Uma uthi unosiko oluphambene nomthetho kaJehova, usuke usumhlubukile uJehova. Lokho kufanele kucacele noma ngubani oyinzalo kaJakobe!
Isihlabelelo 17
1.Oshawayo akalahlwa
Makangazideli
Chorus: Phaphamani phaphamani
Nina ma-Afrika.
2.Izimbombo zokhothamo
Zithobela wena.
Chorus
3.Izitha zikaJehova
Zivukela wena.
Chorus
4.Abemukeliswa ubukhosi
Phezu kwalentaba.
Chorus
5.Sebefuna ukukwephuca
Ubukhosi baphakade.
Chorus.
1.Angiphinde ngisho ukuthi siyambonga uJehova uNkulunkulu waseKuphakameni ngokuthuma uMongameli waseRussia ukuvundulula iqiniso ebesilifihlelwe ngabezizwe ukuthi yithi isizwe sikaJehova!
2.Ngenxa yeRussia, nathi sesiyazi ukuthi kusukela emnyakeni yo 1400 amaRoma ashintsha imifanekiso yokhokho bethu, kuhlanganisa noYeshua onguMesaya, bamenza owabo, kanti basakhela isithixo!
3.Lento eyenziwe nguMongameli uPutin ayincane, inkulu kakhulu ezulwini, ngoba okwenziwa yilesi sizwe kungukwedelela uNkulunkulu uqobo!
4. Kodwa okukhulu kakhulu ukuthi uYeshua umprofethi wethu bamnika elabo igama, okungasilo owayelinikwe nguJehova, bangagcina lapho, kodwa bamenza unkulunkulu wabo olwa noJehova!
5.Lemifanekiso yokhokho bethu beyifihliwe emazweni amaningi abamhlophe, kuhlanganisa nayo iRussia, angazi ukuthi ukuba uPutin akayivezanga besoze sazi nini ukuthi uYeshua kwakungumuntu omnyama!
6.Abakwazi ukuyiphika lemifanekiso ngoba ibigcinwe kuma-archives kusukela ko 1400, namagama okhokho bethu isaqoshiwe kubo!
7.Ngaphambili, eminyakeni yo 70 A.D, isizwe samaRoma sahlasela sabulala amaHebheru abalelwa esigidini.
8.Sebesinqobile, base besibiza ngamaNegro namaBantu ukuze kungaphinde kwazeke ukuthi yithina amaHebheru, ngoba sekuyibo abamhlophe esebaziwa ngokuthi bangamaHebheru! Lesi sizwe singuSathane ohamba ngezinyawo!
9.Akugcini lapho, leli gama lokuthi nguYeshua lavela ezulwini, kodwa abamhlophe balichitha, base besikhonzisa elesithixo sabo!
10.Kodwa futhi kwakufanele, ngoba uYeshua noJesus ngabantu abehlukene, abavela ezizweni ezahlukene!
11.Bazama ngawo wonke amandla ukuntshontsha isibusiso sethu, kodwa ekugcineni kwagcina uNkulunkulu!
Ngike ngafunda lapho kuthiwa khona uJesu wasungula inkolo yobuKrestu eminyakeni yo 305 A.D. angaze ngazi ukuthi lembudane yokukhuluma bayithathaphi, ngoba uYeshua wabethelwa esiphambanweni eminyakeni yo 33 A.D!
12.Akugcini lapho, ngo 492 A.D, umfanekiso kaYeshua, okungumuntu omnyama, nawo bawushintsha, ekugcineni uPapa wathi akudwetshwe indodana yakhe okwagcina sekuyiyo uJesu!
13.Abanye ke abantu abamnyama bathi, hhiya, konke lokho akusho lutho, lokhu bekushiswa ukuthi sebebuswa isisinga sobugqila bezinye izizwe!
14.Ukuba siyisizwe esiziqhenyayo ngobuthina, besizozikhipha zonke lezi zithombe zikaJesu wabelungu, bese sifaka isithombe soJesu wakithi!
