Skip to content

ABADELELA UMTHETHO KANKULUNKULU IKHAYA LABO KUSESIHOGWENI.

Njengoba sesike sakubeka, uMprofethi kaJehova akagcini ngokuprofetha ngokuzokwenzeka, kodwa okukhulu okwenzayo ukugcina umthetho kaNkulunkulu, abuye afundise abantu ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu, ebonise ngokufunwa nokungafunwa nguNkulunkulu!

Isihlabelelo 85
1.Ngonile ebusweni bakho
Nasebusweni bezulu.
Iso lami lingonisile
Ngayephula imithetho.
 
2.Ngehlulwa ngowokuqala
Emithethweni elishumi.
Owesibili ngingwunamathe
WeNosi yoxolo.
 
3.Abaphula lemithetho
Bayokhandwa ngamatshe
Abazange bahawukelwe
Ngoba yini mina soni.
 
4.Sengonile nangolimi lwami
Ngakhuluma inkohliso
Sengonile nangenhliziyo yami
Ngacunuka ngayo.
 
5.Sengonile nangesandla sami
Ngaphatha okungafanele
Sengonile nangonyawo lwami
Ngahamba ehlazweni
ABADELELA UMTHETHO KAJEHOVA IKHAYA LABO KUSESIHOGWENI.
 
1.Kukhona inkulumo eyakhulunywa ngumfundisi ongumKrestu wase-Amerika ongasekho, uDr Myles Munroe. Uthi-ke lomfundisi:
 
2.“Kuyadida ukuthi iBandla elimele uJesu lingashumayeli ngomyalezo wakhe, kodwa sitholakale sishumayela ngokudumisa yena.
 
3.Asishumayeli ngalokho yena uJesu ashumayele ngakho, ngamanye amazwi, sishumayela ivangeli elidumisa uJesu, kodwa asifundisi ngokuthi yena uJesu wayefundisani, kanjani!”
 
4.Lenkulumo yalomfundisi yangithinta kakhulu, ngoba njengomuntu ohlale efunda iBhayibheli, bengiyaye ngingaqondi ukuthi kwenziwa yini amaKrestu ehlale edumisa uJesu, kodwa engazivezi izimfundiso zakhe ngenkolo, ngaphandle kokuthi wafela izono zethu! Kanti lenkinga bakhona abanye abafundisi bobuKrestu abayibonayo!
 
5.Ukuthi uJesu wafela noma uyofela izono zethu, livangeli ongalitholi ezimfundisweni zikaJesu, ngaphandle kwezintshumayelo zikaPaul, nalezo zimfundiso ezingatholakali kuJesu!
 
6.Ngike ngezwa omunye umfundisi wamaKrestu eshumayela ethi: “Umuntu ebheke ukuthi mina ngibe semncwabeni ongeSonto, esikhundleni sokokhonza uNkulunkulu wami, kodwa yena kade esenkonzweni ngoMgqibelo eyokhonza uNkulunkulu wakhe.”
 
7.Ngokwalomfundisi kunoNkulunkulu wakhe okhonzwa ngeSonto noNkulunkulu okhonzwa ngeSabatha.
 
8.Yize lomfundisi ehlale ephethe iBhayibheli, kodwa angenke ekhombe ukuthi kukuphi eBhayibheli lapho kufundiswa khona ngoNkulunkulu okhonzwa ngeSonto, ngoba uJesu nabo bonke abaPostoli emva kwaJesu babegcina iSabatha!
 
9.Kodwa ukuze uphenduleke lombuzo ka Dr Manroe, kumele sibheke impilo kaJesu ngokomlando wakhe ngaphandle kokuba sikhulume lokho esikukholwayo!
 
10.Igama likaJesu, owayengumJuda, ezalwa nguMaria, uyise kunguJosefa, NGUYESHUA! Lapha siveza umlando kaYeshua owabe eliJuda!
 
11.Umlando wamaJuda oseBhayibhelini labo elibizwa ngokuthi THE HEBREW BIBLE uthi uYeshua wayaziwa ngaleligama lakhe waze wafa, nokuthi kwaphela iminyaka engaphezu kuka 100 uYeshua engasekho, kodwa elokhu aziwa ngaleligama Akaze uYeshua esizweni sakhe abizwe ngoJESUS!
 
