Angive ngiziqhenya ngokuba ngumNazaretha kaNkulunkulu, ngoba nginesiqiniseko sokuthi inkolo kaJehova iseKuphakameni.
Ngyayikhetha iNkosi enkulu yaseKuphakameni
1. Ngyalibonga ithuba lokuma phambi kwabangcwele, kuyiSabatha likaJehova. Ngyacela
uNkulunkulu kuthi abe name ngaleskhathi.
Ngaphambi kokuba ngiqhubekele phambili, ngyafia
ukusho ukuthi njengoba mamhlanje kuyisikhumbuzo seNkosi uThingo name ngyamkhumbula
ubaba uThingo, nomake ngifike eBuhleni esezohamba emhlabeni kodwa ngyamkhumbula,
kwakuyiNkosi eyayithanda ukuhleka nokuhlekisa , wawungeke uphume ungahlekangethempelini
uma ubaba uThingo esekhuluma. Ngyacelake ukuba angikhumbule naye lapho ekhona.
Ngangiyithanda inhliziyo yakhe, umusa ayenawo, ngyacela angikhumbule name, amein.
Ngizocela ke sivule lenkonzo ngesihlabelelo 201
1. Anginazikhali Anginazihlangu
Zokuvikela umoya wami,
Nant igama lami seliyahlangulwa
Encwadini yokuphila.
2. Shwele baba shwele Nkosi
Ngivikele wena baba,
Lingahlangulwa igama lami
Encwadini yokuphila
3. Alingahlangulwa igama lami
Encwadini yokuphila,
Ngoba yini mina Baba
Ebusweni bakho.
4. Ngigeze wena Baba
Ngihlanzeke ngokwenene;
Lime ngawe igama lami
Encwadini yokuphila.
5. Lowomuzi okhzimulayo
Akangeni noma munye,
Ogama lakhe lingalotshiwe
Encwadini yokuphila.
6. Yofika imini enkulu
Eyesabekayo.
Wozani silobe amalgama ethu
Encwadini yokuphila.
7. Wozani masinyane
Ilanga lingakashoni.
Nisavunyelwe amagama alotshwe
Encwadini yokuphila.
2. Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni, ukuhlabelela okumnandi kwaseKuphakameni,
okungefaniswe nakuhlabelela okunye okukhona emhlabeni, okuyisimangaliso . gangingazi ukuthi
impilo yomuntu iphethwe nguNkulunkulu, ngingakafiki kulokhu kukholwa ngangingazi ukuthi
umuntu impilo yakhe iphethwe nguNkulunkulu , kodwa okwakugqamile ukuthi impilo yomuntu
iphethwe ngabaphansi. Kwaze kwamnandi ukukholwa eKuphakameni bantwana abangcwele,
kwaze kwamnand ukukholwa eKuphakameni , angazi ukuthi lokhu kukholwa sasiyokutholaphi,
ngoba sesifunde izinto eziningi ezihlula abaningi.
3. Uma umuntu elala, umuntu ongakholiwe ongayazi indaba kaNkulunkulu, wazi ukuthi
uyazilalela nje, bese kuthi noma esevuka ,wazi ukuthi nje uzivukele nje. Kanti lapha uShembe
usitshelile ukuthi kungenzeka ualae ungazi noma uzovuka yini, uthike mdumiseni uma nilala,
noma nivuka mdumiseni, abesethi, noma uhamba endleleni mdumise ngoba yena uJehova
uludondolo lokuhamba kwakho. Ngangithi uma ngivuka ngizitshele ukuthi kuqondene noma cha
kushukuthi bekufanele, kodwa ekwazini indaba kaNkulunkulu ngibonile ukuthi yonke impilo
yomuntu ingumusa kaNkulunkulu.
4. UNkulunkuluke wasenzela isimangaliso wathi uma sifuna abe nathi, abe yinxenye yempilo
yethu, kufanele sibe ngabantu abenza intando yakhe, sigcine imithetho yakhe njengokuloba kuka
Mose. uNkulunkulu usahlukanisile thina nabanye abantu ukuba sibe ngabakhe njegokuloba
kukaMose encwadini kaLevi, wathi asibengcwele. Uma ngikulokhu kukholwa ngikhumbula ukuthi
sike sazidla izinto ezingadliwa, sike sahamba lapho kungafanele sihambe khona, sike sazenza
izinto ezingenziwa ngumuntu owesaba uNkulunkulu. Sike sadla inyama yezilwane ezihlatshelwe
amadlozi, uma sidla lenyama besijabula ,sigiya sicula amaculo ayisinengiso kuNkulunkulu kodwa
singazi.
