Umthetho kaJehova awuphuphi, umthetho kaJehova awuphumi efeshenini (Fashion), awunjengama-fashion kuthiwe lena isiphumile, sekungene entsha, limile kuze kube phakade!
Intshumayelo kaMfundisikazi Nomcebo Nxumalo Mpanza ngeSabatha mhlaka 10 February 2024 eNqobizitha.
1 Ngiyeduka ebusweni bakho
Imihla yonke yokuphila kwami,
Inhliziyo iyangedusa
Ngiyancipha ebusweni bakho.
Chorus: Siza siza nkosi Baba
Uhawukele umoya wami.
2 Khuluma wena Nkosi yami
Khuluma wena nenhliziyo yami,
Mina ngedwa seyingehlulile
Ngiyeduka ebusweni bakho.
Chorus:
3 Ukuzama kuphelile
Akuyenelisanga inhliziyo yami
Ngiyashona imihla yonke
Ngiyayephula imithetho.
Chorus:
1.Ngiphinde ngibabingelele abangcwele, ngiphakamisa isihloko esithi “Masibuyele kuJehova.” LeliSabatha lanamhlanjena liyiSabatha elifana nawo wonke adlulile, kodwa lihluke ngento eyodwa, ukuthi namhlanjena sizophumula noJehova, kodwake siza nemithwalo, noma uJehova ethi singawuthwali umthwalo ngeSabatha.
2.Asiwuthwele lona esiwuphakishile. kodwa ezinhliziyweni zethu, ukhona umthwalo esiwuthwele wosizi nokuhlupheka. LeliSabatha lingelokubika ukuhlupheka, lingelokubika izifo, besizibika, kodwa kwehlukile okwanamuhla ngoba kukhulunywa indaba enkulu!
3.Uma silalela umuntu wasezulwini, uma esihlukanisela ukuthi asizokhala kuJehova, nathi sizendlalele noma naye esicelele. Ibuhlungu bantwana baseKuphakameni indaba yokuthi silapha emhlabeni silibukele phansi izwi likaJehova. Sibukekele phansi abaprofethi abathunyiweyo.
4.Namhla uNkulunkulu waseKuphakameni usithumelele umuntu ozosinikeza isithombe, sisibone ngamehlo.
5.Bantwana bokukholwa sihlangene ngegama elikhulu, esayalwa ngalo ukuthi leligama sifundise ngisho abantwana bethu ukuthi balihloniphe leligama, singethi ngisho izingane zethu ngalo nabathandiweyo bethu, igama likaJehova, lizimele lodwa ngoba igama lombumbi wezulu nomhlaba nemiphefumulo yonke ekhona, ngalokho akanakulinganiswa nalutho kukho konke okukhona emhlabeni akukho okungaphezulu kukaJehova.
6.Ngalawomazwike bantwana baseKuphakameni kuthiwa asizolila, sililele indaba enkulu ezokwenzeka kusasa, le engakaze yenzeke lapha kuleli lakithi izwe.
7.Ngabe bengizokhuluma konke kodwa izwi le ngelosi lingiyalile wathi ungakubeki lokhu nalokhu ngoba kufanele ukuba kwaziwe abangcwele kuphela, ngoba bazokuthatha, zizokuthatha izangoma, bazokuthatha abaphambanisayo, bayobamba inkunzi ngakho, bakwenze ngegama lakho, kufe abantu babulewe ulaka lukaJehova, oluzobe luphikisa lushaya lo.
8.Ngalawomazwi bantwana baseKuphakameni lokhu okuyokwenzeka kusasa, into engeyokuqala ezokwenzeka phansi kwegama likaJehova noma bekhona abakwenza kodwa akabakhona kulelizwe owakwenza egameni likaJehova, bonke bakwenza uma bake bakwenza bakwenza emagemeni abo, abanxusi lutho ngoba bathi amandla akubo, ababafundisi nabantu ukuba abantu bathembe uJehova.
9.Lelibandla selokhu laqalwa likhuluma indaba kaJehova, konke ukukhala kwethu kubheke kuye, asikaze sishintshe lutho okungumthetho kaJehova, sahlehliswa saphindiselwa kuwo.
10.Ngoba lithi izwi umthetho kaJehova awuphuphi, umthetho kaJehova awuphumi efeshenini (Fashion), awunjengama-fashion kuthiwe lena isiphumile, sekungene entsha, limile kuze kube phakade!