12.Ayikho impikiswana ekhona phakathi kwamaKrestu namaJuda ukuthi uYeshua wahamba emhlabeni ngo 33 A.D, nokuthi abafundi bakaYeshua baqala ukoshumayela ivangeli ngoYeshua eminyakeni yo 51 A.D.
 
13.Ayikho futhi impikiswano phakathi kwamaKrestu namaJuda ukuthi ngo 70 A.D, kwaba nempi phakathi kwamaRoma namaJuda, okwagcina ngokuhlulwa okokugcina kwamaJuda!
 
14.Akukho futhi ukuphikisana kokuthi ngokomlando ubuKrestu basungulwa ngu Constantine ngo 325 A.D, nokuthi emva kokusungulwa kobuKrestu, uConstantine wakhipha imithetho ebizwa ngokuthi ngamaCreeds, ngawo owabe eseqeda inkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaMose! Sesiwafunde kaningi lama Creeds!
 
15.Kulomlando esengiwubeke phambi kwenu, kunomlando ongaziwa ngisho ngamaKrestu, ngoba ucashisiwe, akakho umuntu okumele awazi!
 
16.Uma uYeshua wayeliJuda, njengoba amaJuda ayeyizitha zamaRoma, pho uma ngoJesu sisasho uYeshua owabe eliJuda, ezalwa nguMaria noJosefa, uYeshua waba kanjani senkolweni yobuKrestu eyasungulwa ngamaRoma okwakuyizitha zamaJuda?
 
17.Futhi njengoba kungumlando ongaphikisiwe ukuthi uYeshua owayeliJuda wahamba emhlabeni ngo 33 A.D, manje uYeshua uhlangana kanjani nenkolo eyasungulwa ngo 325 A.D sekuyiminyaka eyedlule emakhulwini amabili uYeshua wahamba emhlabeni?
 
18.Lombuzo kuyadinga amaKrestu awuphendule, ngoba uma engakwazi ukuwuphendula, kobe kusho ukuthi kuliqiniso ukuthi uYeshua oliJuda akaze abe nguJesuokukhulunywa ngaye enkolweni yobuKrestu, okuyiyo lenkolo eyachitha inkolo kaMose ngamaCreeds!
 
19.Njengoba kucaca ukuthi uYeshua noJesu ngama charecters ehlukene, amaKrestu kumele asichazele ukuthi uJesu wayezalwa ngubani, kusiphi isizwe, nokuthi wayephila emhlabeni kumuphi unyaka, nakuliphi izwe?
 
20.UYeshua akabethelwanga esiphambanweni, kodwa wabethelwa emthini njengokomthetho kaMose; kulenkolo wawungekho umthetho wokubethelwa esiphambanweni!
 
21.Ngakho-ke amaHebheru akazi lutho ngoMprofethi owabethelwa esiphambanweni!
 
22.Okunye, enkolweni kaJehova sinoNkulunkulu oyedwa ogama lakhe nguJehova; ayikho imfundiso-nkolo yoMthathwemunye!
 
23.Into eyenza ukuthi amaKrestu angashumayeli ngezimfundiso zikaYeshua, ukuthi uJesu lo abahlale bembabaza, akaze abe khona, futhi abakwazi ukufundisa ngezimfundiso zikaYeshua owayrengaphansi kwenkolo yamaHebheru, ngoba lenkolo amaRoma ayichitha!
 
24.Njengoba esho uDr Koster, amaRoma ayewazonda amaJuda, ngalokho-ke babengakwazi ukwamukela uYeshua oliJuda, futhi ingumuntu omnyama!
 
25.Ngakho-ke abezizwe bazakhela owabo umsindisi, kodwa ngoba base bewanqobile amaJuda, bantshontsha impilo nomlando kaYeshua owaba khona, sebethi yimpilo kaJesu, yize umuntu onguJesu engakaze abe khonaemhlabeni!
 
26.Izincwadi zomlando zithi igama elithi JESUS lavela emva kokusungulwa kwenkolo yobuKrestu,okusho ukuthi kwaba semuva kuka 325 A.D!
 
27.LoJesu waqala wabizwa ngo IESIS, kwathi emva kokuba khona kohlamvu u”J” wayeseba ngu JESUS!
 