15.Lezi zithombe zaleli Ntaliyane ezifakwe ezindlini zamasonto ziyisiqalekiso ebekufanele bonke abantu abamnyama bazikhiphe beyozishisa, ngoba ukuzigcina sekungukukhonza izithixo zemithi sesazi!
16.Kodwa abantu abamnyama ngenke bakwenze lokho, ngoba namanje bazitshela ukuthi uNkulunkulu wabo ilomlungu abamfake ngisho ezintanyeni zabo!
17.Sicabanga ukuthi uma uNkulunkulu ebuka lobu buqili uthini? Asiboni ukuthi lesi sizwe sidelela uNkulunkulu uqobo?
18.UNkulunkulu angafike adale abantu bakhe ebalethele uMprofethi, bese kuqhamuka esinye isizwe sikushintshe konke lokhu, siphendule uMprofethi kaJehova abe yisithixo sabo?
19.Ngike ngafunda inkulumo yoMprofethi uCelestial ekhuluma ngabo lobu buqili bebandla lamaKhatholika lokushintsha imifanekiso yethu beyenze eyesizwe sabo. LoMprofethi lendaba uyibeka kanje:
20.“Kunesikhathi eside kakhulu okungenzeka sibe yimihla ye Renaissance, lapho abantu babeguqula khona abaphostoli kanye nebandla lokuqala, bebenza babonakale bengabantu abamhlophe. Lokhu kwakufihlwa ngezindlela zonke!
21.Ucabanga ukuthi yini eyayenza kube nemizamo engaka yokuthuma inqwaba yama artist?
22.Ngikhuluma ngezindodla zamasaka egolide elallikhokhelwa ama artist ukuba angenzi lutho ngaphandle kokuba ahlale phansi apende imifanekiso ngaphezu kwale eyabe isikhona.
23.Kwathiwa le ekhona (yabantu abamnyama) awayiqoqele ezindaweni ezicashileyo, eyithukuse emehlweni abantu!
24.Leli yiqiniso elikhulu lomlando, futhi linendawo yalo ngoba iBhayibheli lithi akukho okufihliweyo okungayikwambulwa; akukho mfihlo engeke yembulwe!
25.Ngesikhathi iNkosi iqala ukukhuluma kimi ngokuthi yibaphi abantwana bangempela baka-Israel, kwakungo 2016 okuyiminyaka ecishe ibe yishumi eyedlule.
26.Ngakho-ke le ndaba iyona ndaba emqoka ngezikhathi zokugcina, akukhathalekile ukuthi ubani ozocasuka ngenxa yalokhu ngoba enebala elitihile!
27.Kuyamangalisa ukuthi ubani ozama ukuyenza ize le ndaba, aze ayenze udaba lwebala labantu, ezama ukuyenza ize ngokuyibiza ngenzondo ebhekiswe kwabamhlophe?
28.Kungenzeka kanjani ukuba iqiniso leBhayibheli libe yinzondo ebhekiswe kwabebala elithile?
29.Ababuqondi yini abantu ubukhulu bukaNkulunkulu, nokuthi akanakuvinjwa yizindatshana eziyize zepolitiki okuyizo eziqhubeza ingxoxo kulelizwe?
30.Ukuxoxa kwalapha e-America akusabalele neze, futhi kulawulwe kakhulu; kufanele kulandele imigudu ethile kuthiwe: ‘ungumuntu ogonyiweyo noma ungumuntu ongagonyiwe?
31.Uyahambisana nalokhu, ukuyi-cult ethile? UngumHebheru wakwa-Israel?’
32.Kepha-ke uNkulunkulu ukhuluma ngezinto ezinzima, udaba lokuthi ngobani ama-Israel!
33.Akugcini ngokuthinta leli zwe elincanyana elizocwila ekujuleni kolwandle ngesikhathi salo.
34.Udaba lokuthi ngobani ama-Israel oqobo luyimpicabadala yamakhulu eminyaka!