11.Ngalawomazwi bantwana baseKuphakameni leliSabatha liyiSabatha enhliziyweni zethu ezinosizi zokuba sikhale kuNkulunkulu ngoba sonile phambi kobusa bakhe, sonile bangcwele.
12.Ikho abantu bewa ngapha nangapha beqedwa zinhlamvu zesibhamu, beshaywa imoto, beginqika, befa ngezindlela zonke, ingoba sonile kuJehova, kodwa sinxusiwe thina esibizwe sasabela, savuma ukubuyela ezwini lakudala, sabashiya abamafesheni.
13.Sinxusiwe thina ukuba simesabe lo Jehova siphinde sikhale kuye, konke okumi phambi kwethu akunakugudluzwa muntu ngaphandle kwakhe.
14.Ithi ingelosi nibonile uJehova ezambula kini ngoba wayesefihlekile, efihlwe imithetho yabantu, uzambulile kini ukuthi anikhombise ukuthi ukhona.
15.Uthike unikhombise into angakaze ayikhombise muntu kulelizwe, hhayi ngoba ebengeke akwenze, kodwa akekho umuntu obhekisa kuye ngoba kuthiwa into yakudala leyo.
16.Uthi bawile abantu, bawa ngapha nangapha, kodwa uJehova wazambula ebusweni benu, wema phambi kwenu, ukufa akuzange kufike kini ngoba uJehova wayemi phambi kwenu.
17.Uthi pho yini okungenza ukuthi namuhla uJehova anganihawukeli njengoba nakuqala nanihawukelwe nguye, uma nizendlala izinhliziyo zenu, nivuma nithemba kuye ukuthi yena unamandla, uyakukwenza lokho esikucelayo uma sisalindile esikhathini asinike sona.
18.Ngithike bantwana bokukholwa, uthena uNkosazana uHlaleleni sihlushwa izifo, uthike abantu bayagula kodwa akuguli bona, KUGULA ABAHAMBA PHAMBILI!
19.Abanye bayahlupheka kodwa akuhlupheki bona, KUHLUPHEKA ABAFA BEHLUPHEKA, ngalawomazwi bantwana baseKuphakameni sonke namhlanje sibuyela kuJehova noma sasibuyele, amathemba ethu awabuyele kuJehova!
20.Nanxa kungafanele ukuthi ubuyele kuJehova ngoba sewufuna ukuthi akusindise, kufanele ube kuJehova noma ngabe uyabusa.
21.Uthike uNkosazana, kufanele konke kuqale lapha, kwenziwe lokho okwenziwa ngabantwana bakwa Israel besahamba noJehova bengakoni, nalabo abona bashawa base bebuyela kuye uJehova.
22.Ngalokho bantwana baseKuphakameni ngoba ngifikelwa usizi nezinyembezi uma ngizobheka, angiyena umuntu ovama ukucula leliculo leli, kodwa ngibona kuyithina esedukile ebusweni bakhe.
23.Ngibona bantwana baseKuphakameni sehluliwe izinhliziyo zethu, sizivumele ukuba zizonde abanye abantu, sivumile ukuthi kube khona abantu esingabafuni, sivumile ukuba sibe nabantu esibakhohlisayuo.
24.Uthike uShembe khuluma wena Nkosi nenhliziyo yami, mina ngedwa seyingehlulile, ngoba ngiyaduka ebusweni bakho, uthike ukuzama kuphelile akwenelisanga inhliziyo yami. Ngiyashona imihla yonke, ngiyayephula imithetho yakhe.
25.Akaphakamise isandla umuntu othi yena akashoni imihla yonke, yena akayephuli imithetho yakhe, singajabula singema ngaye, sithi ngalona ongakaze awuphule umthetho wakho, sicela ukukhosela phansi kokukholwa kwakhe kube isambatho kithi thina esingakholiwe ngoba yena akayiphulanga imithetho kaJehova.
26.Ngithike Bantwana baseKuphakameni sizamile, wonke umuntu olapha, akezanga lapha ngoba ethanda ukuba lapha, kodwa sonke sazama, kwasiphelela ukuzama, ukuzama kukuphelela ngesikhathi usuphelelwe imali.
27.Uma imali isekhona akukupheleli ukuzama, uhlala ulalela ukuthi kuthiwani ngabantu okuthiwa bangabaprofethi, sekukhona ngisho abantu abazibiza ngamadodana kaNkulunkulu.