28.Encwadini kaHoseya 4:6 uJehova uthi: “Abantu bami babhujiswa ngukuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi, nami ngiyakukulahla, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho, nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.”
 
29.Ngenxa yokuthi ngokomlando akaze abe khona umuntu onguJesu, ngakho-ke enkolweni yobuKrestu uma uzofundisa ngezimfundiso zikaJesu, kumele kube ngezikaYeshua, ngeshwa okuyizimfundiso zenkolo echithiwe enkolweni yamaRoma!
 
30.Njengoba sesishilo, kungumlando ongaphikiseki ukuthi umsunguli wenkolo yobuKrestu, uConstantine, wayichitha inkolo kaMose, uYeshua owayengaphansii kwayo! Manje amaKrestu engashumayela kanjani ngenkolo echithiwe enkolweni yabo?
 
31.Kodwa kwahamba kwahamba umbuso wamaRoma wawa, kwase kuba nesidingo sokuthi noma umbuso wabo usuwile, kodwa inkolo yabo ingapheli!
 
32.Esikhundleni sama Creeds, lelivangeli baliqhuba ngokuthi bakhe oPaul-mbumbulu ababezoshumayela lelivangeli kube sengathi bahumusha okubhalwe ku- Old Testament.
 
33.Isizwe sakithi-ke sasemukela noma yini eshiwo ngabamhlophe kungakhathaleki ukuthi ayihlangani kanjani nokuqukethwe yincwadi engcwele! Esizweni sakithi i-authorty kwaba ngabamhlophe ngaphezu kweBhayibheli!
 
34.Abezizwe singababukeli phansi, ngoba bakwazi ukuthi ngobugqili bakwazi ukwenza umuntu omnyama athathe into engekho ethi ikhona, ekhona athi iyona engekho!
 
35.Abamhlophe abakwenza ukuthi bakhe umuntu ongakaze abe khona, abe khona, edunyiswe kuthiwe uyiNdodana kaNkulunkulu ezelwe iyodwa, neyafela izono zethu!
 
36.Ukuthi lemfundiso iyimbudane kanjani, akusho lutho, okubalulekile ukuthi iqhamuke nabamhlophe abangabasunguli balenkolo!
 
37.Uma ufuna onke amaqiniso ngokungabi bikho bukaJesus, funda incwadi ebhalwe ngu Dr Koster ongumKrestu, nokhona lapha eSouth Afrika, ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE, bese ufunda incwadi ebhalwe ngu Rav Sha’ul oliJuda, esihloko sithi: “THE NAZARENE: betean, betrayed and begotten.”
 
38.Abezizwe abagcinanga ngoJesu ukuthatha isithixo besenze umuntu okhona, bese besifunza amazwi abathi ashiwo nguYeshua, kodwa naku Paul, kunoSha’ul owabe eliJuda, nowagcina esengumholi wamaNazaretha emva kwaYeshua njengoba kubhaliwe ku-Izenzo 24:5.
 
39.Abezizwe bayishisa incwadi yabaPostoli eyabe ikhuluma ngezimfundiso zikaYeshua, esihloko sithi THE GOSPEL OF THE 12 APOSTLES, kwase kusala le ethi: THE GOSPEL OF THE NAZAREENS, nayo okwathi uma sebeyihumushela ezilimini zabo, isibizwa ngokuthi uMathewu, izinkulumo ezikuyo bazihlakanezela ukuze zihambelane nenkolo yabo.
 
40.Kwathi uma abanye ababhali bembuza uJerome ukuthi ukwenzelani lokho, wazisholo yena ukuthi kubalulekile ukuthi akwenze lokho ukuze lemibhalo yamaHebheru ihambisane nenkolo yobuKrestu!
 
41.Abezizwe sebezichithile izincwadi zabapostoli, nabo bababulala, base beveza izincwadi eziphikisa imithetho kaMose, sekuthiwa zabhalwe nguPaul!
 
42.Kodwa njengoYeshua, bakha uPaul wabo ngo Sha’ul oliJuda, base bethi umuntu ochithe imithetho kaJehova ngumpostoli uPaul. Kodwa konke lokho kungamanga! Funda incwadi ka Rav Sha’ul ethi THE NAZARENE.
 