35.Njengalokhu abantu babesebenza kanzima ukuthukusa ukuthi wayenjani uJesu kanye nabantu bakubo, uma kunendlela yokucabanga ethi akunacala ukuthi ubukeka enjani manje, ngicela kesihlolisise indlela yokucabanga ngesikhathi lapho kwakuthukusiwe ngandlela zonke ukuthi wayebukeka kanjani!
36.Kwakubangwa yini ukuvunyelwa ukuba kube mqoka ngaleso sikhathi ukumthukusa ngaleyo ndlela? Ngikhuluma ngeBandla lamaKhatolika elangena shi kulokhu!! “Amen!
36.Akukholakali okwenziwe nguPutin, ukuthi isizwe sakhe esimhlophe singamfuni uJesu omnyama, kodwa ngoba loMongameli emele iqiniso, unembeza wakhe wamlahla, waliveza iqiniso lokuthi okuseqinisweni uJesu ngumuntu omnyama!
37.Bakhonziswa unkulunkulu owakhiwe zihlakaniphi zasebumnyameni, ziphikisa lokho okwakhiwe nguNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba!
38.Kodwa isizwe sakithi besithukuthela sikubize ngazo zonke izinhlamba uma usitshela ukuthi uJesu akaze abe ngumlungu, nokuthi uJesu wazalwa ngamaHebheru, okuyithi!
39.Abanye bebesihleka, besibona singabantu abasangene emakhanda, nabangenwa umoya wokuhlubuka!
40.Inkolo yomdabu, njengobuKrestu, iyinkolo esukela ekuhlubukeni kwama-Israel, ehlubuka uJehova, bethatha imikhuba yezizwe. Akusho mina, kodwa ngumlando obhalwe phansi nguye uMoshe.
41.KuDutoronomi 18: 9-15 uMose wakhuluma lamazwI kubantwana bakwa-Israel: “Kuyothi uma usufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ungalokothi ufunde ukwenza izinengiso njengalabo bezizwe.
42.Makungafunyanwa muntu phakathi kwenu onikela ngendodana yakhe noma ngendodakazi yakhe ngokuyidabulisa emlilweni. (Lolusiko luyenziwe esizweni sAmaXhiosa).
43.Noma umbhuli, ohlola imihlola, owenza imilingo, noma umlumbi, owenza iziphonso, othinta imimoya yabangasekho, nobiza akhuphule imimoya yamadlozi. (Lokhu kusho ukuya emsamo uyokhuluma nomuntu osewafa, umhlabele inkomo noma imbuzi!).
44.Yilowo nalowo owenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova. Ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho wazixosha lezi zizwe phambi kwakho. Mawungabi nacala kuJehova uNkulunkulu wakho.
45.Lezo zizwe oyoziphuca izwe lazo ziyabalalela abahlola imihlola, nezangoma, kodwa wena uJehova uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo.
47.UJehova uNkulunkulu wakho uyokuvusela uMprofethi onjengami phakathi kwakho, kubafowenu, niyomlalela yena!” Amen!
48.Lenkulumo kaMose iyabonisa ukuthi ukuhlabela amadlozi, ukubhula, izangoma nokunye, kwakuyimikhuba eyayitholakala kwezinye izizwe abahlangana nazo ohambeni lwabo. UJehova wasenqabela ukuba senze izinto eziyisinengiso kuJehova njengazo!
49.Lemikhuba yabezizwa sayenza ngoba sesimhlubukile uJehova, kodwa namuhla usuzwa uma behlubuka uJehova bese bethi: “Thina sigcina amasiko ethu.”
50.Alukho usiko thina nzalo ka-Israel esinalo ngaphandle kokuhamba ngezimiso zikaJehova!
51.Uma uthi unosiko oluphambene nomthetho kaJehova, usuke usumhlubukile uJehova. Lokho kufanele kucacele noma ngubani oyinzalo kaJakobe!
52.UShembe uBabamkhulu wasikhumbuza ukuthi uJehova wasishayela umthetho wokuthi singayi emsamo sokhuluma nabantu abangasekho, futhi singazihlanganisi nezangoma!