28.Ngithike bantwana baseKuphakameni baningi abantu abazamile belwa nokuhlupheka, akuzange kuphele, izimali zasala, zasala ezinyangeni, zathengwa izinkukhu nezimbuzi, akuzange ukuhlupheka kusuke, bagezwa ulwandle, akuzange kusuke ukuhlupheka, kwaqubuka okukhulu kunalokho.
29.Ngoba babegezwa egameni lo muntu izinhliziyo zabo zazibheke kulowo muntu owayehlaba izinkukhu nezimbuzi, abazange bamkhumbule uJehova. Thina samkhumbula noma singeke sasho ukuthi ingoba sikholiwe kodwa sakholwa ukuthi uJehova akahlulwa ilutho.
30.Noma kungaba khona okusihlulayo kodwa asizange sihlulwe ukuthi sikholwe ukuthi uJehova engasisindisa kulesisifo esiqeda abantu, sakholwa, asikaze sibaleke siyofuna usizo oluthile, sakholwa ukuthi uJehova ungumjovo, uJehova ungamaphilisi, uJehova ungamandla.
31.Sanqotshelwa kanjalo ukufa okwakubheke nomhlaba kwehlula ngisho izazi ezimhlophe, kodwa uJehova yedwa wakunqoba ukufa kithi.
32.Ngithike bantwana baseKuphakameni lapho ukuzama okuthiwa kuphelile khona, ngikhumbula abantu abazame kwaze kwaba sekupheleni kwemiphefumulo yabo, sebezama ngezinhlungu ezibabambile emzimbeni, belwela imiphefumulo yabo.
33.Ubuhlungu ababuzwa ubusuku nemini, kungekho mjovo oqeda lobo buhlungu, kungekho philisa eliqeda lobo buhlungu, baphuza izimbiza beziginqa, kodwa abuzange buphele ubuhlungu.
34.Bathuthuke abezwa abanye ukuthi kuthiwa kukhona omunye ngapha unamandla, bahamba ngoba benemali, baya khona, bafike banikwa lokhu abakunikwayo, bakhotha izinsizi, bagcatshwa, bashunqiselwa, kodwa abuzange buze buphele ukufa, ukufa kwalwa nabo ubusuku nemini, busabazwisa ubuhlungu, bungabathathi kodwa busabazwisa ubuhlungu.
35.Ukuzama kuphelile, akuzange kuyenelihle inhliziyo yami, yaphela imali, kwaphela ukuzama, ngoba ngeke uzame ngalutho imali ungasenayo, uzama nje, uzama ngemali, uma sekuphela imali, kulapho kuphela khona ukuzama.
36.Ngithike bantwana baseKuphakameni uma ingelosi ikubonisile into ewusizi ucabanga, ebese ukhumbula abakho abazali, ukuthi Nkosi laba bantu engibaboniswa lapha, abekho abami abazali, kodwa ngiyazi ukuthi nabo banjena Nkulunkulu waseKuphakameni lapho abakhona uma ungabathethelelanga uma Nkosi ungazange ubathethelele ngokucela kwami.
37.Ngoba ithi ingelosi, ukucela kwethu, sisuke sicela, ithi anoke nibheke ezinkantolo zasemhlabeni, ukuthi kucelwa kangakanani enkosini yenkantolo ukuba inike umuntu i-bail, awuthi ungafika nje uzocela ebese uyithola ngalelolanga. I-bail hhayi ukuthi icala seliphelile, ukuthi kuthathwa amajika angakanani.
38.Ngalokhoke ningasho ukuthi izolo sinikelile, ninganqumi ukuthi uNkulunkulu uvumile, kodwa qhubekani nincenge, nibheke konke; okwenziwa lapha emhlabeni kungumfanekiso wakho konke okwenziwa ezulwini.
39.Ngalawo mazwi bangcwele ngithi UTHE UMA NGABE EVULA IZANDLA ZAKHE, NGABONA ABANTU ABAKHALAYO, ABANTU ABOMILE, ABANGUQWEBU, ABANTU ABAMEMEZAYO ABAMEMEZA UNKULUNKULU, KODWA FUTHI ABASAKWAZI UKUMEMEZA NGOBA BABOSHIWE, BABOSHWE YIZINHLUNGU, BABOSHWE YIZONO ZABO!