43.Isizwe sakithi sivele sithathe inkolo eyakhelwe ukuthi ngayo abezizwe basesuse kuJehova, begcine ngokuqeda ngathi emva kokusilahlisa inkolo yethu!
 
44.KuDutoronomi 13:1-3 uJehova uthi: “Uma kuvuka phakathi kwakho umprofethi, noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso noma isimangaliso akhulume ngaso kuwe, bese senzeka, athi: “Masilandele abanye onkulunkulu ongabaziyo, sibakhonze.
 
45.Angawalaleli amazwi alowo mprofethi, noma lowo mphuphi wamaphupho, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi ukuthi uyamthanda yini uJehova unkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.”
 
46.Namuhla sekunabaprofethi abaningi. Ngabe laba baprofethi bahlangene nenkolo kaJehova, noma ngabaprofethi abavela kwabanye onkulunkulu?
 
47.Ukwazi kanjani ukwahlukanisa phakathi kwamprofethi kaJehova nomprofethi ovela kwabanye onkulunkulu?
 
48.Uthi uJehova noma umuntu kungathiwa ungumprofethi, akhulume into yenzeke, kodwa wena okufanele ukubheke kulomprofethi ukuthi uyahamba yini ngokwezimiso zikaJehova, akakukhonzisi yini abanye onkulunkulu ongabazi?
 
49.Uphawu lokuqala nelusobala ukuthi lo ngumprofethi ovela kwabanye onkulunkulu, ngumprofethi ongaligcini isabatha! Usuku lokukhonza olungayilo iSabatha livela kwabanye onkulunku!
 
50.Ukugcina isabatha kusemthethweni wesine emthethweni elishumi, nguNkulunkulu uqobo owaqala ukuphumula ngeSabatha, uYeshua wayeligcina isabatha; abafundi bakhe baligcina ngisho engasekho uYeshua!
 
51.Pho uma isabatha laligcinwa nguYeshua, lagcinwa nangabapostoli uYeshua engasekho, umfundisi ogcina iSonto usuke lowo mthetho wokugcina olunye usuku ngaphandle kwesabatha, usuke ewuthathe kumuphi unkulunkulu?
 
52.Yikho-ke sithi umuntu othi ungumprofethi, kodwa engaligcini isabatha, usuke ekhonza abanye onkulunkulu, hhayi uJehova onguNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba!
 
53.Ku Mathewu 7:21-23 uYeshua uthi ngisho ungahlale umbiza uthi uyiNkosi, ukhipha amadimoni ngegama lakhe, wenza imisebenzi emikhulu ngegama lakhe, kodwa uma ungawugcini umthetho kaJehova, ekufeni kwakho ngenke uze ube sembusweni wezulu!
 
54.Njengoba sesike sakubeka, umprofethi kaJehova akagcini ngokuprofetha ngokuzokwenzeka, kodwa okukhulu okwenzayo ukugcina umthetho kaNkulunkulu, abuye afundise abantu ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu, ebonise ngokufunwa nokungafunwa nguNkulunkulu!
 
55.Enkolweni yobuKrestu munye umprofethi esengike ngambona ebonisa ngezenzo ukuthi ungumprofethi kaJehova ofana nabaprofethi abaku Old Testamente, lowo nguMprofethikazi uCelestial!
 
56.Mangingi amaKrestu amthukayo lomprofethikazi, bethi akasiye umprofethi ngoba ukhuluma ngezono zabantu, uyehluilela!
 
57.Bathi-ke ulidimoni elisebenza ngomoya kaSathane. Angazi ukuthi nguSathane oqhamukaphi ohlale efundisa abantu ukuthi abahambe ngokwezimiso zikaJehova?
 
58.Okumele ngabe amaKrestu ayakubonga ukuthi emva kweminyaka eza enkulungwaneni namashumi angu 8, uNkulunkulu nabo useze wabakhumbula wabalethela umprofethi wakhe!
 
59.Kodwa ngokomlando akukaze kwenzeke ukuthi umprofethi amukelwe ngabantu, uhlale ethukwa noma ezingelwa, yikho-ke no Celestial esezakhelwe izitha ezingaka kwamanye amaKrestu!
 