53.Noma amanye amaNazaretha asemhlubukile uBabamkhulu, bezenza dede lezi zinto, thina maNazaretha kaNkulunkulu sisemi emazwini akhulunywa nguJoshua, kuJoshua 24:14-15, lapho ethi:
54.“Manje mesabeni uJehova, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nibasuse onkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho bengaphesheya komfula naseGibhithe, nikhonze uJehova.
55.Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo. Kepha mina nendlu yami siyakumkhona uJehova!”
56.Lamazwi abhekiswe kithi esingamaNazaretha. UShembe uBabamkhulu uthi asikhethe noma sizokhonza obabamkhulu, sizozihlanganisa nezangoma, sisonte nazo, nathi sithwase, noma sizakhele onkulunkulu bethu ebandleni likaJehovsa? AmaNazaretha akakhethe!
57.Kodwa mina namaNazaretha kaNkulunkulu siyomkhonza uJehova njengoba sifundisiwe nguShembe uBabamkhulu!
58.Ukubuyela kumaKrestu, uYeshua onguMesaya wayengaphansi kwenkolo kaMoshe owayemukela kuJehova entabeni yaseSnayi ngo 1446 B.C.
59.Akukho nkolo uYeshua owayisungula, ngaphandle kokuthi wafundisa ngomthetho kaJehova owawulethwe kithi nguMoshe!
60.Kodwa kujwayelekile ukuzwa sekunamaKrestu athi ubuKrestu yinkolo eyasungulwa nguYeshua, yize uYeshua wayeliJuda elahamba emhlabeni cishe ngo 33 A.D. Manje usexhumaphi enkolweni yabezizwe?
61.UbuKrestu kwavela enkolweni yamaRoma sekwadlula iminyaka cishe engamakhulu amabili uYeshua wahamba emhlabeni, kodwa izifundiswa zakithi azisabheki nokuthi kwenziwa yini kuyi New Testament ingavezwa iminyaka yokuzalwa nokuhamba emhlabeni kukaYeshua?
62.Abamhhlophe bayazi ukuthi uma beveza iminyaka, leminyaka izoshayisana nempilo kaYeshua onguHebheru, nowayezalwa nguMaria noJosefa, bese kuyacaca ukuthi kunomkhonyovu lapha!
63.Ngakolunye uhlangothi, inkolo yamaRoma, eyagcina isibizwa nge Christianity, yasungulwa ngu Constantine the Great, owayengumbusi wesizwe samaRoma.
64.Lenkolo abanye bayaye bethi wathi eyisungula uConstantine ubuKrestu base bukhona, kuphela yena owakwenza kwaba ukwenza ubuKrestu kube yinkolo!
65.Noma ngabe kunjalo, kodwa akukushintshi ukuthi ubuKrestu yinkolo eyasungulwa ngabezizwe eRome, sekuphele iminyaka engapheulu kwamakhulu amabili uYeshua onguMesaya nowayengumJuda, sewahamba!
66.Kungumlando oqondile ukuthi uYeshua wayefundisa ngombuso wezulu, ethi ukuze singene embusweni wezulu kufanele sihambe ngokwezimiso zikaMoshe!
67.UYeshua eselapha emhlabeni wayeshumayela ngokukholwa kokugcinwa komthetho kaMoshe. Bheka uMathewu 5:17-19; Mathewu 7:21-23, Mathewu 13:41-43; amaHebheru 10:26-28 neminye.
68.Entshumayelweni ibisoKhozini ngiyenze uPutin engakasho ukuthi uJesu kwakungumuntu omnyama.
68.Kulentshumayelo ngiveze inkulumo yomlungu waseMelika, echaza ukuthi izwi likaNkulunkulu lafika kanjani kuye, lamchazela ukuthi abantu abamnyama bangabantwana bakaNkulunkulu, kodwa abathwele isiqalekiso sokuhlubuka uJehova njengoba kubhaliwe kuDutoronomu 28:15-68.
69.Lomlungu usichaze kahle lesi sibonakaliso uma okokuqala esizichaza ukuthi igama lakhe ngu Dana wasedolobheni i-Atlanta.
