ngo TB Joshua kwenzeka!
 
94.Lomprofethi wabuye wakhuluma nango TD Jakes ukuthi ungumkhohlisi, konke lokhu othi uyikho kungamanga, ungungqingili. Wathi uNkulunkulu uzomveza, bese useyambulala! Manje sekunabantu abaningi abachaza imikhuba kaTD Jakes ebingaziwa!
 
95.Lomprofethi wagxila nakubaprofethi bamanga abalapha eSouth Afrika. Uthi-ke lomprofethikazi wase-Amerika kunabaprofethi bamanga abaseSouth Afrika abakhonzwa njengoNkulunkulu. Nanka amazwi akhe ngalaba baprofethi:
 
96.“Ayikho into ecasula uNkulunkulu njengokukubona uya enkonzweni ukuyokhonza umfundisi. Kwembuliwe kimi ukuthi abefundisi base South Afrika basebenzisana namandla enkanyamba.
 
97.Kulaba bafundisi ungathola ngempela okwenziwa ngoDrako uma ufunda iSambulo 12. UDrako ungumbuso oqinile, futhi oyinsimbi, unguSathane!
 
98.Ngabona lobu bukhosi bumisiwe emoyeni, iSouth Afrika ilawula ngu Drako isifundazwe sonke!
 
99.UNkulunkulu wathi angikutshele Ningizimu Afrika ukuthi ukukhonza kwakho kuyisinengiso kuJehova!
 
100.UDrako ulawula iNingizimu Afrika, amasonto eNingizimu Afrika angcolile, akhonza izithixo bekwazi kahle lokho!
 
101.Uthi uJehova kuphakathi kokuthi bakhonze abefundisi abagijima beya ngapha nangapha befuna isiprofetho, iNingizimu Afrika iphakathi komprofethi wamanga, umqedazwe!
 
102.Okubalulekile ukuthi laba bafundisi bakhiqiza izimangaliso zamanga! Ithi iNkosi lamadoda anobudlelwano nombuso wasolwandle, bathatha amandla kuma mermaids ngaphansi kolwandle, baphinde bathathe amandla kuma Dragons angaphansi kolwandle.
 
103.Ngabona izikhulu zemermaid kanye noDrago ngaphansi kwamanzi. Laba befundisa bahamba bayongena ESIVUMALWANENI SOBUDIMONI NALEZI ZIDALWA.
 
104.Indoda izofuna amandla, ingcebo, ithonya, imali, mhlawumbe ihehe intombazane enhle ukuba imgane ukuze ayisebenzise enkonzweni yakhe! Ngesikhathi esifishane lendoda izoqala ukuheha abalandeli abaningi!
 
105.Amazwi omlomo alendoda azobe egcwele ukuyenga okungcolile, yilokhu okwaziwa ngokuthi NGAMANDLA OKUYENGA!
 
106.Kothi konke akushoyo, ngisho noma emi epulpit, ethi: “NGITHENGE AMANZI ENDLINI YAMI NAMUHLA, NGAHAMBA NGENZA UKUDLA KWAMI”
 
107.Ibandla liyoqhuma indumiso nobuhlanya, kube sengathi lomfundisi ubefunda incwadi ka Habakuki, noma incwadi kaHagayi, futhi eyichaza ngokuyinemba okunganasici, ngoba laba bantu abazi lutho ngezwi likaNkulunkulu!
 
108.Yonke into lendoda ebatshela yona iba liqinisobayifundi. Ekudingayo lendodai ukuphonsa imibhalo emithathu noma emihlanu, bevele besangane amakhande bebange umsindo bethi: “Shumayela, shumayela!” Lena ifilimu uNkulunkulu obengibonisa yona izolo ebusuku!
 
109.Kodwa iqiniso ukuthi bayengwa ngamafutha abawagcobe emzimbeni yabo atholakakala kule mermaid.
 
110.Kufanele uthole amanzi akhethekile uma wenza lesi zivumelwano! UNkulunkulu ukhulumile kimi ngalezi zinto
 
111.UNkulunkulu ubelokhu ekhuluma nami engichazela ngalezi zinto ekade ngizisho lapha nalapha!” Amen!
 
112.Ekuqaleni ngithe ngiyajabula ukuthola ukuthi nasebuKrestwini kukhona abaprofethi bakaJehova abakuchithayo ukuthi asisaphili ngaphansi komthetho kaJehova; abathi uNkulunkulu akashintshi, okusho izolo, usakusho nanamuhla, uyobe ekusho nakusasa!
 
113.Ngiyafisa ukugcizelela kulokhu okushiwo ngu Celestial, inkinga yocansi oluyisinengiso kuNkulunkulu! Ucansi olubusisekile ukulala nomkakho, nenkosikazi elala nomyeni wayo kuphela!
 