40.Bantwana baseKuphakameni ngathi noma ngingababoni abami, kodwa bafihlwe mabomu, nabo bakhona kubo bona labaya!
41.Ngalokhoke bantwana baseKuphakameni ngithena angithathe lesisihlabelelo, bengazi ukuthi ngizakusibhimba ngoba vele angiyena nomuntu okwazi ukuhlabelela kahle.
42.Kodwa ngithandile ukuthi lesi sihlabelelo bangihlabelelele kahle abantwana beNkosi, abazange bangidonse, kodwa ngibhimbiswe usizi enginalo bantwana baseKuphakameni, engithi namhla uJehova akasihawukele bantwana baseKuphakameni, njengakuqala asihawukelele ukuthi sivumile ukwethemba yena umhlaba uthemba abantu.
43.Kungagcini kithi, kodwa akuqhubekele kuyo imindeni ebhajwe osizini, ebhajwe ezinhlungwini, eze yahamba emhlabeni ikhaliswa usizi.
44.Bantwana baseKuphakamni kukhona usizi lokuhlupheka, lokuswela, kodwa kukhona usizi oludla inyama yakho ubuhlungu obuzwayo ukufa uma sekubhekene nawe, uzwa ubuhlungu, noma sebefika nakho konke, uma uwumnumzane, afike nomunye athi baba khotha nakhu kuthiwa manje kuyasiza, athathe akhothe.
45.Afike omunye athi nakhu baba ngibuya nakho kuthiwa uma uphuzile kuyasiza, uthathe uphuze, konke kungangeni ezinhlungwini zakho, zime njengoba zinjalo, zikushaye ubusuku nemini, ushe ubusuku nemini, ushe ngisho sewuphuze amanzi, ulapha emhlabeni.
46.Lungcono usizi lokuswela ngoba ngelinye ilanga uJehova uyabathuma abanomusa, bakubheke, bakunike mhlawumbe itoho noma bakunike nje imadlana yokuthi uyiphathe.
47.Ubani umuntu ongakusiza osizini lobuhlungu lokufa ungakahambi emhlabeni, ubhekane nakho ukufa, iphilisi lingazwakali, umjovo ungazakwali, konke okusiza abantu kungakusizi wena, ubusuku nemini, ungakutholi ukuphumula, ukufa kume phambi kwakho!
48.Akekho owaziyo ukuthi kungani ngoba vele sekukunqobile, kungakuthathi, kodwa usahlelwa, usavithizwa usekhona lapha emhlabeni, uJehova uthi khumbula izindlela zakho, izeduko zakho!
49.Ngesikhathi ushaywa zinhlungu, kufanele uqoqe, uqoqe yonke into, ucele ukuthi Nkosi ngikhumbuze, ngikhumbuze ukuhamba kwami, ngazi ukuthi khona ebuhleni bami ngahamba kanjani kulokhu sengikukhohliwe, ngiqoqe, ngoba ngiyazi ukuthi ngahamba ngagcinaphi lapho uJehova engafuni khona.
50.Wenzela ukuthi ukwazi ukusho ukuthi ngoba ila ebusweni bakho ngithethelele, ngangena lapha, ngangena lapha, ngenza lapha ngenza lokhu nalokhu, ngoba usuke usushaywa izo lezo zinto.
51.Okunye usuke ungasho ukuthi awuvumi ngoba udelela kodwa uma sewubhekene nobuhlungu kufika nokukhohlwa, ungabe usazi ukuthi konke iyiphi indlela owake wahamba ngayo, iyiphi ongahambanga ngayo.
52.Bese ucacabanga lena ofike ukufa kuyo, ungabe usacabanga ukuthi kukhona lapho engake ngahamba khona bese uqoqa ukuthi konje ngenzani khona, yini lena eyenza ukuthi ngishe kangaka.
53.Ngithike bangcwele ngikhaliswa ilokho, ngikhaliswa ilokho bantwana bakaShembe, ngithi uma ukuzama sekuphelile, ithike ingelosi ukuzama kubantu kuphela uma sekuphele imali.
54.Uma umuntu engesenamali, inhliziyo yakhe iyavuma ukuthi alethwe kuJehova, kodwa uma enemali uyaye athi ngeke ngikhohliswe amakholwa, mina ngazalwa ngabantu, abantu besizulu ngeke ngikhohliswa amakholwa, ngoba imali isuke isekhona.