70.Uqhuba uthi: “NgeSabatha lomhla ka 19 ku July 2014 emveni kwezinsuku cishe ezimbili kwabulawa ngesihluku uEric Gardner, futhi sekuphele iminyaka engamashumi amabili ngishumayela edolobheni lase Chicago, ngazibonela ngokwami ukungabi bikho kobulungiswa nencindezelo ebhekiswe kwabamnyama!
71.Ekugcineni ngakwemukela ukuthi inkolo yobu Krestu iyabandlulula ngokwebala, ngathi ngunkulunkulu esimkhonzayo obandlululayo!
72.Ngamane ngaphakamisa ikhanda ngabheka phezulu ngathi: “fak nkulunkulu, angeke ngikhonze unkulunkulu obandlulula ngokwebala, oqalekisa abantu ngenxa nje yebala labo!”
73.Kwathi lapho ngisabhekile nje, ngabe sengizwa izwi lithi: “Cha ndodana, abaqalekisiwe laba bantu, kodwa bayifa eliyigugu kimi, abantwana bami bekhethelo laba.”
74.Ngase ngiyalelwa ukufunda incwadi uDeturenomi 28, njengoba bengihamba nginqamula nje egumbini ngase ngicosha iBhayibheli ebengilijikijele phansi.
Sengifuna ukulifunda-ke manje. Ngisafunda ivesi nevesi, izinyembezi bezizehlela nje ziphophoma.” Amen!
75.Kodwa namanje kunabantu okuyaye kuthi ngoba sebemhlubukile uJehova bephike into esobala ukuthi konke lokhu kugqilazwa kwethu kungenxa yokuthi okhokho bethu beqa isivumelwano abasenza noNkulunkulu emandulo!
76. Sekuphele iminyaka engaphezu kweshumi ngitshela isizwe sakithi ukuthi yithi amaHebheru, ukugqilazwa ngabezizwe kusukela esiqalekisweni esasehlela kuDutoronomi 28, mhla sihlubuka uNkulunkulu.
68.UMprofethi u-Isaya Shembe kade wayehlale esikhumbuza ngokwephula kokhokho bethu lesi sivumelwane, okwenza nathi sithwale izono zabo.
69.Kodwa kusobala ukuthi isizwe sakithi namanje sisathi,’thina silandela amasiko ethu!”
70.Okusho ukuthi sizolwela ukugcina amasiko okhokho ababoshiwe, nathi sisaboshiwe, singakulweli ukuthi uJehova asikhulule kulokhu kuboshwa?
71.Ngike ngabona kwamanye ama video abelungu bekhala ngempela, bekhalela ukuthi kanti uJesu ngumuntu omnyama! Kodwa ngiyazi ukuthi thina sizolokhu sigodle lesi zithixo esasakhelwa ngabelungu kuthiwa singu Jesu! Shame on you black man!
72.Ngethemba ukuthi nalelivangeli eliyinkoloze lokubuya kukaJesu lisazoke lime, ngoba abamhlophe ngenke besakwazi ukulokhu besanganiswa ukubuya kwaJesu omnyama!
73.Sesikhulume kakhulu ngokuthi lelivangeli lobuKrestu lisa abantu esihogweni, ngoba abafundisi balo bakhohlisa abantu ngokufundisa okuphambene nalokhu okufundiswa liBhayibheli!
74.Kuyisimanga ukuthi lokhu kuvele amaqiniso ngoJesu omnyama, okunguye owayeyindodana kaMaria noJosefa, amabandla amakhulu obuKrestu, ikakhulukazi ne South African Council of Churches sezivele zangena ezintangeni!
75.Umbuzo uthi iSouth African Council of Churches kwenzeka kanjani ukuthi lenhlangano enkulu yamaBandla obuKrestu ingatholakali iphawula ngalokhu okutholwe nguPutin, ngoba iphawula kuqala uma kuza kuyipolitiki, ibonise nohlangothi eluthathayo!
76.UJesu omhlophe ngunkulunkulu wabo, njengabaholi bamabandla amakhulu obuKrestu, yisehlo lesi okulindeleke ukuba baphawule ngaso!