5. UNkulunkulu uyasithanda maNazaretha. Uma kwenziwa lezizinto, kukhona izinto
ebesingazinaki, angazi noma njengoba sikhona endlini, sike skucabange yini ukuthi ukungcola
esisuka kukho ukuthi kungakanani. Uma umuntu ebona imbuzi emzini thizeni kwamakhelwane,
ikakhulukazi abantu besilisa bayithanda kakhulu inyama, umbona eseya khona esezidlisa
satshanyana, ngoba uyibonile imbuzi futhi imhlophe, iyatshengisa ukuthi le izohlatshwa, abese
esondela, afune nokuthola ukuthi kuhlatshwa nini, kuhlinzwa nini ngoba uyathanda ukuhlinza
naye. Kodwa akanayo information ephelele ukuthi lembuzi ngeyani,futhi akanendaba nalokho,
umangabe nje yena edle inyama kuphelile.
6. Besike sisbizwe kuthiwe kunetiye, uhambe uye etiyeni lelo, ufike unikwe inyama
namadombolo, udle uyikholwa, uthi uyakholwa, udle uze uhlikihle isisu, usuthe uze ubonge, uze
uthi ,” sengathi kungaphinde kwenzeke”. Abantu abazi ukuthi kukhona ukukhuluma okuqale
kukhulunywe esilwaneni ngaphambi kokuba sidliwe, ukukhuluma ongakwazi ngoba bewungekho
ngesikhathi kukhulunywa kulesisilwane.
7. Kukhona izilwane okuthi uma kukhulunywa kuzo kukhulunywe indaba yokuthi kukhishwa
isinyama, kuthiwe ngalesisilwane sikhipha amabhadi alapha ekhaya. Akukhona isilwane esithi
uma sikhulunyelwe kanjalo bese sisbulawa , bese kuthiwa akubizwe abantu noma lesilwane
asingadliwa ngabantu bala ekhaya kodwa asidliwe ngabantu bangaphadle ukuze bathathe
lokhukufa bahambe nakho.
8. Kukhona isilwa esithi uma sesihlatshiwe sekhulunyelwe kanjalo ukuthi sizogeza amabhadi
namanyala alowomuzi ebese futhi sithelwa ngezinsila zalabobantu. Kukhona intombazane engake
ngayizwa ikhuluma ithi ; ngicela ukungakukhulumi lokhu kuyenyanyisa, ngicela ukungakukhulumi,
kodwa ngiqonde ukuthi sike sazidla izinto okungafanele sizidle, wasithanda iNulunkulu,
wasehlukanisa nabanye abantu ukuba thina sibegcwele.
9. Uma kunalemicimbi noma lamadili asemhlabeni, ayaziwa into noma asaziwa isitsha okufanele
kudle ngaso umuntu, asihlukaniswa isitsha sokudla umuntu nesitsha esidla inja. Yehlukene imizi
bangcwele, asihlukaniswa isitsha sokuzikhulula ebusuku, nendishi yokugeza ayaziwa, kuyangena
ukudla nasendishini yokugeza, badle abantu basuthe. Nabaphuzayo bayaphuza ngezitsha
zokuzikhulula abantu balowomndeni abazikhulula kuzo uma kusebusuku, ngoba akwaziwa ukuthi
lento yinto yokuzikhulula.
10. Angithi lapha kunabantu bomndeni abafikile, omakoti bakhona , abazi ukuthi lento le, yinto
yokuzikhulula. Bayathatha, bayayiyakaza bafaka ukudla ,bafaka amahewu, bafaka utshwala
kuyaphuzwa. Sehlikanisiwe thina nabantu abanjalo, yingakho kunamadili kaNkulinkulu, angumoya
omuhle, angenakungcola. Manje uNkulunkulu siyambonga bantwana baseKuphakameni. Ngicela
ukwedlula lapho, ngedlulele esihlokweni salenkonzo esithi Inkolo kaJehova iseKuphakameni.