60.Lapha ngizocaphuna ezinye zezintshumayelo zika Celestial, bese umuntu engitshela ukuthi lezi zintshumayelo zehluke ngani kwezo-Isaya, oJeremia, o-Amose, oHezekeli ngabanye abaprofethi abaningi? Kulentshumayelo loMprofethikazi uthi:
 
61.“Ubani okutshele ukuthi ungakhumula ubulili bakho njengesicathulo, bese ugqoka lokho okufunwa nguwe, uye kudokotela uthi: ‘Ngenze ngibe yintombazane ngoba nginaleyo mizwa?’ Ubani okutshele ukuthi kwenziwa kanjalo?
 
62.“Uma ibandla selehlulekile ukwenza umsebenzi walo, ylingefezeki ngani ivesi leBhayibheli elithi ‘manje isikhathi sokwehlulela sesifikile’?
 
63.Kungani lingegcwaliseke leli vesi uma sehluleka ukuba usawoti, uma sehluleka ukuba ukukhanya?”
 
64.Noma besilokhu sesaba ukukhuluma siqondise, kodwa ilizwi lithi angichaze ukuthi kungani kulelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu sihlala silwa sithi amakholwa engalokothi abe ngongqingili!
 
65.Abantu abangongqingili bahlale bezithethelela, bezinikeza izizathu zokuthi kungani kufanele bebe ngongqingili.
 
66.Kodwa ingelosi ithi ngendlela okwenyanywa ngayo ubungqingili ezulwini, akukho Mehluleli oyoma phambi kwakho uthethe icala lokuba ngungqingili!
 
67.Kodwa ekufeni kwakho, umphefumulo wakho uyovele uye ezulwini longqingili!
 
68.Kodwa okumele ukwazi ukuthi ezulwini longqingili uyofike uhlale odakeni khona uphile impilo yobungulube! Umuntu ongungqingili ezulwini uyefana nengulube; uNkulunkulu akafuni nokukubona!
 
69.Umuntu ongungqingili uphila odakeni lwamakaka akhe nawabanye ongqingili, futhi lamakaka kobe kuyiwo ukudla kwakho. Usho njalo lomuntu ovela ezulwini!
 
70.Ithi-ke ingelosi, sibeluleke abantu abadala nezingane, ukuthi ekugcineni bazobhekana nosizi olunjani uma beqhuba lempilo yobungqingili! UNkulunkulu akanaso isikhathi sabo!
 
71.Uthi-ke lomuntu wasezulwini, kwelizayo kuzophela konke lokhu kuphaphela uNkulunkulu, okutholakala sekuyithi esibekela uNkulunkulu indlela okumele siphile ngayo!
 
72.Uma sithi ungavumi ukuba ngungqingile, sisuke sisiza wena, ngoba uma ukhetha impilo yobungqingili, usazoba nokukhala nokugedla amazinyo kwelizayo!
 
73.Lapha lomprofethi uthi uma sekunokonakala okungaka emhlabeni, yini engavimba ukuba uNkulunkulu awubhubhise umhlaba?
 
74.Kobe kungaqali ukuthi uNkulunkulu awubhubhise umhlaba ngokona kwabantu, walibhubhisa iGomora neSodoma. Nangaleso sikhathi isono esasisibi kakhulu Kwaku yikho ukuba ngungqingili!
 
75.Uthi ke uCelestial: “Uma ungumKrestu kodwa ube ulalela uBeyonce, ulalela u’Jay Zee,’ ulalela laba bantu abenza umculo onezinhlamvu ezingcolileyo;
 
76.uthathe ubuso bakho ulandele uKirk Franklin ohamba izwe lonke edansa ngendlela enokungcola, edansa ngokutshikiza njengomqwayizi, kodwa ngithi uma ngikukhuza bese uthi angingahluleli?”
 
77.Uma ke sekunesibhicongo endlini yakho ufuna ukubuyela kuNkulunkulu usugaqa ngamadolo, usuzocela umusa, kube sengathi kukhona uNkulunkulu okukweleta khona!” Amen!
 