77.Bangeniswa yini manje ezintangeni? Ngabe nabo bebeyazi yini lento yokuthi uJesu akakaze abe ngumlungu: Uma kunjalo kungasho ukuthi bebebambisa isizwe esimnyama iqanda lenjelane ngalenkolo ethuka uNkulunkulu!
78.Angiboni ukuthi bengabafundisi abakhulu kangaka enkolweni yabo, bengakwazi lokho?
79.Yisikhathi sokukhululeka komuntu omnyama lesi, asizidingi phakathi kwethu izimpisi ezigqoke isikhumba semvu zibe phakathi kwethu!
80.Njengoba abamhlophe besifundise ngoJesu ongekho, abagcinanga lapho, nevangeli abasifundise lona lilwa nomthetho kaMose kanye nevangeli likaJesu ngokugcinwa komthetho kaMose. Kodwa balekelelwa ngabafundisi abamnyama!
81.Kulentshumayelo ngizobheka izimfundiso zabaphostoli ngokugcinwa komthetho kaMose.
82.KUmaHebheru 10: 26-28, kuthi: “Uma sona ngamabomu emva kokuba sesulwamukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, AKUSEKHO MHLATSHELO ONGENZIWA NGENXA YEZONO, KEPHA KUPHELA UKULINDELA UKWEHLULELWA OKWESABEKAYO NOMLILO OVUTHAYO UKUNGQONGQISA AMAPHIKANKANI.
83.NOMA NGUBANI OPHULA UMTHETHO KAMOSE UYAKUFA ENGENAKUHAWUKELWA NGEZWI LOFAKAZI ABABILI NOMA ABATHATHU!”
84.Okokuqala lapha uPaul ukhuluma ngomhlatshelo wezimbuzi ukususa izono, okungumthetho kaMoshe oku- Old Testament. Akasitsheli lutho ngokuthi ngokufelwa nguYeshua esiphambanweni asisenasono.
85.Okwesibili, uPaul usifundisa ngokuthi uma umuntu esekholiwe, wakwazi ukuhlukanisa okubi nokuhle, kodwa aqhubeke nokwenza isono, ayisekho intethelelo, kuphela ukulahlelwa esihogweni.
86.Kodwa akufundiswa lokho emabandleni, kuhlale kushunyayelwa ngothando lukaJesu lokusifela izono, uCelestial okubiza ngokuthi “i-Love Theology.”
87.Njalo uma kushunyayelwa, abamhlophe basifundise ukuthi sihlale sibabaza uthando lukaJesu, sikhohlwe yindaba yokugcina umthetho kaNkulunkulu. Lokhu kuyizindlela eziphansi zokuchitha umthetho kaMose!
88.KwabaseKorinte besibili isahluko 5:10, uPaul uthi: “Ngokuba thina sonke simelwe ukuba sibonakaliswe phambi kwesihlalo sikaKrestu SOKWAHLULELA, ukuze yilowo nalowo AMUKELISWE NGALOKHO AKWENZILEYO ESEMZIMBENI, NOMA OKUHLE NOMA OKUBI!”
89.Manje-ke intethelelo yezono ozenzileyo ingenaphi njengoba ethi uPaul sokwahlulelwa, semukeliswe ngalokho esikwenze sisemhlabeni?
90.Angazi ukuthi kanti abafundisi bakithi bafunda liphi iBhayibheli, ngoba njalo uma beya enkonzweni abalilandeli leliBhayibheli abahlale beliphethe!
91.Ngaso sonke isikhathi uma sebesenkonzweni bafundisa abantu okungekho kuleliBhayibheli abalibiza ngokuthi liyincwadi engcwele.
92.Njengoba oPhezukonke esikuvezile ngomlomo kaPutin ukuthi ayikho lento enguJesu omhlophe, okukhulu ngokuzayo, uNkulunkulu usazokuveza ukuthi lelivangeli elishunyayelwayo umbombayi, lizohlekisa ngoJehova uNkulunkulu wethu!
INkosi ibusise enikuzwile!