Kodwa ukukhonza uJehova akugcini ngokugcina umthetho kaJehova njengoba ubekwe nguMose kuphela, kodwa kumele futhi ugcine izimfundiso zabo bonke abaprofethi bakaJehova kuhlanganisa noYeshua, kithi maNazaretha kuhlanganisa nezimfundiso zoMprofethi u-Isaya Shembe ngomthetho kaJehova!
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sanamuhla sithi: UMPROFETHI KAJEHOVA NOMPROFETHI-MBUMBULU.
2.Okokuqala, kumele ngichaze ukuthi ngokwesiHebheru yini umprofethi, ngoba inkolo kaJehova yafikela kuyisizwe esikhuluma isiHebheru! NgokwesiHebheru umprofethi isithunywa sikaJehova uNkulunkulu wethu.
3.Umprofethi uNkulunkulu engamthuma noma yini, uma nje lokho okwenzayo ekuthunywe nguJehova ukuthi akwenze noma akukhulume!
4.Ngeshwa, kulesi sikhathi samanje sebebaningi abantu abathi bangabaprofethi. Ngobuprofethi basho ukuthi bayaboniswa, isikhathi esiningi okungehlukile nokubhula!
5.Ngokuba nomoya wokuboniswa, uma unawo ngempela, kodwa lokho akuchazi ukuthi ungumprofethi! Njengoba sesichazile umprofethi ngumuntu OYISITHUNYWA SIKANKULUNKULU!
6.UJehova ukuthuma ukuba uvuselele umthetho wakhe kubantu, noma uxwayisa abantu bakhe ngesono asebesenza,echaze nobungozi baleso sono.
7.KuDuteronomi 10:12-13 kuthi: “Manje-ke Israel, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe, ngaphandle kokuba umesabe, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho; ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo lusuku ukuba kube kuhle kuwe!” Amen!
8.Lamavesi ayichaza yonke inkolo kaJehova ebhekeke kumuntu othi ungaphansi kwalenkolo.
9.Okokuqala ukuthi umthande uJehova ngenhliziyo yakho yonke nangomoya wakho wonke. Lokho kusho ukuthi uJehova kumele umenze kube nguye yedwa uNkulunkulu wakho!
10.Okwesibili kumele UGCINE ZONKE IZIMISO ZIKAJEHOVA. Isimiso noma umthetho kaJehova usezincwadini ezinhlanu zikaMose ezibizwa ngokuthi iTorah.
11.Kodwa ukukhonza uJehova akugcini ngokugcina umthetho kaJehova njengoba ubekwe nguMose kuphela, kodwa kumele futhi ugcine izimfundiso zabo bonke abaprofethi bakaJehova kuhlanganisa noYeshua, kithi maNazaretha kuhlanganisa nezimfundiso zoMprofethi u-Isaya Shembe ngomthetho kaJehova!
12.Yikho-ke uma sikhumbuzana ngomthetho kaJehova sizifunda zonke izincwadi zabaprofethi!
13.Uma ungawugcini umthetho kaJehova owulethe kithi ngoMose, wafundiswa ngabaprofethi, USUKE WENZA ISONO!
14.Kafuphi isono ukwenza noma yini ephambene nomyalo kaNkulunkulu otholakala emthethweni kaMose nasezimfundisweni zabaprofethi!
15.Amakholwa amaningi abawugcini umthetho kaNkulunkulu ngoba emabandleni amaningi bengenazo izinkonzo ezifundisa ngesono!
16.Isono sokuqala usenza ngokucabanga. Uma ubona umuntu wesifazane, bese umkhanukela, uthandane naye ngengqondo njengomuntu enithandana ngempela, ezulwini usuke usuhlobongile naye, usunesono sokukhanukela umuntu wesifazane!
17.Usufile, uyothi uphambi kwaMehluleli, kuvele kuqhamuke lomuntu wesifazane, uhlangane naye phambi kwezihlwele zasezulwini! Kodwa lapha emhlabeni isono ubusenza uwedwa!
18.Kanjalo, nomuntu wesifazane okhanukela umuntu wesilisa, ngezinsuku zakhe zokugcine uyoqhamuka lomuntu wesilisa, ahlangane naye phambi kwabantu, ube nesono sokuhlobonga noma sokuphinga, kodwa phyisically ungasenzanga! Funda uMathewu 5:27-28.
19.Ngakho-ke asisivike isono senkanuko, ngoba ungacabanga ukuthi sincane ngoba usenza ungabonwa muntu, kanti kuza isikhathi lapho oyosenza khona ubonwa yiwo wonke umuntu!
20.Akugcini ngenkanuko, kodwa noma yini obuzothi uma uyenza kube isono, wase uyenza ngenhliziyo, noma iphumelele, noma ingaphumelelanga, ezulwini isuke iphumelele, ngoba isono siqale sisenze ngokucabanga.
21.Uma ufisa ukubulala umuntu, noma ukuzamile ukumbulala, wehluleka, noma ugcine ngokucabanga ukumbulala, kodwa wagcina ngokungambulali ngezizathu ezahlukene, kodwa ezulwini usumbulele, usunecala lokubulala. Zonke lezi yizono zokucabanga into obekuzothi uma uyenza kube yisono.
22.Esinye isono usenza ngendlela oziphatha ngayo. Kuyisono ukuthi uthi ungumuntu wesifazane ugqoke noma wenze into engamukelekile enkonzweni yesonto eliqondile! Lokho kusho ukuthi lokho kugqoka kwakho akwamukelekile kuNkulunkulu!
23.Kulesi sikhathi samanje izinto eziningi ezenziwa ngabantu besifazane, abazibona ziligugu kubo njengokupenda umlomo nokunye, kuyisinengiso kuNkulunkulu!
24.Ziningi nezinto ezenziwa nangabantu besilisa, njengokwenza ama tatoo emzimbeni, eziyisinengiso kuJehova!
25.Zonke izinto othe uNkulunkulu uma ulikholwa ungazenzi, uboyeka ukuzenza, ngoba khona isikhathi lapho yonke lento oyithandayo iyoba lusizi nezinyembezi kuwe!
26.Umuntu onokuhlakanipha okuphelele akacabangeli kuphela ikusasa lakhe ngokwenyama, kodwa ubheka ikusasa lomphefumulo wakhe, ukuthi ngezinsuku zokugcina lomphefumulo uyophelelaphi!
27.Lapha sisakhuluma ngesono somdlizo wenhliziyo nesono sokuphathwa komzimba wekholwa!
28.Ngiyazi ukuthi uma sesifile uNkulunkulu noma uYeshua akaba nguye loMthetheleli wezono esihlale sitshelwa ngaye, ngoba uma ungasiyekanga isono uselapha emhlabeni, ungazikhohlisi ngokuthi ekufeni kwakho uzothethelelwa!
29.Inkinga ukuthi emabandleni ethu asinikwa ivangeli elizokwenza ukuthi ekufeni kwakho wamukeleke ezulwini, sinevangeli eliphelela khona lapha emhlabeni!
30.UYeshua akahlale efundisa ngalomusa esifundiswa wona emabandleni ethu!
31.Nazi izimfundiso zikaYeshua ngokugcina umthetho kaNKulunkulu ezibonisa ukuthi lomusa esifundiswa wona ezulwini awukho!
32.KuMathewu 7:21-23 uYeshua uthi noma umuntu engakholwa kuye, ngegama lakhe akhiphe amadimoni, eprofethe, enze imisebenzi emikhulu ngegama lakhe, KODWA UMA ENGAWUGCINI UMTHETHO KANKULUNKULU, UYOTHI UMA ESEFIKA PHAMBI KWAYESHUA, ATHI “SUKA KIMI MENZI WOBUBI, ANGIKWAZI!”
33.Angazi ukuthi amakholwa akayifundiswa ngani lencwadi, ngoba ithinta ikusasa lethu uma sesedlule kulomhlaba, ukuthi ezulwini uYeshua uyosamukela uma siziphathe kanjani!
34.Uma uYeshua ethi uyosamukela uma kuphela sigcina umthetho kaJehova, akasho omunye ngaphandle kwalo uNkunkulunkulu owawushiya kithi ngoMose!
35.NoYeshua wafundisa ngalowo mthetho kuMathewu 5:17-19. Inkinga enkulu ukuthi sifihlelwe ukuthi uYeshua kuhlanganisa no Sha’ul, babefundisa ngenkolo kaMose, yize kubhaliwe eBhayibhelini!
37.Kubalulekile-ke ukuthi uma sithi singabaphathi bezwi leNkosi, sibafundise abantu ukuthi umuntu ungena ezulwini ngoba eziphathe kanjani esesmhlabeni!
38.KuMathewu13:41-43 uYeshua uthi: “INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo, nabenza okubi, zibaphonse esithandweni somlilo, lapho kuyoba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
39.Kepha abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kayise, onezindlebe akezwe!” Amen!
40.Manje kuyaye kwenziwe yini ukuthi singafundisani ngalentshumayelo kaYeshua? Sibuza nini ukuthi ngokukaYeshua umuntu olungile ngonjani, umuntu omubi ngonjani?
41.Kufanele sizibuze ukuthi kusho ukuthini ukuthi “abakhubekisayo nabantu ababi”, nokuthi singabuyela kanjani kuNkulunkulu sibe ngabalungileyo, ngoba indaba ingathi?
42.Kodwa lapha sikhuluma ngabaprofethi nabaprofethi-mbumbulu.
43.Okokuqala abantu kumele bazi ukuthi noma imuphi umoya, ikakhulukazi umoya kasathane, uyakwazi ukukubonisa into ezokwenzeka, lokhu abaningi asebethi ukuprofetha. Ngiyaye ngizwe umuntu ethi “UMOYA ONGCWELE, ufike wathi, wathi kimi.”
44.Manje uma uthi wena kwafika uMoya oyingcwele kuwe, noma kwafika uNkulunkulu kuwe, lomoya wawubona ngokwenzani ukuthi nguMoya ongcwele?
45.EBhayibhelini abaprofethi bagcina ku-Old Testament, akakho umuntu kuNew Testament owake waba ngumprofethi.
46.Enkolweni kaMose umuntu owagcina ukuba ngumprofethi nguYeshua, emva kwaYeshua kwavela uMahomed, lapha kithi kwaba khona uIsaya Shembe (Ukuthula kube kuye).
47.Ukuthi laba kwakungaba profethi silandela izimfundiso zabo zokufundisa ngokubaluleka kokugcinwa komtheho kaNkulunkulu, hhayi ngokuthi babengababoni!
48.Angisiye ummoslem, kodwa ngiyazi ukuthi uMahomed wayengumprofethi kaJehova, ngoba ngiyifundile iKoeran, ngabona ukuthi lomprofethi wafundisa ngomthetho kaNkulunkulu njengoba sawunikwa nguMose!
49.Bonke abaprofethi bakaJehova bafike bavuselele umthetho kaJehova, emhlabeni owalethwa yinceku yakhe uMose!
50.Ngihlale ngisho ngithi mina ngangiwahlabela amadlozi, ngibhula ezangomeni, kodwa ngingumNazaretha!
51.Ngizenza lezi zinto noma ngaphambili abazali bami babengazenzi, kodwa ngizenza ngoba sekungumkhuba owenziwayo ebandleni lami, nathi sesikhohliwe ukuthi esikwenzayo kuphambene nomthetho kaNkulunkulu!
52.Kodwa ngelinye ilanga sabona sekufika kithi ingelosi ihamba ngezinyawo, noma sasesibona ukuthi this is a spiritual person, Kodwa safunda olimini lwakhe ukuthi lomuntu uvela ezulwini!
53.Ngabiza u-aunti wami owabe engumthandazi, ukuthi ezongichazela ukuthi ngabe yinhloboni yomuntu lo osesivakashele? Wathi u-aunti le ingelosi yakithi okufanele siyikhunge ngokuyihlabela.
54.Kwathi lapho sengithi ngofuna imbuzi, yafika ingelosi, yabe isithi: “Ngizwa kuthiwa nifuna ukungihlabela imbuzi, ubani owanifundisa ukuthi ukhona omunye umuntu ohlatshelwayo ngaphandle kwaJehova yedwa, nginguJehova yini mina?”
55.Yabe isifunda incwadi kaEksodusi 22:20 ethi: “Owenzela abanye onkulunkulu umhlatshelo, engenzeli uJehova yedwa, uyobhujiswa!”
56.Yaqala lapho-ke ingelosi ukusikhumbuza ngovesi 3 womthandazo wesabatha lapho uShembe ethi sokwesaba uJehova ngokugcina umthetho wakhe owasilobela ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwethu kwamukeleke kuThioxo wemikhosi!
57.Kwathi kufika umhla ka 4 January 2010, sengithunywa ukuba ngishumayele, kodwa ingelosi isiqale yasifundisa indlela okumele siziphathe ngayo uma sifuna ukuya ezulwini!
58.Manjeke wena othi ungumprofethi, ngaphandle kokuboniswa okuzokwenzeka, uNkulunkulu wathini kuwe ngokufundisa abantu ukuhamba ngezimiso zakhe?
59.Kunomrofethikaze wase-USA osemncane. Ngathi ngiqala ukuyibona lenkosazana, ngabona ukuthi nangu umprofethi kaJehova!
60.Ngingakezwa nokuthi ikhuluma ithini, kodwa konke ukugqoka kwayo kuyasho ukuthi lomuntu ulawulwa nguNkulunkulu!
61.Sengingasho ukuthi ngaphandle kwaMprofethi u-Isaya Shembe, kulesi sikhathi samanje uJehova uthume umprofethi wesifazane emhlabeni! Angidingi ukuthi ngichaze izinto eziningi ngaye ngoba uyavela ku Youtube naku Tik Talk!
62.Kodwa ngamangala ukuthola ukuthi kunamakholwa amzonda ngendlela eyisimangaliso lomprofethikazi, abathi uyi false prophet, bezama nokumhlaziya!
63.Into abamzondela yona ukuthi ukhuluma ngesono, ebatshele nezono zabo, kodwa umsebenzi womprofethi lowo!
64.Njengabo bonke abaprofethi abaseBhayibhelini, ku80% lomprofethi usuke eshumayela ngesono, esibonisa ukuthi kuyingozi kangakanani ukuhlala esonweni!
65.Lomprofethikazi uma ekhuluma ngesono she does not generalise, kodwa uba specific, esho ukuthi yekani lokhu nalokhu!
66.Yikho lokho-ke esekumenze waba yisitha kubantu abathi bangamakholwa, kodwa benemisebenzi kaSathane!
67.Abanye bathi she is a false prophet ngoba ebala abantu abathi bangabaprofethi kanti lobu buprofethi bakuthwalele.
68.Lomprofethikazi wakhomba abaprofethi abebedumile ukuthi lamandla abanawo bathwele ngawo, wathi kodwa uNkulunkulu uzobadalula, nempela yagcina idalulekile imisebenzi yabo emibi! ngokubabulala!
69.Abalandeli babo bamthuka bashiya abangalazi, kodwa sekugcine lapho lomprofethikazi owasho khona.
70.Kodwa okubalulekile ngalomprofethikazi, akukho kodwa ukuprofetha ngokuzokwenzeka, kepha ukushumayela kwakhe okufana ngcimishi nokwabaprofethi baseBhayibhelini, oJeremiya no-Isaya! Sonke asihambe ngokwezeluleko zabaprofethi bakaJehova!
Inkosi ibusise enikuzwile.
Lenkonzo iyatholakala ku Youtube othi Rev Mpanza NCG