78.Lenkulumo ingikhumbuza into ehlale ikhulunywa yingelosi, ithi abantu abaningi bazithokozisa ngayo yonke into, bekhohlwe impela ubukhona bukaNkulunkulu, kodwa kuthi mhla sebesezi nkingeni bese bekhumbula ukuthi kukhona uNkulunkulu!
 
79.Ithi-ke ingelosi: “UNkulunkulu umazelaphi, ubona ukuthi uNkulunkulu yinto okufanele ugijimele kuyo, uyikhumbule mhla usezinkingeni, yize ungaze ngazihilupha ngokumkhonza, wenza uNkulunkulu isisebenzi sakho?”
 
80.Amakholwa amaningi-ke uwafica ehlale ehlabelela ngoJesu, bese becabanga ukuthi ukukholwake lokho, bayeke lokhu okushiwo nguNkulunkulunku ukuthi ukholwa kuye ukugcina umthetho wakhe!
 
81.Uyaqhubeka uCelestial uthi: “IBhayibheli lithi melana nakho konke ukungalungi (1 Thessalonians 5:22). Melana nanoma yiliphi iphunga lokungalungi, gwema konke okubonakala kukubi!
 
82.Kuthi kunamadimoni awu 54 kulama concert okungcola, nawe ubonakale ulapho, uhlanganyela emikhubeni yokungenisa abantu ebuthakathini.
 
83.Manje ke ufuna ukubuyela kuNkulunkulu ukhulume kuye ngezidingo zakho, …uthi ngabantwana bakho ababi?
 
84.Kodwa uwena umntwana omubi, awuqondakali, ubumnyama nokukhanya kuhlangana kuwe!
 
85.Ayikho indawo yabantu abanjalo eMbusweni wezulu! Awukwazi ukudlala kanjalo noNkulunkulu ucabange ukuthi uzohlala ekubekezelela!!
 
86.Uyaqhubeka lomprofethi uthi: “Wenza kanjani ukuba ugqoke ngendlela echukuluza imizwa yenkanuko, uveze umzimba wakho kubantu, bese uthi ‘cha, nguye onenkanuko enhliziyweni yakhe; kodwa lenkanuko ekubo yakhiwe nguwe!’
 
87.Ubufebe bakho, nemvelo ka Delilah, yikho okuchukuluza inkanuko!!
 
88.Abesifazane balesi sizwe bazolinga abantu besilisa, bese bethi, ‘ngizigqokele mina.’ Awugqokele othandana naye, futhi awuzigqokele wena; ugqokele ukuthatha amehlo abantu!
 
89.Abazenzeli bona konke lokho; benziwa wumoya wepigogo okubo, benziwa umoya kaLeviyathani okubo!
 
90.Benziwa wubufebe bukaJezebheli okuyibo obugqokisa abesifazane baleli zwe!
 
91.Abantu abakhohliswa yilo moya osebenza kubo yibo abesifazane uqobo; kanye nawo amadoda uqobo lwawo!
 
92.Lapho iPhini likaMengameli waleli zwe(9-Amerika) ehamba etshela amazwe ukuba amukele ubungqingili, ekusho lokho emazweni azibusayo nazimeleyo!
 
93.I-America yathuma lo wesifazane ukuba ayokhuthaza ucansi lwabesilisa kanye nocansi lwabesifazane, ethi ‘thatha le mali ube wungqingili!’
 
94.Bonke abantu basibonile senza lokhu!! Kodwa sifuna ukuthi akufanele kube nokwahlulela ngalezi zizathu!!
 
95.Uma izinhliziyo zethu zingathinteki ukuba siphendukeni, iNkosi izolishisa leli zwe, futhi ngandlela thile wonke umuntu kulelizwe uzokhokha. Senginitshelile ukuthi akukho nhliziyo kulelizwe engeke yephuke…
 
96.Uthi-ke lomprofethi: “Bengikhuluma neNkosi namhlanje ngithi, ‘Baba, laba bantu badinga ukuqonda ukuthi awuwenzi amaphutha.’
 
97.Udinga ukuqonda enhliziyweni nasemphefumulweni wakho, ngendlela engiqonda ngayo enhliziyweni yami nasemphefumulweni wami, ukuthi uNkulunkulu akawenzi amaphutha.
 