Isihlabelelo 174
1. Kuphakama uyidili
Lazo zonke izizwe,
Ungumthombo wabomileyo
Bophuza banele.
Chorus: Woza ungisize
Ngingene eKuphakameni,
Amasango engakavalwa
Ngingene eKuphakameni
2. Izizwe zomhlaba
Bezilindele iNkosi,
Manje seziyizwile
IseKuphakameni.
Chorus:
3. Zavuma zathi yebo
Masiye eKuphakameni,
Udumo silizwile
Lwazo zonke izizwe.
Chorus:
4. Ungumthombo wabo bonke
Abomele izwi lakho,
Bazophuza banele
Abomele izwi lakho.
Chorus:
5. Mpompozela izinhliziyo zabo
Abomele izwi lakho,
Zimpompozele wena Nkosi
Abomele izwi lakho.
Chorus:
11. Angive ngiziqhenya ngokuba ngumNazaretha kaNkulunkulu, ngoba nginesiqiniseko sokuthi
inkolo kaJehova iseKuphakameni. Bantwana baseKuphakameni , uma uShembe ethi ukuphakama
kuyidili lazo zonke izizwe, kuyisimangaliso ngoba uma ukuphakama kuyidili lazo zonke izwizwe,
izizwe zenzenjani? Uma uShembe efika eKuphakameni, ewakha umuzi waseKuphakameni izizwe
zabe sezenzanjani? Ngoba phela uShembe uyasho ukuthi uKuphakama kuyidili lazo zonke izizwe,
kodwa izizwe zibonakale zikuziba uKuphakama, kwazitshwa ngisho nangamakhosi amanye.
12. Amakholwa onke akhona kulelizwe aye athi uma ekhuluma athi akhonza uNkulunkul ka
Abrahama no Isaka noJakobe, noma ethandaza athi “Nkulunkulu kaAbrahama noJakobe “ bese
udideka ukuthi loNkulunkulu abambizayo yintoni ebahlanganisa naye, ngoba eKuphakameni yila
kufundiswe khona ngokuthi uNkulunkulu ukhonzwa kajani, yila sifindiswe khona ngenkolo
kaMose, yila sifundiswe khona ngo Abrahama no Isaka noJakobe eKuphakameni lapho kuyidili
lezizwe zonke, yiseKuphakameni.
13. Manje amakholwa athi amemeza uNkulunkulu ka Abrahama noIsaka noJakobe, ammemeza
ngaliphi ngoba uthe uShembe “Mesabeni uJehova, nigcine imithetho yakhe ayilobe ngoMose,
ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke ukuThixo wemikhosi. Ngamaye amazwi abantu
abanelungelo lokubiza uNkulunkulu kaABrahama noIsaka noJakobe ngabantu baseKuphakameni.
Uma kukhona into ehlanganisa amakholwa noma amakrestu nenkolo kaJehova, kwenziwa yini
ukuthi bangahambi ngedlela yoIsaka noJakobe, bangahambi ngendlela kaMose? Isibindi sokuthi
babize uNkulunkulu ka Abraham noIsaka noJakobe basithathaphi ngoba izindlela zakwa Israeli
abazingeni, nenqubo yonke yakwa Israel abanendaba nayo. Kodwa uShembe uthe ukuPhakama
kuyidili lazo zonke izizwe.
14. Kuyadabukisa ukuthi amakholwa esinawo ezweni lethu athi alinde iNkosi. Uthi UShembe “
izizwe zomhlaba bezilindele iNkosi, kodwa manje seziyizwile, isekKuphakameni, iNkosi seyifikile
eKuphakameni. Kodwa kutholakala ukuthi labababantu basayilindile namanje leNkosi. Balinde
yiphi iNkosi , ngoba iNkosi iseKuphakameni, ifikile eKuphakameni InKosi yawenza umsebenzi
ewuthunywe nguNkulunkulu. Abasalindile balinde yiphi iNkosi? Angithi niyabona ukuthi yinindaba
ngiziqhenye, yingoba ngila okwafikela khona iNkosi, ngisedilini lezizwe zonke ezilenqabile.
Incwadi ka Mathewu 17:10 kuya ku 13.