56.Ufika yonke indawo, uma kuthi akahambe aye emazweni amanye angaphandle ase-Afrika ko-Nigeria uya khona, ngoba imali isekhona. Ukuzama kuphelile kumuntu ongakholelwa kuJehova.
57.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngicela siphinde sifunde incwadi engake ngayifunda ngelinye ilanga, ngiceliwe ukuthi ake siyibhekisise indaba yalencwadi, nakuba singabantu esivama ukuthi hawu besivele sazi ukuthi sizofunda le ncwadi, kodwake asikakezwa lutho, akukho esesikwenzile ukukhomba ukuphasa.
58.Sizofunda lapha, AmaHubo 107 verse 17-22.
“Babe yizithutha ngenxa yeziphambeko zabo; ngenxa yobubi babo babehlushwa. Umphefumulo wabo wenyanya konke ukudla; basondela emasangweni okufa. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo. Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa, wabakhulula emathuneni abo. Mababongwe uJehova ngomusa wakhe, nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu. Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.”
59.Ngithike bantwana baseKuphakameni bengiyojabula uma ngabe abangcwele bayayizwa le ncvwadi Ngake ngayifunda, nakhona nganginikezwe nguye umuntu wasezulwini efuna khona ukuthi siyifunde indaba yokufa ukuthi kusazokuma phambi kwethu!
60.Ngiyathemba ukuthi abangcwele bayezwa ukuthi kuthiwa wabakhulula emathuneni abo, laba bantu ababekhala, njengoba kuthiwa baya emasangweni okufa, kwakukhala abantu abangasekho, njengoba kuthiwa wabakhulula emathuneni.
61.Ithi ingelosi ngelinye ilanga, BANGCONO ABANTU ABABOSHWAYO LAPHA EMHLABENI, NGOBA BAYAKWAZI UKUTHI BAYOHLOLWA, BATHOLWE, BABONANE NABAZALI NEZIHLOBO, BAYAKWAZI UKUDLA NOKUPHUZA AMANZI,BAYAPHUMA BASHAWE UMOYA EMAGCEKENI EJELE!
62.KODWA KUNEJELE ELESABEKAYO ELOKUBOSHWA ETHUNENI, UTHI IJELE LETHUNA LIBUHLUNGU KAKHULU NGOBA UMA USUFIKILE PHAMBI KWAMEHLULELI, EKUTHOLILE UKUTHI WONILE, KUKHONA ONGAKWENZANGA, UMA UTHI NGINGINGAKWAZI. UYAYETHI: “USUYAKWAZI-KE, PHINDELA EMUVA UYOKWENZA LOKHO.”
63.ITHI-KE INGELOSI: IMUVA LOMUNTU OFE ENGAKHOLWA YITHUNA, AKASAKWAZI UKUVUKA AYE KWAKHE, NOMA KUPHI, NJENGOBA WAYEKADE EHLALA KUBO, IKUBO LAKHE SEKUSETHUNENI, UYOHAMBA HAMBE IZINDLELA EZININGI, ETHI UMA ESETHI UYAFIKA KUBO, AFIKE APHELELE ETHUNENI!”
64.ITHI INGELOSI INTO EBUHLUNGU KUNAZO ZONKE,UKUTHI UMA UMUNTU ESEFIKA ETHUNENI, UMPHEFUMULO WAKHE UYAYE WAZI UKUTHI NJENGOBA ELAPHA SEWANGCWATSHWA, EKUZWA UKUSINDWA NGAMATSHE ETHUNA, EKHALE EMEMEZE ENGEZWAKALI!”
65.ITHI-KE INGELOSI: “NIYE NIBABONE ABANTU UMA BENGCWABA UMUNTU UKUTHI BAZE BAGANDAYE NANGEZINYAWO, ENGATHI BAYAHO UKUTHI UNGAVUKI NGISHO SEKUVUKA ABANTU.
66.UTHI BAZE BAGANDAYE UMZIMBA BAZI UKUTHI AWUNAKU BUYE UVUKE.UMA -KE SEKUTHIWA BUYELA EKHAYA, UZOBUYELA KANJANI KULELO THUNA ELAZE LAGANDAWA NGEZINYAWO?
YAYE UKHALE, KODWA UKUKHALA KWAKHO KUPHELELA KULELO THUNA,KUYOBA YILEYO MINYAKA LEYO UJEHOVA AYIBEKILE, UMA EYOPHINDE AKUHAWUKELE!
67. UMA EYOBUYE AKUHAWUKELE EMVA KWEMINYAKA. UYOIHLALA ETHUNENI AMEHLO AKHO NOMPHEFUMULO WAKHO UBUKA IZIMPETHU ZIDLA INYAMA YAKHO!”
68.Ngithike bantwana baseKuphakameni, ithike ingelosi, hamba ufike Ufunde lamazwi, ukuba abantu bazi ukuthi kukhona ukugula kwabantu abagule bafa, bafike bagula nangaphambili!
69.Ngeke ugule phambili uma ngabe ungumntwana kaNkulunkulu oyigcinile imithetho kaJehova, awunakuya ekuguleni, uma uhamba uyoya ekuphileni, noma ubugula emhlabeni kodwa uyofike uphile phambili!”
70.Ngithike bantwana baseKuphakameni sonke siyezwa ukuthi bakhululwa emathuneni abo, siyacaciselwa ukuthi laba ababekhala kuJehova, futhi kuze kwabekwa kwathiwa basondela emasangweni okufa.
71.Ukufa ikhona okwakubabophile, kuthiwa babe sebeyasondela emasangweni okufa, babe sebeyakhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, babehlupheka emathuneni, babengahlupheki lapha emhlabeni, kodwa bahlupheka sebefile. Kodwa uJehova ayesebahawukela sebekhalile kuye.
72.Athike amazwi, wabakhulula ezinsizini zabo, wathuma izwi lakhe wabaphilisa, wabakhulula emathuneni abo, ngisho ukuthike bangcwele, size nathi, kodwa size futhi nabantu esithi ngathi abakhululwe emathuneni abo.
73.Nalabo abahamba bengayazi indaba kaNkulunkulu nababeyazi indaba kaNkulunkulu, baphambuka, ishilo iNkosi iLanga ithi ngaphambuka ebusweni bakho, zangifumana izitha zakho.
74.Ngithike bantwana baseKuphakameni njengoba silapha, size ukuzokhala lelosizi, sizocela nathi ukuthi uNkulunkulu asihawukele, asikhulule osizini lokufa, siselapha emhlabeni, lokugula, siphume. Baphume abantu ezinqwabeni zamaphilisi. Kuye kube khona abantu abaziwayo ukuthi abasawadli amaphilisi.
75.Ake sithole umjovo kaJehova ozohlala egazini lethu ungasigulisi, ake sithole amaphilisi esizowanikezwa nguJehova, ake sifuna i-clinic yasezulwini, ake sifuna udokotela wodokotela ongaceli kumuntu nongakhulekeli kumuntu, okhulekelwa izizwe zonke ezethembela kuye, onguYise wabakholwayo kuphela.
76.Uthike uNkosazana: “Lelilifa ngelenu, wanitshela uShembe, wathi alabiwa liyadliwa ngamandla. Lento ezokwenzeka kusasa iyisithebe sabakholwayo, iyisithebe samaNazaretha kaNkulunkulu, amaNazaretha azidelile, amaNazaretha agxile kuJehova ekubuseni nasekuhluphekeni, ekuphileni nasekufeni.
77.Angazike uma ekhona ongekho lapha, ithike ingelosi abantu bazosinda, ithi niyokwabelwa ngokweminikelo yenu, kodwa ngoyikhuluma ngelinye ilanga ukuthi uqhubeke wathini ngeminikelo.
78.7Kodwa wathi abantu bazokwabelwa ngokulingana neminikelo yabo, ikhona futhi incwadi ayikhiphile ngalelosuku, uma ingazange ingidukele ngonifundela yona.
79.Ngithike bantwana baseKuphakameni njengoba isihloko sithi masibuyele kuJehova, ngithi masibuyele kuJehova ukuze nathi uNkulunkulu asihawukele kusasa siwuthole umjovo, siwathole amaphilisi.
80.Engikuthandile kumuntu wasezulwini othunyelwe ukuthi azosiqondisa, ngithande isihawu sakhe, othe uma ethandaza, wathi: “Nkosi ungabasindisi kuphela, uma bengena lapha emanzini, kuthi labo abanamathunzi amnyama bese uyawageza, kuthi labo abambethwe usizi lokuhlupheka Nkosi bese uliqeda.
81.Kuthi labo abangawutholi umsebenzi Nkosi bevinjwe ngamathunzi abawafakwa imindeni bese uyawanqobake.
82.Kuthi labo abasebenzayo abathweswe ithunzi lokuthi kuthathwe imali bese ulinqoba lelithunzi.”
83.Ngakubona kuyisihle kithi ukuthi sicelelwe lokho, kodwa uye agcizelele ukuthi konke siyakucela, akukho esizithathela khona, silinde ukuthi uJehova avume asiphe.
84.Uma sesivuma zonke izono zethu phambi kwakhe, kukhonake umuntu oyaye athi ngizozivuma mina ngaphakathi, akuhambi kanjalo ekukholweni, uvuma wena ngaphakathi, uNkulunkulu akakubekanga lokho, akuhambi kanjalo.
85.Ngishilo ngeviki eliphelile ngathi laphayana ungangeni mawunamagqubu, ngoba nawe uyazi ukuthi akukho emthethweni lokho, akudingi ukuthi uNkulunkulu aze akwehlisele ulaka.
86.Ungangeni laphana mawuthakatha, ngoba akekho umuntu emhlabeni njengoba ungaka ongama yena ethi akekho umthakathi, ibandla nebandla ngisho awamaKrestu, kunomthakathi wakhona, ngisho eZayoni kunomthakathi wakhona ngoba vele abathakathi babaleka bezozifihla emasontweni.
87.Ngithike ungangeni, ngithunyiwe ukuthi ngkutshele ukuthi kuzovelani uma nje usaphathela abantu imithi, uma nje usaloya abantu, ungangeni.
88.Kuyaye kumangaleke bantwana baseKuphakameni ukuthi uma singamakholwa, ngesinye isikhathi siyamulahla uNkulunkulu, sibe namaSabatha amaningi sihambe singaziwa ukuthi sishonephi, sithi asinayo imali yokuza esontweni, omunye wangishayela ucingo.
89.Bantwana baseKuphakameni, kuthi mhla kumenyezelwa ezempilo, bafike kuqala laba abathi abanamali, bengakafiki laba abavame ukufika wonke amalanga, kufike laba abathi abanamali.
90.Bangezi emkhosini kaJehova, bengezi kuyoyonke indawo kodwa mhla kumenyezelwa ukuthi uJehova ukhipha izithebe, sizocela isithebe esihle kuJehova, uyobabona, usubakhumbula ukuthi konje lona uzibanibani.
91.Okulandela lokho futhi, sixwayisiwe futhi ukuthi awunakuhamba uyolanda abangani bakho entweni engasiyona eyakho, ukusindisa ngokukaJehova, nathi sizocela kuye, uma izwi lithi amaNazaretha kaNkulunkulu, ligcine lapho akube njalo.
92.Siyobuza ukuthi laba abangakayigqoki ingubo emhlophe, labo bona uNkulunkulu uthini ngabo, uma izwi selikhulumile ngabo ukuthi kufanele kwenziwenjani, siyokwazi bantwana baseKuphakameni ukuthi sikusho lokho ngoba asigayi, asikho ebhizinisini elenza imali ukuthi akungene nomabani nobani uNkulunkulu engakaze akusho lokho.
93.Kuyozwakala ukuthi uNkulunkulu ukuthi uthi asenzenjani ngabo ngoba angeke ngisho ngithi uNkulunkulu uyathanda bona bahlupheke, kodwa siyolinda izwi ukuthi uNkulunkulu uthi akwenziwe njani ngabo.
94.Uma uNkulunkulu eshilo ngomlomo wakhe oyingelosi, akazange asho nangelilodwa ilanga ukuthi abangakholwa kufanele bona bafe, kodwa silandela izwi ukuthi asho ngoba asiphili impilo efananayo!
95.Silindile thina, kukhona lapho esingangeni khona, silindile thina, asiwuphathi umlilo ngeSabatha, asiwuphathi umuthi ngezandla zethu, asibuphuzi utshwala, asiyi ezinyangeni, ngalokho asikwazi ukuthi singangena endaweni eyodwa, kodwa siyazi ukuthi uJehova akanakubalahla, uzokusho ukuthi kufanele kwenziweni ngabo.
96.Ngoba asinakubabekela umthetho bengekho enkolweni, sibashayele umthetho ukuthi uma uza lapha, ungakwenzi lokhu nalokhu, umthetho ubekelwe abakholwa njengoba esho uShembe ukuthi uJehova unguYise wabo bonke abakholwayo.
INkosi ibusise enikuzwile.