98.Uma uNkulunkulu ethi ukwenzile; kungcono uqale ukukhala uphenduke, ngoba ukwenzile. Noma ngabe awukaka kwenzi, usukwenzile, uNkulunkulu usekubonile ukwenza!!
 
99.Into nje esingayenza thina esisenyameni ukukhuleka sicele ukuba uNkulunkulu asilondoloze kulokho esingakakwenzi ukuze singabe sisakwenza. Yinhlakanipho leyo kumKrestu!
 
100.Ubani okutshele ukuthi usathane unendaba nemiphumela yempilo yakho? Ubani okutshele ukuthi usathane unendaba nemiphefumulo yethu kuleli zwe?
 
101.Ubani okutshele ukuthi usathane angathumela umuntu eze la ezokhuluma kuwe amazwi aphilisayo, akutshele ukuthi ukuvuka embhedeni ongawazi njengendoda eganiweyo akusiyo indlela okuhamba ngayo embhalweni?
 
103.Akutshele ukuthi amadoda amabili awakwazi ukulala ndawonye embhedeni, nokuthi owesifazane akakwazi ukuguquka abe yindoda futhi nendoda ayikwazi ukuguquka ibe ngowesifazane?
 
104.Ubani okutshele ukuthi uNkulunkulu kufanele azitshwe kanje, ashaywe indiva kanje, akhishwe inyumbazane kanje, alinyazwe kanje, adelelwe kanje?
 
105.Yisiphi isizwe esingenza izinto enginitshela ngazo bese siqhubeka. Ngitshele ukuthi yisiphi leso sizwe?
 
106.Siyakwazi yini isizwe ukushintshana ngonkulunkulu bese siqhubeka? Kungenzeka lokho? Kukhona lokho eBhayibhelini? Usuke wakuzwa lokho ngaphambili?” Amen!
 
107.Njengoba ngishilo, umprofethi uyaye akhulume njengoba kukhuluma lomprofethikazi, atshele abantu iqiniso lasezulwini!
 
108.Ngaphambili abantu ababephucula amakhanda ziboshwa, kodwa namuhla ikhanda seliphuculwa nangabafundisi.
 
109.Amatatoo ayenziwa ziboshwa, kodwa namuhla asenziwa nangosaziwayo, ngiyakholwa bakhona nabafundisi abanama tatoo!
 
110.Kuqala amantombazane abema emgwaqeni etshikizise izinqe, egqoke izingubo ezimfisha ukukhanukelisa amadoda, bekungabaqwayizi, kodwa namuhla iningi lamantombazane aseziphethisa kwabaqwayizi!
 
112.Namuhla iningi lamantombazane asefaka izikethi eziveza umzimba kuze kufike ezinqeni.
 
113. Komabona kude bonke batholakala betshikizise izinqe, benza yonke imikhubo njengabaqwayizi!
 
114.Awusekho umehluko phakathi kwentombazana eziphethe kahle nonondindwa!
 
115.Njengoba esho uCelestial, uma ukhuza lemikhuba eyenziwa ngabesifazane okweshela abesilisa ngokugqoka kuvele umzimba, behlale betsikiza izinqe zabo njengabaqwayizi, beqonde ukukhanukelisa abesilisa, kuthiwa uyehlulela!
 
115.Kodwa okuyiqiniso ukuthi yibona abesifazane abasuke bekhanukela abesilisa!
 
116.Uma ugqoke isiketi esishaya ezinqeni ungumuntu wesifazane, usuke ufune kube ngabesifazane abakukhanukelayo? Cha, nguwe osuke ukhanukela abesilisa, nguwe osuke umema abesilisa!
 
117.Nalezikhethi esezavuleka emaceleni ukuveza amathanga, zakhelwe ukuvusa inkanuko yabesilisa! Abanye besifazane, njengoZodwa wabantu, abasafaki ngisho ipaint!
 
118.UJehova kuJeremiya 4:22 uJehova uthi: “Yebo abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, kodwa abakwazi ukwenza okuhle!”
 
119. Sengathi thina esesikhethe uJehova, inkosi ingasinika ukuhlakanipha kwasezulwini, sikwazi ukwehlukanisa okuthandwa nokwenyanya nguJehova uNkulunkulu wethu, asiphe inhliziyo yokwenyanya isono!
 
INkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *