Skip to content

Baba uMelusi

USHEMBE UNGUMVUSELELI WOMBUSO KAJEHOVA

Kodwa ngoba uNkulunkulu wayesithanda, uNkulunkulu akazange asidele, siphakamisa-ke udumo nokubonga kumdali wethu uJehova owathumela uMprofethi Isaya Shembe, (ukuthula kube kuye.) ukuba azovuselela umbuso kaNkulunkulu emhlabeni.

UMLILO OWACISHWA ABEZIZWE UVUKILE FUTHI

inkulumo oyithunywe uNkulunkulu kufanele uyilethe kubantu njengoba injalo, bekuzonde uma bekuzonda, kodwa wena ulisusile icala kuwe, ngoba lokhu othunywe khona ubatshelile abantu.

ISIZWE ESIMNYAMA SIDWANGUZA OSWINI

Lendaba yokuthi singamaHebheru ayehli kahle nasenkolweni yoMdabu, ngoba lokho kusho ukugcina umthetho kaJehova! Ngokomthetho kaJehova kumele sigcine iSabatha, singawahlabeli amadlozi, singazisondezi ezangomeni.