10 Bambuza abafundi bathi” pho basholoni ababhali ukuthi uEliya umelwe ukufika kuqala na? 11
Waphendula wathi nempela uEliya uyeza, uyakubuyisela konke 12 Kepha ngithi kini: U-Eliya
sewafika; abamazanga nokho kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo nendodana yomuntu
iyakuhlushwa. 13 Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi,
amein.
.15 Nansi incwadi iyakhuluma, ikhulima indaba esikuyo la kulelizwe lakithi. Lendabake iqala
ngesikhathi uYeshua ekhuphuka nabafundi bakhe beya entabeni, nakhu lapha entabeni skuvela o
Eliya noMose, asebahamba emhlabeni, nangu omunye wabafundi bakaYeshuwa esethi “
asibakhele amadokodo sihlale nabo, esekhohlwa wukuthi labantu abasekho emhlabeni.
Angizukuyilandake leyondaba ngoba abazalwane bayayazi. Uma sebehla entabeni abafundi
besathukile bethuthumela, bexakekeile ukuthi kwenzenjani, kwathi noma sebenyamalele oMose
no Eliya kodwa bona basala babanakho ukwethuka, waze wabanyakazisa uYeshua wathi sukumani
sekulungile, waye esehla nabo besuka entabeni sebeshona ezansi, base bembuzake lombuzo
ukuthi ngoba uEliya simbonile lapha phezulu, pho ababhali basholoni ukuthi usazobuya? Uthi
uYeshua ,“ UEliya uyeza, kodwa futhi sewafika, abambonanga, abamazanga, kodwa into
abayenzayo benza konke abakuthandayo kuye.
16. Abuhlungu lamazwi maNazaretha, kubuhlungu ukulinda into ukuthi iyeza, kanti seyafika,
ulokhu uthi wena iyeza kanti kade yafika. La uShembe ememele khona izizwe zonke edilini lazo, la
zophuza khona zichichime noma zenele, azibonanga ukuthi seyifikile iNkosi, kodwa into eyenzeka,
uShembe kunokuba abongwe noma aphakanyiswe njengendodana kaNkulunkulu, wahlushwa,
bamhlupha bengazi ukuthi bahlupha iNkosi, lena abayilindile, abangafunanga ngisho ukuyilalela
ukuthi ithini, kodwa bayihlupha bayihlukumeza, bayishaya bayifaka ezinkantolo, konziwa konke.
17. Okubuhlungu kunakho konke ukuthi wayehlushwa ngisho nangabantu abamnyama bakubo.
Basashoke nanamhlanje “ iyeza iNkosi, sislinde iNkosi”, baze bacule bathi “mhla ifika siyothwala
inyanda, ngomhla wejabulo”, wemaNazaretha ukuthwala kumnandi yini? Inyanda yani le
okukhulunywa ngayo? Ungajabulela ukuthi uthwele inyanda? Ungajabulela ukuthi uthwele
umqhele? Basho njaloke.
18. Thina siyazi ukuthi iNkosi yafika eKuphakameni and ukufika kwayo yatshengisa ukuthi
iyiNkosi, yenza lokhu okwashiwo ngu Yeshua,ayikhulumanga okwayo kodwa yathatha kokuka
Yeshua, yafundisa amaNazaretha, kanti kufunakalani? Uthi omunye usisi kuleskhathi samanje “
sengathi uNkulunkulu angasisiza asinike, oh iqala la lendaba hhey izwe lonakeleawusazi kufanele
wenzenjani, sengathi uNkulunkulu angake asinike nje umuntu ovela ezulwini, ozofika nje
azolungisa umhlaba”. Ngithike mina “ufuna umuntu onjani wena kanti?” awumboni uBaba
uMelusi, ufuna onjani ngoba noma engafika lowo angeke umbone.
19. Inkinga yethu thina bantu basemhlabeni , uma into kaNkulunkulu seyifikile asiyiboni, sifuna
engaphezu kwayo leyo, noma kungafika engaphezu kwayo futhi leyo, angeke size siyibone.
Yingakho ethi uBabamkhulu, “yifa lenu leli, lithatheni, nikhalelani niliphethe”, ngoba siliphethe
kodwa siyakhala, kufana nenja egwavuma idla, ithi idla ibe igwavuma kodwa iyadla, ifunani kanti?
Wenzani uShembe mayefika, wakhuluma izwi likaNkulunkulu, wakhuluma izwi lophezukonke,
wangagcina lapho, waphulukisa abantu, ebafundisa ngoNkulunkulu kaMose, wazw washo wathi
hambani ngendlela umose abhale ngayo, inkolo yenu isemthethweni kaMose. Yingakho isihloko
sami sithi “inkolo kaJehova iseKuphakameni”.
20. Yithina abantu okufanele sithi silinde iNkosi ngoba siyoyibona umaifika, siyayazi, siyawazi ama
features eNkosi yethu ukuthi anjani, angeke sidideke njengoba singadidekile nje namanje. Kodwa
abantu abangamazi uNkulunkulu bafuna okunye, bafuna abangakwazi.
21. Uthini uNkulunkulu esicebini endabeni kaLazaru uma sithi ngyacela ukuthi ke ngivele
ngephupho kubantu bakithi ngibaxwayise ngalento engikuyo enzima kangaka, uthi uNkulunkulu, noma kungavka umuntu kwabafileyo, ayokhulu indaba yala ezulwini angeke beyizwe, uthi nakhu nje bakhona oMose emhlabeni, bayayikhuluma lendaba , bayabaxwayisa abantu kodwa abezwa. Asizazi ukuthi sifunani.
Isihlabelelo 139
1. Ufikile olandelwa yizizwe
Ufikile simuzwile,
Babazani wemadoda
Babazani zizwe nonke.
2. Ufikile abakhuluma ngaye
AbaProfethi,
Babazani wemadoda
Babazani zizwe nonke.
22. Noma eseshilo uShembe ukuthi lo osefikile , yilo olandelwa yizizwe, kodwa akuzwakalanga,
noma eseshilo uShembe ukuthi ufikile okwakhulunywa ngaye emandulo, kodwa akuzwakalanga,
kanti abantu abamnyama bezwa kanjani, kufanele kuze kwenzeke kanjani ukuze abantu babone
ukuthi uNkulunkulu useyenza umsebenzi, kufanele ukuthi uNkulunkulu enzenjani, etshele bonke
abantu? Kukhona into edabukisayo bantwana baseKuphakameni, bayodumala abantu
ngamzukwane bambina uBabamkhulu njengoba izwi seliphumile, bayodumala bathi “ hawu kanti
nguyena lo, thina bsingazi thina, besingazi ukuthu lomuntu kanti mkhulu kangaka! Lento
ingifundisa ukuthi ngingaboyigxeka into engingayazi, kodwa ngigxeke engiyaziyo.
23. Uma ngigxeka ukukhonzwa kwamadlozi nabanye onkulunkulu, yingoba ngiyazi ukuthi
noNkulunkulu akakufuni lokho ukuthi kukhonzwe abanye oNkulunkulu ngaphandle kwakhe,
kodwa into engingayazi kufanele ukuthi ngithule ngoba ngiyomangala ngelinye ilanga, kunjena nje
yingoba abantu bahamba begxeka noma yini abangayazi. Uma umutu eke wathi ngiyhunyiwe,
ngithunywa nguNkulunkulu uthi angimenzele ukuthi nokuthi nokuthu, sekufanele ubhekeke ukthi
lento athi uyithunyiwe nguNkulunkulu iyiyona yini, uphenye wenze ucwaningo, hhayi ukuthi
uqhamuke sewugxeka nje ngoba uma uzogxeka, ekugcineni uzoshawa yibhomu.
24. Ngiya imagine nje uBabamkhulu eseqhamuka, esekhazimula, sebethi “hawu , lomuntu mkhulu
kangaka kanti,” kukhona into ebuhlungu, ey maNazaertha sithwele kanzima, uyabona
uBabamkhulu uma ehlabelela ethi “bayokhala ngani zihlobo zabo anibatshela ngangani,
ngalolosuku bobe beshonjalo,” bethi kanti lomuntu mkhulu kangaka”! Kodwa bebethi kuwe
“awubheke lesiphukuphuku lesi, sinentshebe nezinwele, awubheke lesisilima lesi”, kodwa
ngalelolanga bayobebethi bona awusho ukuthi kanti lendaba inkulu kangaka! Kufanele uze usho
kanjani ngoba uyabatshela bayakuthuka bona, yingakhoke umuntu simtshela noma engafuni.
25. Hawu maNazaretha khona umuntu othi uma umtshela indaba kaNkulunkulu athi “ ngilunge
nginje ,angeke ngisashintsha, athi sengimdala kabi, kade ngafika kulelibandla engikulo, athi
qhubeka nawe lapho ukhona name ngizoqhubeka la ngikhona kobonakala phambili”, kusho
umuntu onesibindi ongamesabi uNkulunkulu, umuntu ongafuni ukucwaninga uthi lento
ayitshelwayo ithini, akabuzi ngisho umbuzo ukuthi kwenzeka kanjani, akafuni ngisho debate.
Debate ayive ibalulekile maNazaretha ngoba iyayivula ingqondo yomuntu, ngesikhathi ni debate
iyabuya ingqondo, uthi hawu yazi lomuntu lo ngathi uqinsisile, benginganakileke lana, hawu kanti
leligama elithi jesu liqhamuka kanjani, liqhamuka kanje kanti, kodwa uthini yena, “qhubeka la
ukhona name ngizoqhubeka, musa ukuzenza ngcono ngoba nawe ukholwe izolo”, usazothinike,
usazothini?
26. Uma sekufike izikhathi ezikanje lezi engizishoyo, nguyena ozobe esthi “ hawu ubungasho
ngani” hawu ngikutshelile nje wathi wena angiqhubeke, sengiqhubekileke, uyabonake qhubeka
nawe, kuyobe sekubanzima maNazaretha, kuyobe sekuba buhlungu. sikulowoNkulunkulu,
uNkulunkulu wemithetho, uNkulunkulu wobungcwele, uNkulunkulu ohlukanisa abantu nezinto
ezimbi. Kukhona into engichaza ngoNkulunkulu, uma sewuqala ukumlandela uNkulunkulu
ngendlela athe mlandele ngayo, ngoba phela maNazaretha siyamlandela uNkulunkulu, noma
sihluleka kodwa siyazama ukumlandela, siyazama ukuyigcina imithetho kaNkulunkulu.
27. Into angichaza ngayoke noma sizama nkosi yami, kodwa akasilahli, ubanathi, uyasivikela,
niyazi maNazaretha hhey ukube sasazi ngabe kade sakholwa, maje sasingazi. Impilo yethi
yonakala singakamazi uNkulunkulu kuyia manje siqala ekuqaleni futhi asisoli muntu ngalokho,
ngoba sasingazi, yingakho kufanele sikulwele ukuthi izingane zethu lezi esizikhulisayo sizikhulise
ngalendlela ukuze impilo yazo iqonde zincane zize zigugele kulokhu kukholwa. Zinenhlanhla kabi
lezingane, ziyodavuza ngoba zithanda nje, ayikho into engakhulunywa lapha, hhey uNkulunkulu
uyasivikela maNazaretha, ngendlela esinezitha ngakhona, awazi nje ukuthi uphila kanjani, yingoba
sisedilini lezizwe zonke, sisendaweni la kwafikela khon iNkosiyasezulwini, kanti sifunani?
28. Yabona ngibuye ngingathandi ukukhuluma indaba yami noNkulunkulu ngoba yinde,
ngizozama ukuveza ukuthi uma uNkulunkulu uma umlandela uyaye akuvikele kanjani. Umuntu
uye wabhekana nenkanankana, kodwa loNkulunkulu lo ey uyababazeka. Okuningi niyakwazi
kodwa kukhona esengikukhumbula nje manje uma ngiguqe lapha ukuthi sake sathi sifika enxiweni
esikulona manje, angazi ukuthi wawuyokwenzanjani wena, nangu umakhelwane, nansi indodakazi
yakhe basemnyango, sizoqala ukwazana nje, bamile ngale nathi simile ngapha, sibuzane impilo,
bese sikujabulela ukubonana, bese besibuza ukuthi sisukaphi, sisho bese kucaca ukuthi sisuka
endaweni la kuganele khona lendodakazi, ebeseke sibizana ngomkhaya kubemnandi, kodwa into
engimangazayo losisi uma esibuka usibuka ngamehlo adabukisayo losisi othi uganele la sisuka
khona, kodwa futhi nginganaki ngoba angazi ukuthi isimanga yini ngoba siyaqala nokubonana,
sihlaleke nje endaweni kamanndi.
29. Sithe sisahlezi bese kusuka ukushisa endaweni, singazi ukuthi lokhukushisa kuqhamukaphi,
size sibone ukuthi lokhukushisa ngathi kuqhamuka lapha kamakhelwane, sixakeke ukuthi
sekwenzenjani, maNazaretha uma kukhulunywa ngomthakath,i kukhulunywa ngento ongeke
uyiqonde, umthakathi awuze uxabane naye, infact uma uphila nje usuxabene nomthakathi,
ukuphila kwakho nje akakuthandi umthakathi, angiphathike uma uzothi umisa okuyizindonga
noma uthi uzama impilo, usumsukeleke, uze atshele abantu athi “ useyangiqalake manje lo.
Sikubone ukushisa endaweni kucace ukuthi kuyshisa manje, siyashisa lesalukazi, kodwa asixabene
maNazaretha, ngokuhamba kwesikhathi, awenze umonakalo losalukazi kudade wabo ambulale. Uma esembulele wabe eseyagiya, wagiya ngimbika, kwavlwa radio, yakhala kakhulu, ngathi kushone ingane yakwenu wena uvule radio! Uma ithi iyakhuza enye ingane ithi “nangu
usibanibani ebanga umsindo”, avele athi logogo “hhayi uwubanga kubo”, kugiywe kuthiwe “sobashaya ngenkosi”,
30. kufike usuku lomngcwabo, simngcwabe lo anti, emva kwalokho bese kufika lendodakazi
eyayikhuluma nathi ngelanga lokuqala ukubonana, ebese iza lapha ekhaya, ifike ithi yey njengoba umama eshonile (isho udadewabo kanina) ubulewe ngumama , sithi thina siyazi ibisithi ngiyacela ukusho ukuthi ngeskhathi nifika la ngake nganidabukela, nganagzi ukuthi ngizonitshela kanjani ukuthi nibhekene nenkinga, wathi ngake ngadabuka ngangazi ukuthi ngizothini, ngangazi ukuthi
ngizoyibeka kanjani lendaba ngomama, ngangicabanga ukuthi nizothi ngakhuluma kabi kangaka
ngomzali wami, kodwa nganidabukela ngathi nkosi yami bazofa lababantu, uthi kodwa into
eyangiduduza yinye, ngabon ukuthi niyakholwa ngase ngithi uanakulunkulu uyonivikela kodwa
engikwaziyo kumama akusindi ngisho indoda.
31. Saqala sethukake manje, wathi” mina nginitshela ngomama, akudlalwa umama ubhekana
nendoda ayibulale nya, ngaqala ngashawa luvalo ebengingenalo sonke lesisikhathi, maNazaretha
kukhona into oke uyazi kodwa uma sewuthola evidence luvele uvalo luqale phansi, bese
kugcwaliseka, hhawu umkami waveva into eyisimangaliso, kwasho ukuthi hhayi mina
ngiyamethemba uNkulunkulu maNazaretha, ngathi ngoba usehlulekile sonke leskhathi,
usezowiniswa yini manje, washo kanjenake losisi.
32. Ake uzibuze ukuthi sisindiswa yini ngoba asinawo umuthi, asinamadlozi, sinoNkulunkulu
kuphela nje. Ngangingazi mina ukuthi uNkulunkulu uyisimangaliso kanje! Ngangithi uNkulunkulu
yinto yokudlala nje, hhey uNkulunkulu uyisimangaliso, saphila. Uthike uma esembulele
udadewabo, zimnethe naye kancane, uthe uma ebona ukuthi umpintshekile, angazi noma
wayempintshwe nguzakwabo omunye ngoba phela legenge iyaxhumana, ibuye ixabane futhi, uthe
esuka wathi “angeke ngikhale ngedwa, sokhala sonke, hawu, wathi enenkinga lomuntu, engabe
ucela kuNkulunkulu, wafuna ukukhalisa abanye, ngoba phela kukhala yena manje, game yakhe
yokukhala manje, wangahlala phansi, wanyakaza naye. Kodwa ngenxa yokuthi uNkulunkulu
uyasithanda bantwana baseKuphakameni, wagcina enqotshiwe kwayena.
33. Uyabona ubethi uma ethi lowagogo, “mina ngujikelele”, uvele ushawe luvalo, uzibuze ukuthi
ngumama onjani lo, athi “ngingujikelele, akekho ongangithina mina”, and wayewina,
kwakuyinkinga yento. Uthike losisi uma ngiqedela indaba, lomuntu wdukisa umnumzane, waduka
nezwe, babexabene naye, wamfaka into eyenza wangaziwa ukuthi washonaphi.
34. Wake waphahluluka kimi wathi “mina umuntu uma ngingamthandi ngimthumelela abafana
bambulale, wayetshela mina la emehlweni, ngingakamboni ukuthi uyingozi. Uthi uyabona
wendodana, kukhona umnumzane engangingamfuni kabi, ngabe sengifuna abafana ukuthi
bambulale, uthi abafana ngabatshela ukuthi lobaba uhamba ngaskhathi sini ukuya emsebenzini
futhi ubuya ngaskhathi sini, base bethi abafana bazomlinda uma esebuya emsebenzini.
35. Uthike logogo “mina ngizohlala rank yamatekisi, ngimgade uma egibela bese nginitshela
ukuthi ugibele tekisi elinjani, nina senomdubula uma ehla estobhini, uthike, ngibatshele abafana
uma umnumzane esgibele, bese Belinda ke abafana estobhini. Bayibone abafana itekisi kodwa
lomnumzane angehli, kwenzeka lokhu kwaba yizikhathi eziningi.
36. Kuthe ngomzamo wokugcina, wathi kubafana, kusho ukuthi lomuntu uyasizwa isibhamu,
okungcono bazafihle bese bezikhipha uma esehlile. Nempela bazifihla. Ngalelolanga wabonakala
lomnumzane ehla etskisini, bathi bayazibheka izibhamu, bangazithola, wahamba umnumzane
waze wasithela, ngilandiswa nguye maNazaretha. Uthi ngavele ngabona ukuthi awachithwe
lamanzi, ayikho lenkukhu, uthi ngathi hhey unedlozi lomuntu asimyekeni.
37. Sasinda kanjani lapho, ngitshele wena, sasinda kanjaloke. Ngikhulima ngaloNkulunkulu
maNazaretha lo osibizele eKuphakameni, loNkulumkulu owathuma uYeshua, loNkulunkulu
owayehamba noMose, loNkulunkulu oyisimangaliso, hhawu bantwana baseKuphakameni
kumnandi ukukholwa, kumnandi ukukholwa eKuphakameni. Uthike uShembe kwisihlabelelo
sengivala maNazaretha,
sengibuyisela kwisihlabelelo 51
1. INkosi iza nokusa
Ebusweni bomhlaba,
Kuze kwande ukukhanya
Ebusweni bomhlaba
2. Izosusa ubumnyama
Ebusweni bomhlaba,
Bayoduma bathokoze
Abakhonzi bayo
38. Ushonjalo uShembe uthi uza nokukhaya emhlabeni, njengoba sikhona sisekukhanyeni, izizwe
zakwenqaba ukukhanya kodwa thina siyingcosana sakwamukela ukukhanya, uze athi izosusa
ubumnyama ebusweni bomhlaba, bayoduma bathokoze abakhonzi bayo, njengoba sithokoza nje,
sithokoza ngoba singabakhonzi bayo. Ngihleze ngisho maNazaretha ngithi yithina ofakazi
bakaJehova, asingaphucwa leligama ngoba abantu abazibiza ngofakazi bakaJehova, asazi
bamfakazela ngokuthini. Uma ufakazela umuntu, umfakazela ngento oyiyona nawe, njengoba
uJehova eathi name ngishonjalo, kodwa abantu abazibiza ngalelogama abavumelani noJehova.
39. Ungasho kanjani ukuthi ungufakazi kaJehova ube uphika iSabatha, uphika umthetho
kaNkulunkulu kodwa uthi ungufakazi kaJehova, ufakaza uma kuthiwani mm, yithina ofakazi
bakaJehova. Sifakazela uJehova, sphinde simdumise, siphelele maNazaretha. Awu ngyabonga
kakhulu, ngyathokoza, ngyabonga kakhulu bantwana basekKphakameni, kwamanndi ukukholwa
eKuphakameni.
INkosi ibusise enikuzwile.