114.Uthi uCelestial wathi uNkulunkulu kuye umtwana osabizwa ngokuthi ama teens, akabhekekile ukuzihlanganisa nocansi noma ngendlelani!
 
115.Abantwana bengazibuki izithombe zocansi ezingcwele kuma cellphones, noma ngabe ziqhanyukiswa ndlelani, ngoba zibekelwe ukubhubhisa isizwe! Ngisho izilwane ungazibuki zenza engakubiza ngokuthi ucansi!
 
116.Noma sekuvezwa umkhuba, noma ngowanhloboni, ungawubuki, ngoba ukuwubuka kuyisinengiso kuNkulunkulu!
 
117.Ukuba kuya ngami ngabe abantwana ababasebenzisi o tick talk, ngoba u90% owufunda lapho awakhi lutho, kunalokho unenhloso yokucekela phansi abantwana bethu!
 
118.Mina ngimdala, kodwa ngaphandle kokuthi ngifunde izintshumayelo zami, noma ngilalele umculo, ayisekho into ekufacebook naku tick talk engiyifundayo.
 
119.Ngathola ukuthi ukufunda lezi zinto kuyangikhipha ekukhonzeni uNkulunkulu, kangakanani-ke uma lemikhuba nezinhlamba ezishaqisayo zizofundwa yingane ena 15 years, ngoba yinto okungadingi nje ukuba ibukwe ngumuntu okhonza uNkulunkulu ophilayo!
 
120.Akumangazi okushiwo nguNkulunkulu ngalabaprofethi base South Afrika. Baningi oT.B. Joshua abasazovela, ngoba akuseyiyo imfihlo ukuthi sinabantu abaningi esebethole ukuthi indlela elula yokuzicebisa ukuthwalela ubufundisi!
 
121.Uthi-ke uNkulunkulu:“Amazwi omlomo alendoda azobe egcwele ukuyenga okungcolile, yilokho okwaziwa ngokuthi NGAMANDLA OKUYENGA!
 
122.Kothi konke akushoyo, ngisho noma emi epulpit, ethi: “NGITHENGE AMANZI ENDLINI YAMI NAMUHLA, NGAHAMBA NGENZA UKUDLA KWAMI”
 
123.Ibandla liyoqhuma indumiso ngokuhlanya, kube sengathi lomfundisi ubefunda incwadi ka Habakuki, noma incwadi kaHagayi, futhi eyichaza ngokuyinemba okunganasici, ngoba laba bantu abalazi izwi likaNkulunkulu!
 
124.Abayifundi imibhalo ukuze babone ukuthi lendoda ibatshela iqiniso yini? Okudingwa ngumfundisi ukuphonsa imibhalo emithathu noma emihlanu, bese bevele behlanye, bethi: “Shumayela, shumayela!” Amen!
 
134.Ngokusobala uNkulunkulu wayembonisa iqiniso lomprofethikazi! Ukubona abalandeli bomfundisi beduma ngo-Amen, uyingcwele, noma umfundisi engasho lutho lokukholwa, sikubuka mihla namalanga nasebandleni lamaNazaretha!
 
135.Omunye umholi wathi eshumayela enkonzweni wathi kumaNazaretha uma uyinsizwa kufanele ukwazi ukweshela uqonywe, ngoba ukuya ebhentshini, okusho ukuganwa ngokwenqubo yenkonzo, kunguNkosi ungisize!”
 
136.AmaNazaretha akhuza ingcwele, kodwa lokhu kuyimfundiso ephikisa umthetho oyinqubo yebandla!
 
137.Kodwa ngoba noma yini eshiwo yilomholi ivele isanganise abalandeli, amalunga abakwazi ukubona noma umholi wabo esebafaka ehlathini!
 
138.Okungithokozise kakhulu ukubona kumaKrestu kuba nomprofethi ofundisa ngomthetho kaJehova njengoba wawushiya kuMose!
 
139.Angingabazi ukuthi njengoba lenkosazana ichaza, ihamba naloNkulunkulu wabantwana bakwa-Israel, nogcine efika noShembe lapha emzansi Afrika!
 
141.UNkulunkulu wayekhuluma nabantwana bakwa-Israel ngabaprofethi, ebafundisa yonke indlela efanele yokumkhonza, manje e-Amerika usehlele kuleNkosazana!
 
1.Ngofa ngingenani
Mina ngedwa soni
Ngofela esandleni sakhe
Owathunywa nguwe.
 
2.Lokhala icilongo
Lokwamukela umoya wami,
Songena entokozweni
Yabakhethiweyo.
 
3.Hhayi umusa kaJehova
Ngami mina ngedwa
Ebengi ngafanele lutho
Okhukhwini lwakho.
 
4.Namhla sengicambalele
Kanye nabangcwele
Abamagama alotshiwe
Ebusweni bakho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *